Ubungaphendula Kanjani?
IZIPHI IZENZAKALO EZABEHLELA BOBABILI?
1. Phakathi kwalezi zenzakalo ezikulolu hlu, kokelezela lezo nje ezabehlela bobabili, uMose kanye noJesu.
Wabizwa ukuba aphume eGibhithe
Wasinda ekubulaweni lapho esewusana
Waveza amanzi edwaleni
Wazila ukudla izinsuku ezingu-40
Wavusa abafileyo
Walengiswa esigxotsheni
UJehova wangcwaba isidumbu sakhe
◆ Embonweni, uMose wabonakala nini emi eceleni kukaJesu?
․․․․․
◆ Ubani omunye owabonakala emi naye?
․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngakho: UJesu wayengumprofethi onjengoMose ngaziphi ezinye izindlela?—IzEnzo 3:22.
KWENZEKA NINI?
Dweba umugqa oxhumanisa isenzakalo ngasinye nonyaka esenzeka ngawo.
1077 B.C.E. Cishe ngo-940 Cishe ngo-844 Kusukela ngo-778 Kusukela ngo-322
2. Isaya 1:1
3. Jona 1:14-17
NGINGUBANI?
5. Indodakazi yami yabulala izihlobo zayo yabe isithatha isihlalo sobukhosi sakwaJuda. Kodwa yaba indlovukazi eyabulawa ngobudlova njengami.
NGINGUBANI?
6. Ngabikezela indawo uMesiya ayeyozalelwa kuyo.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 11 Kungani uNkulunkulu ebheka igazi njengelingcwele? (Genesise 9:․․․)
Ikhasi 13 Isikebhe saseGalile sokudoba sangekhulu lokuqala sasingathwala abantu abangaki? (Johane 21:․․․)
Ikhasi 24 Kwenzekani lapho sibeka izithakazelo zabanye kuqala kunezethu siqu? (IzAga 11:․․․)
Ikhasi 29 Sazi ngani ukuthi abantu abafile abaphili njengezingelosi ezulwini? (UmShumayeli 9:․․․)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 27)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Wabizwa ukuba aphume eGibhithe. Wasinda ekubulaweni lapho esewusana. Wazila ukudla izinsuku ezingu-40. UJehova wangcwaba isidumbu sakhe.
◆ Phakathi nombono wokuguqulelwa kukaJesu kwesinye isimo.—Mathewu 17:1-3.
◆ U-Eliya.
2. Kusukela ngo-778 B.C.E.
3. Cishe ngo-844 B.C.E.
4. Cishe ngo-940 B.C.E.
5. UJezebeli.
6. UMika.—Mika 5:2.