Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/06 k. 28
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2007
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2007
  • AmaPilgrim Nokuzabalazela Kwawo Inkululeko
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 12/06 k. 28

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Kwenzekeni Othandweni? (March 2006) Izwe lihlanekezela incazelo yothando, futhi uSathane ufuna ukuluqeda nyá. Ulwazi olunjengalolu lusisiza ukuba sibonise uthando ngokoqobo nangendlela engenabugovu. Ngiyabonga ngokungisiza ukuba ngiyiqonde ngokucacile indlela uJehova afuna siyisebenzise ngayo le mfanelo enamandla.

Y. B., United States

Ngasala nginesizungu lapho abangane bami abaseduze ababili beyokhonza ebandleni elikhuluma olunye ulimi. Kodwa lapho nje sengihluleka ukusibekezelela, ngathola lo magazini. Ngiyabonga kakhulu ngesikhumbuzo esithi “Uma ufuna ukuthandwa, bonisa uthando kwabanye.” Kusukela manje kuqhubeke, ngihlela ‘ukwanuleka’ nokubonisa uthando ngokusuka enhliziyweni ukuze ngikwazi ukwakha ubungane obusha.—2 Korinte 6:12, 13.

M. T., Japan

Ukubhekana Nenselele Yokukhula (February 2006) Ngezinye izikhathi ngiye ngibe nomuzwa wokuthi abantu asebekhulile abanakwa. Sekuphele iminyaka engu-11 manje nginakekela umyeni wami ogulayo. Ngisazizwa nginesizungu ngezinye izikhathi. Ngiye ngafunda izihloko ezikule Phaphama! ngiphindelela futhi ngalalela nekhasethi izikhathi eziningana. Lo magazini uyilokho kanye ebengikudinga. Ngibonga kakhulu.

S. T., Japan

Izitho Zokwenziwa (February 2006) Ngibonga kakhulu ngesihloko senu esikhuluma ngezitho zokwenziwa. Lapho nginezinyanga ezine ngikhulelwe, satshelwa ukuthi umntwana wethu wayezozalwa engenazo izingalo nemilenze nokuthi wayezokwenzelwa imilenze yokufakelwa lapho esenonyaka. Lesi sihloko safika ngenyanga uDaryl ahlanganisa ngayo unyaka. Manje usefunda ukuma nokuhamba. Mina nomyeni wami silindele ngokulangazela isikhathi lapho uDaryl ‘eyoqombola khona njengendluzele.’—Isaya 35:6.

Y. A., France

Zikhona Izizathu Zokuphila (October 22, 2001) Sengiyifunde ngokuphindaphindiwe i-Phaphama! ka-October 22, 2001, ikakhulu lapho ngidangele. Lolu lwazi lunjengomuthi kimi, umehluko nje ukuthi lona aluphelelwa isikhathi. Lunikeza iseluleko nezisombululo eziwusizo kakhulu ezinkingeni zethu. I-Phaphama! ivuselela umoya wami, futhi ingenza ngibe nomuzwa wokuthi niyabakhathalela abantu abanjengami. Ngiyajabula futhi ngibonga kakhulu ngokuthi nihlala nikulungele ukungikhumbuza ukuthi “zikhona izizathu zokuphila”!

P. T., Madagascar

AmaPilgrim Kanye NamaPuritan—Ayengobani? (February 2006) Ngashaqeka lapho ngibona indlela enahlanekezela ngayo amaqiniso kulesi sihloko. Kunesizathu esibalulekile esenza amaNdiya aseNyakatho Melika angaligubhi iholidi le-Thanksgiving, kodwa nina navele nawagubuzela lawo maqiniso.

Igama ligodliwe, United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: Sicela uphawule ukuthi injongo yalesi sihloko yayingekona ukuxoxa ngomlando oningiliziwe woSuku Lwe-Thanksgiving. Izincwadi eziningana, kuhlanganise ne-“Encyclopædia Britannica,” zibika ukuthi ekwindla ka-1621, amaPilgrim agubha umkhosi wezinsuku ezintathu nabangane bawo abangamaNdiya. Lokhu kuchazwe encwadini ka-Edward Winslow, ayibhala ngo-December 11, 1621. Nokho, eminyakeni eyalandela, amaholidi emikhosi yokubonga ayegujwa nangezinye izenzakalo ngaphandle kwesivuno. Iholidi “lokubonga” elingathandeki kunawo wonke lamiswa uMbusi uJohn Winthrop waseMassachusetts Bay Colony ngo-1637 ngemva kokubulawa kwamakhulu amaNdiya esizwe samaPequot. Ngakho-ke, siyaqonda ukuthi kungani abanye abafundi ibacasula indaba yoSuku Lwe-Thanksgiving.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela