Ukubuka Okwezwe
◼ “Ingxenye yayo yonke imibhangqwana ekhona iyavuma ukuthi iye yahileleka kulokho okuthiwa ‘ukungathembeki ngokwezimali’—ukukhohlisa abangane bayo bomshado ngemali eyichithile.”—I-WALL STREET JOURNAL, E-U.S.A.
◼ “Indawo yaseGrisi engamaphesenti angu-84 isengozini eshaqisayo yokuba ugwadule kanti engamaphesenti angu-8 isiwugwadule kakade.”—I-KATHIMERINI (YESINGISI), EGRISI.
◼ ILateu, esesiQhingini saseTegua, eVanuatu, e-Oceania, ingase ibe umuzi wokuqala ukuba ushiywe dengwane—noma uthuthelwe kwenye indawo, uma sikubeka kahle—ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu. Izindlu zakhona ziye “zambozwa amanzi ezikhukhula namagagasi agubha ngamandla.”—I-VANUATU NEWS, EVANUATU.
Bayanda Abantu Abaneminyaka Eyikhulu
Umagazini i-New Scientist uthi sekuvame kakhulu kulezi zinsuku ukuba abantu baphile baze babe neminyaka eyikhulu ubudala. Manje kukhona abangaba ngu-200 000 emhlabeni wonke abaneminyaka eyikhulu. Ngaphezu kwalokho, lo magazini uthi abangu-66 babo baye bafinyelela iminyaka engu-110. I-New Scientist iyaqaphela ukuthi kunzima ngezinye izikhathi ukuthola ubufakazi obuqinisekisa ukuthi umuntu usephile iminyaka eminingi kakhulu, kodwa “ukuntuleka kwamarekhodi anokwethenjelwa kusho ukuthi inani langempela labantu abaphilayo namuhla asebevile eminyakeni engu-105 lifinyelela isibalo esiphakeme sabangaba ngu-450.”
Umbulali Oyimfihlo Uyembulwa
Umagazini waseCanada i-Maclean’s uthi: “I-DNA eyaqoqwa emazinyweni emhumeni wamathuna amadala ase-Athens iye yasiza ekutholeni” umbulali wamandulo. Encwadini yakhe ethi History of the Peloponnesian War, umlobi ongumGreki uThucydides ukhuluma ngesifo esiwumshayabhuqe esasakazeka e-Athens cishe ngo-430 B.C.E., futhi esabangela ukuba iSparta eyimbangi inqobe empini eyayiphakathi kwala madolobha amabili. Incazelo kaThucydides’ yalesi sifo yayingacacile ngokwanele ukuba kungaziwa ukuthi kwakuyisifo sini ngempela. Nokho, manje kuye kwabikwa ukuthi ukuhlaziywa kwengaphakathi lezinyo, elingawagcina amakhulu eminyaka amagciwane abangela izifo, kuye kwasiza abacwaningi ukuba bathole ukuthi lo mbulali oyimfihlo kwakuyi-typhoid fever.
Abagibeli Bamakamela Abangamarobhothi
Umdlalo womjaho wamakamela, othandwa kakhulu emazweni asePersian Gulf, wasongelwa lapho amaqembu alwela amalungelo abantu egxeka ukusetshenziswa kwezingane njengabagibeli bamakamela. Nokho, ukuze amakamela abe nejubane elanele, izazi zithi abagibeli kufanele babe nesisindo esingaphansi kwamakhilogremu angu-27, okwenza ngisho nentsha ingafaneleki. Liyini-ke ikhambi? Abagibeli abangamarobhothi. Abaklami baseSwitzerland baye baklama irobhothi elilawulwa ngomshini elinesisindo esingamakhilogremu angu-26, elingase liboshelwe esihlalweni esikhethekile sekamela. Ukuze ikamela lingethuki, leli robhothi libukeka njengomuntu futhi liyakwazi ukukhuluma. Kanti liyakwazi nokugoba, ukubambelela, ukusebenzisa isiswebhu nokuqondisa amatomu ekamela. Abanikazi bamakamela bamagange ngokusetshenziswa kwala marobhothi.
Imbewu Eyamila Ngemva Kweminyaka Engu-2 000
Izihlahla zesundu zaseJudiya lasendulo, ezazaziswa kakhulu ngobuhle, umthunzi nokwelapha kwazo, zacekelwa phansi amabutho ezimpi zokholo phakathi neNkathi Ephakathi. Kodwa manje i-New York Times ibika ukuthi “odokotela nososayensi bakwa-Israel baye baphumelela ekwenzeni ukuba imbewu yesundu eneminyaka ecishe ibe ngu-2 000 imile. Le mbewu, ebizwa ngegama eliyisifekethiso elithi uMethusela, yatholakala ngesikhathi kuvubukulwa eMasada,” inqaba esentabeni eyanqotshwa amaRoma ngo-73 C.E. Isazi sezitshalo zasogwadule, uDkt. Elaine Solowey, okuyisona esenza ukuba le mbewu imile, siphawula ukuthi kuyothatha iminyaka ukuba lesi sithombo sithele izithelo, nakhona uma kuwuhlobo oluthelayo. Sithi: “Uma singatheli, siyoba isihlahla esivusa ilukuluku nje kuphela.”