Induduzo Ngabacindezelekile
“Konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.” (Roma 8:22) Ukuhlupheka kwabantu kwakukukhulu lapho lamazwi elotshwa eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule. Abaningi babecindezelekile. Ngakho, amaKristu anxuswa: “Niduduze imiphefumulo ecindezelekile.”—1 Thesalonika 5:14, New World Translation.
Namuhla, ukukhathazeka kwesintu kukhulu ngisho nangaphezulu, futhi abantu abaningi kakhulu kunanini bacindezelekile. Kodwa ingabe lokho kufanele kusimangaze? Akunjalo ngempela, ngoba iBhayibheli lichaza lezinsuku ngokuthi ‘izinsuku zokugcina’ futhi lizibiza ngokuthi “izikhathi ezinzima.” (2 Thimothewu 3:1-5) UJesu Kristu wabikezela ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina kwakuyoba ‘nemibono eyesabekayo.’—Luka 21:7-11; Mathewu 24:3-14.
Lapho abantu bebhekana nokukhathazeka, ukwesaba, usizi okuthatha isikhathi eside, noma eminye imizwelo ebuhlungu kanjalo, ngokuvamile bayacindezeleka. Imbangela yokucindezeleka noma yosizi olweqile ingase ibe ukufa kothandekayo, isahlukaniso, ukulahlekelwa umsebenzi, noma ukugula okungadambi. Abantu bayacindezeleka futhi lapho beba nomuzwa wokungabi usizo lwalutho, lapho benomuzwa wokuthi bayizehluleki futhi baye badumaza wonke umuntu. Noma ubani singamlimaza isimo esicindezelayo, kodwa lapho umuntu eba nomuzwa wokungabi nathemba futhi engayiboni indlela yokuphuma kulesimo esibi, umphumela ungase ube ukucindezeleka okukhulu.
Abantu ezikhathini zasendulo babeba nayo imizwa enjalo. UJobe wahlushwa ukugula kanye nezehlakalo ezibuhlungu ezamehlela yena siqu. Waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayemshiyile, ngakho wezwakalisa ukukuzonda ukuphila. (Jobe 10:1; 29:2, 4, 5) UJakobe wayekhathazekile ngenxa yendodana yakhe okwakubonakala sengathi ifile, engafuni ukududuzwa futhi efisa ukufa. (Genesise 37:33-35) Izizwa inecala ngenxa yesono esingathi sína, iNkosi uDavide yadabuka: “Usuku lonke ngihamba ngilila. Ngibuthakathaka.”—IHubo 38:6, 8; 2 Korinte 7:5, 6.
Namuhla, abaningi baye bacindezeleka ngenxa yokuzikhandla ngokweqile, bezama ukulandela isimiso sansuku zonke esingaphezu kwamandla abo engqondo, emizwelo, nawomzimba. Ngokusobala ukucindezeleka, kuhambisana nemicabango kanye nemizwelo emibi, kungawuthinta umzimba futhi kubangele ukungalingani kwamakhemikhali ebuchosheni, ngaleyondlela kulethe ukucindezeleka.—Qhathanisa nezAga 14:30.
Usizo Abaludingayo
UEphafrodithu, umKristu wekhulu lokuqala leminyaka waseFilipi, ‘wacindezeleka ngenxa yokuthi [abangane bakhe] babezwile ukuthi uyagula.’ UEphafrodithu, owagula ngemva kokuba ethunywe eRoma abangane bakhe bemphathise nomphako kamphostoli uPawulu, mhlawumbe waba nomuzwa wokuthi wayedumaze abangane bakhe nokuthi babembheka njengesehluleki. (Filipi 2:25-27; 4:18) Umphostoli uPawulu wasiza kanjani?
Wathumela uEphafrodithu ekhaya nencwadi eyayiya kubangane baseFilipi eyayithi: “Mamukeleni [uEphafrodithu] eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa.” (Filipi 2:28-30) Iqiniso lokuthi uPawulu wakhuluma kahle kangaka ngaye nokuthi abaseFilipi bamamukela ngemfudumalo nangothando, ngokuqinisekile kumelwe ukuba lamduduza uEphafrodithu futhi lasiza ekunciphiseni ukucindezeleka kwakhe.
Ngokungangabazeki, iseluleko seBhayibheli ‘sokududuza imiphefumulo ecindezelekile’ singesingcono kakhulu. “Udinga ukwazi ukuthi abanye abantu bayakukhathalela njengomuntu,” kusho owesifazane owayehlushwa ukucindezeleka. “Udinga ukuzwa othile ethi, ‘ngiyaqonda; uzoba ngcono.’”
Umuntu ocindezelekile ngokuvamile kufanele athathe isinyathelo kuqala sokufuna umuntu onozwela angamthululela isifuba. Lowomuntu kufanele abe isilaleli esihle futhi abe nesineke ngempela. Kufanele agweme ukuthethisa umuntu ocindezelekile noma ukusho izinkulumo ezahlulelayo, ezinjengokuthi, ‘Akufanele uzizwe ngaleyondlela’ noma, ‘Leso isimo esibi sengqondo.’ Imizwelo yomuntu ocindezelekile iyashesha ukuthinteka, futhi izinkulumo ezinjalo ezigxekayo ziyomane nje zimenze azizwe kabi kakhulu ngaye ngokwakhe.
Umuntu ocindezelekile angase azizwe engenalusizo lwalutho. (Jona 4:3) Nokho, umuntu kufanele akhumbule ukuthi okuyikhona okubaluleke ngempela indlela uNkulunkulu amazisa ngayo. Abantu ‘abamshayanga-nto yalutho’ uJesu Kristu, kodwa lokhu akuzange kushintshe ukubaluleka kwakhe kwangempela kuNkulunkulu. (Isaya 53:3) Qiniseka, njengoba nje uNkulunkulu eyithanda iNdodana yakhe ethandekayo, uyakuthanda nawe.—Johane 3:16.
UJesu wabahawukela labo ababekhathazekile futhi wazama ukubasiza ukuba babone ukubaluleka kwabo ngabanye. (Mathewu 9:36; 11:28-30; 14:14) Wachaza ukuthi uNkulunkulu wazisa ngisho nemizwilili emincane, engabalulekile. Wathi: “Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.” Yeka ukuthi ubazisa kakhulu kangakanani abantu abazama ukwenza intando yakhe! UJesu wathi ngabo: “Nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.”—Luka 12:6, 7.
Yiqiniso, kungase kube nzima ngomuntu ocindezeleke kakhulu, okhungathekiswa ubuthakathaka bakhe kanye nokushiyeka, ukuba akholelwe ukuthi uNkulunkulu umazisa kakhulu kangaka. Angase aqiniseke ukuthi akalufanelekele uthando nokukhathalela kukaNkulunkulu. IZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi, ‘inhliziyo yethu ingasilahla.’ Kodwa ingabe leso isici esinqumayo? Cha akunjalo. UNkulunkulu uyaqaphela ukuthi abantu abayizoni bangase bacabange ngokuphambene baze ngisho bazilahle. Ngakho iZwi lakhe liyabaduduza: “UNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.”—1 Johane 3:19, 20.
Yebo, uBaba wethu onothando wasezulwini ubona ngalé kwezono zethu namaphutha. Uyazazi izimo ezinciphisa icala, inkambo yakho konke ukuphila kwethu, izisusa kanye nezinhloso zethu. Uyazi ukuthi sazuza ngofuzo isono, ukugula, kanye nokufa futhi ngenxa yalokho sinokulinganiselwa okukhulu. Lona kanye iqiniso lokuthi sizizwa sidabukile futhi sizithukuthelele liwubufakazi bokuthi asifuni ukona futhi asikabi babi kakhulu. IBhayibheli lithi ‘sabekwa ngaphansi kobuze’ kungesiyo intando yethu. Ngakho uNkulunkulu uzwelana nesimo sethu esidabukisayo, futhi ngozwela uyabucabangela ubuthakathaka bethu.—Roma 5:12; 8:20.
“UJehova unobubele nesihawu,” siyaqinisekiswa. “Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” (IHubo 103:8, 12, 14) Ngempela, uJehova “uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.
Usizo oludingwa kakhulu abantu abacindezelekile lutholakala ekusondeleni eduze kuNkulunkulu wabo onomusa nasekwamukeleni isimemo sakhe ‘sokuphonsa umthwalo wabo kuye.’ Ngokuqinisekile ‘angaziphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.’ (IHubo 55:22; Isaya 57:15) Ngakho iZwi likaNkulunkulu likhuthaza ukuba sithandaze, lithi: “Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu [kukaJehova], ngokuba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:7) Yebo, ngomthandazo nangokunxusa abantu bangasondela eduze noNkulunkulu futhi bajabulele “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.”—Filipi 4:6, 7; IHubo 16:8, 9.
Ukwenza ukulungisa okungokoqobo endleleni yokuphila nakho kungamsiza umuntu ukuba anqobe isimo sokucindezeleka. Ukuvivinya umzimba, ukudla ukudla okunomsoco, ukuthola umoya opholile kanye nokuphumula okwanele, nokugwema ukubukela iTV ngokweqile konke lokhu kubalulekile. Omunye owesifazane uye wasiza abantu abacindezelekile ngokubenza ukuba bahambe ngokushesha. Lapho intokazi ecindezelekile ithi: “Angikuthandi ukuhamba,” ngomusa kodwa ngokuqinile lona wesifazane waphendula: “Yebo, uzohamba.” Lona wesifazane wabika: ‘Sahamba amakhilomitha ayisithupha. Lapho sibuya, wayekhathele, kodwa wayezizwa engcono. Ngeke ukukholelwe ukuthi ukuvivinya umzimba ngomdlandla kuwusizo kangakanani kuze kube yilapho ukuzama.’
Nokho, ngezinye izikhathi akwenzeki ukukunqoba ngokuphelele ukucindezeleka, ngisho nalapho sekuzanywe yonke into, kuhlanganise nokwelashwa ngemithi. “Ngizame konke,” kwasho owesifazane oseminyakeni yamashumi amane, “kodwa ukucindezeleka kuselokhu kukhona.” Ngokufanayo, ngokuvamile manje akwenzeki ukuphulukisa izimpumputhe, izithulu, noma izixhwala. Nokho, abacindezelekile bangathola induduzo kanye nethemba ngokufunda njalo iZwi likaNkulunkulu, elinikeza ithemba eliqinisekile lokukhululeka phakade kukho konke ukugula kobuntu.—Roma 12:12; 15:4.
Lapho Kungekho Muntu Oyobuye Acindezeleke
Lapho uJesu echaza izinto ezesabekayo ezizofika emhlabeni phakathi nezinsuku zokugcina, wanezela: “Nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” (Luka 21:28) UJesu wayekhuluma ngokukhululelwa ezweni elisha lokulunga likaNkulunkulu, lapho “okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.
Yeka impumuzo okuyoba yiyo ngesintu ukuba sikhululwe emithwaleni yesikhathi esedlule nokuvuka usuku ngalunye sinezingqondo ezisangulukile, sinomdlandla wokuqalisa umsebenzi wosuku! Ngeke esaba khona umuntu oyophazanyiswa ifu lokucindezeleka. Isithembiso esiqinisekile esintwini siwukuthi uNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
Izingcaphuno zemiBhalo zivela eBhayibhelini lesiZulu elivamile, ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela.