Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 1/15 kk. 10-13
  • Bafuna Ukusiza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bafuna Ukusiza
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Induduzo Nokuzwelana
  • Ukucindezeleka Okukhulu
  • ‘Umshini Awusebenzi Kahle’
  • Kungenziwa
  • Indlela Yokusiza Abacindezelekile Ukuba Baphinde Bathole Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • “Nithokozise Abadanileyo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Induduzo Ngabacindezelekile
    Induduzo Ngabacindezelekile
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 1/15 kk. 10-13

Bafuna Ukusiza

“SIYANIYALA, bazalwane, . . . nithokozise abadanileyo.” (1 Thesalonika 5:14) Ngalamazwi ebandleni laseThesalonika, umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi ibandla lobuKristu lingamandla abalulekile alungiselelwe uNkulunkulu ukuba asekele abadanile. Noma imuphi umKristu ozizwa eqedwe amandla imizwelo emibi angathola induduzo nosizo phakathi kwabazalwane bakhe bobuKristu.

Umfundi uJakobe watusa ukucela abadala bebandla abamisiwe ngosizo. Wathi: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse.”—Jakobe 5:14, 15.

Kuthiwani uma omunye emadolonzima ukucela usizo kubadala? Omunye owesifazane owayenenkinga engathi sína wayenjalo, futhi uchaza isizathu: “Ekujuleni kwemicabango yami, nganginomuzwa wokuthi abadala ngeke bezwisise. Bayokucabangela njengephutha lami.” Kodwa emva kobunzima obukhulu bomkhaya washukunyiselwa ukuba aye kubo. Watholani? “Abadala kabaphelele. Kepha bezwisisa.”

Nokho, khumbula, umphostoli uPawulu wakhuthaza lonke ibandla ukuba ‘liduduze abadanileyo.’ Abadala bafuna ukusiza. Kepha abadanileyo bangaya kunoma imuphi umuntu ovuthiwe abazizwa bekhululekile kuye. Abasha ngokunokwenzeka bayokuya kubazali babo. Abesifazane bangase bakhethe ukuxoxa izinto nawodade abangamaKristu abanokuhlangenwe nakho ‘abangabafundisi bokuhle.’ (Thithu 2:3) Into ebalulekile ilena: KHULUMA NOTHILE.

Kodwa kuthiwani uma odumele ezocela usizo kuwe? Noma kuthiwani uma uthatha kuqala isinyathelo ekuzameni ukusiza umuntu onjalo? Kunezinto omelwe uzikhumbule.

Induduzo Nokuzwelana

Khumbula ukuba ungenzi izahlulelo ngokushesha ngobumoya babadanileyo. UPawulu wathi badinga induduzo. Ngakho-ke, senza kahle ukusho kubo izimfanelo akhuluma ngazo ekubhaleleni abaseFilipi: “Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-nomqondo munye, ninothando lunye.” (Filipi 2:1, 2) Isikhuthazo, uthando, induduzo, ukuhlanganyelwa komoya, ububele nesihawu kungaba nomphumela omangalisayo wokwelapha kumuntu odanile.

Umphostoli uPetru wenezela enye imfanelo enhle. Wathi: “Manibe-nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe-nobubele.” (1 Petru 3:8) Noma ubani ‘onesihawu,’ ongazibeka endaweni yomunye umuntu, azuze ukuthembela kwakhe futhi akhulume naye ngokududuzayo, unesipho esihle sokusiza abadanileyo.

Ukucindezeleka Okukhulu

Kodwa kuthiwani uma othile ebandleni ephethwe ukucindezeleka okukhulu? Mhlawumbe uphethwe imizwa yokungabi namvuzo okujulile, yecala, ukungabl nathemba noma ukuphelelwa yithemba futhi akukho lutho noma ubani olushoyo olubonakala lusiza? Okokuqala kumelwe alulekwe ukuba athole iseluleko sezokwelapha, njengoba ukucindezeleka okukhulu ngokuvamile kunembangela engokomzimba.a Kepha iluphi usizo lobungcweti alufunayo, kusekhona ingxenye ebalulekile ngebandla ukuyenza.

Amalungu ebandla kumelwe agweme ukusola ocindezelekile noma ukumtshela ukuthi ‘makazibuthe,’ noma ‘phuma phakathi kwalokho.’ Indoda emfazi wayo uphethwe ukucindezeleka yathi uye wazama ukuzibulala izikhathi ezimbalwa. Ngani? Indoda iyavuma ukuthi ngokwengxenye kwakungenxa yokuntuleka kokuqonda yona nabanye abakubonisa kuye.

Abanye baye bakufumana kukuhle ukukhuluma nabacindezelekile ngezinto abake bazazi kodwa mhlawumbe abakuthola kunzima ukuzikholelwa manje ngenxa yokuthi ukucindezeleka kuye kwakhungathekisa ingqondo yabo. Khuluma ngoJehova, “uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke.” (2 Korinte 1:3) Mkhumbuze ukuthi uJehova ukulungele ukumthethelela ngendlela ebanzi. (Isaya 55:7) Khuluma ngobuhle bendalo kaJehova, futhi mkhumbuze nganoma ikuphi okuhlangenwe nakho okujabulisayo okungase kube ukuthi uye waba nakho ngalokhu. Khuluma ngobudlelwano obuthokozisayo aye wabujabulela ebandleni, ngendlela athanda ngayo umkhaya wakhe nangaleyo umkhaya wakhe omthanda ngayo. Gcizelela ukuthi nakuba ungenakwazi ukuqonda ngokugcwele indlela azizwa kabuhlungu ngayo, okuhlangenwe nakho kwabanye kubonisa ukuthi kuyoba ngcono. Zimisele ukulalela ‘ngothando lobuzalwane nobubele’ noma yini anokuyisho noma ubuhlungu bakhe obungokomzwelo bungamenza abe ngongenangqondo kangakanani.

Uma engase akhulume ngokuzibulala, kuthathe ngokungathi sína. Futhi uma engakhulumi ngokuzibulala, kodwa unesizathu sokucabanga ukuthi kusengqondweni yakhe, ungesabi ukukuveza lokho. Ungase ufise ukusho okuthile okunjengalokhu: “Ngiyazi ukuthi uzizwa kabuhlungu kakhulu kwamanje, ngokunokwenzeka kabuhlungu kakhulu kunokuba ngingaqonda. Uyazi, lapho abantu bezizwa kabuhlungu njengoba uzizwa, ngezinye izikhathi bathola umqondo wokuthi into engcono kakhulu bekungaba ukuqeda konke nje. Ingabe wake wazizwa kanjalo?” Uma kunjalo, kuyoletha yonke indaba obala futhi kumsize akhululeke ecaleni elilethwa imicabango enjalo.

‘Umshini Awusebenzi Kahle’

Udokotela futhi ongumdala ongumKristu uyabika: “Ngezinye izikhathi ngisebenzisa umfanekiso womshini wokubala. Uma amabhetri ephela, kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinombolo ozishayayo awunakuthola umphumela oqinisekile. Ngakho ngiyamtshela ophethwe ukucindezeleka okukhulu ukuthi ‘amabhetri’ akhe aphelile okwesikhashana. Uyothola imiqondo engajwayelekile futhi afinyelele iziphetho ezethusayo. Kepha lokho kuyoba ngokwesikhathi lapho isiphazamiso sisekhona. Lapho inkinga isuka, izinto ziyobangcono.”

Yena lodokotela uyenezela: “Akukhona ngaso sonke isikhathi esikushoyo okunendaba lapho abantu bekulesisimo. Siyazama, ngokusemandleni ethu njengamaKristu akanye nabo, ukuzwelana nabo. Abadala bangase bakwazi ukuthola othile oye waba nokuhlangenwe nakho okuningi ekuphileni futhi ahlale nabo phansi futhi akhulume nabo, noma alalele nje. Ezikhathini eziningi ngiye ngathola ukuthi umuntu ocindezelekile wathola usizo olukhulu kudade osekhulile ongumkristu oye waphathwa ukucindezeleka okukhulu ngokwakhe. Angase nje ahlale phansi, abhambade ogulayo ehlombe futhi athi: ‘Ngiyazi ukuthi uzizwa kanjani.’”

Kungenziwa

Iqiniso, kumuntu ophethwe imizwa emibi engokomzwelo, kungase kubonakale kunjengomzamo omkhulu ukuyinqoba. Futhi into yokugcina umuntu ocindezelekile angase abe nomuzwa wokuyenza kuwukungenzi. Kodwa ukuzibulala akulona ikhambi. Omunye owesifazane wayecindezelekile isikhathi eside. Wayengakufuni ukudla, engakwazi ukulala, engenawo amandla, wayesaba, ethukile futhi efuna ukufa. Manje uyabhala: “Yima isibindi. Kungakhathaliseki ukuthi isikhathi eside kangakanani ugula nokuthi inkinga iyini, uJehova angakusiza futhi uyokusiza. Ngiwubufakazi balokho.”—Filipi 4:13.

Kukhona enye into esingayenza ukuze sisize abacindezelekile. Singabathandazela, silandele imicabango yomphostoli uPawulu: “Inkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle, makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.”—2 Thesalonika 2:16.

[Umbhalo waphansi]

a Ngengxoxo eyengeziwe ngokugcwele yezimbangela nokwelashwa kokucindezeleka, bheka izihloko “Indlela Ongalwisana Ngayo Nokucindezeleka” nesithi “Attacking Major Depression—Professional Treatments,” kumagazini wethu owumngane walo, iPhaphama! (March 8, 1982, neAwake! kaOctober 22, 1981). Ngokusikisela okwengeziwe ngendlela yokusiza abadanileyo, bheka isihloko “Nithokozise Abadanileyo” (INqabayokulinda, October 1, 1982) nesithi “Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo’” (INqabayokulinda, November 15, 1982).

[Ibhokisi ekhasini 11]

Ingabe Othile Omaziyo Ucabanga Ukuzibulala?

Kungenzeka, uma ecindezeleke ngokujulile futhi enezimpawu ezinjengalezi:

● Ukhuluma noma ucabanga ngokuzibulala.

● Ulahlekelwa isithakazelo sokuphila, somkhaya nesabangane.

● Akakwazi ukulala.

● Akakuthandi ukudla.

● Unenkanuko, encane yobulili.

● Uxola masinya emva kokukhathazeka okukhulu.

● Ulungisa izindaba zakhe, ushintsha indlela yakhe yokuphila noma akazinakekeli.

● Uyacindezeleka lapho isihlobo noma umngane efa noma ezibulala.

● Unesifo esingokomzimba esingathi sína.

● Ulahlekelwa umsebenzi wakhe noma wehlukene nomkhaya wakhe.

Kusekelwe ohideni olwavela kumagazini iMedical Tribune.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela