“Nithokozise Abadanileyo”
“EKUQALENI ngazizwa ngiphansi, futhi lesisimo saqhubeka isikhathi. Angifisanga ukuya noma kuphi, noma ngenzeni, futhi ngangingenasithakazelo. Ngaphelelwa ithemba, ngakhungatheka, ngaqala ukucabanga ukuthi konke ukuphila kwami kanye nomlando omuhle wenkonzo yami kuNkulunkulu wawungenamsebenzi walutho. Ngagcwala ingebhe nokwesaba.” Wayichaza kanjalo imizwa yakhe uFakazi owayeneminyaka engama-48 owayesechithe isikhathi eside njengesithunywa sevangeli. “Ngangiphila kahle ngokwenyama nangokomoya, kodwa ngokushesha ngazizwa sengathi kangisoze ngibuye ngizizwe kahle futhi.”
Umzalwane owayevuthiwe naye uyabika: “Ngacindezeleka kakhulu ngenxa yomsebenzi wami. Ngangiye ngifike ekhaya ngivela emsebenzini ngidumele kangangokuthi ngangingadli nokudla. Ngangiye ngisuke etafuleni ngiye endlini yangasese ngikhale—ngangingakwazi ukuvimba izinyembezi. Ngangisheshe ngicasuke ngenxa yabanye. Ngangilokhu ngicabanga, ‘Ngiyaphi? Kungani ngehlulwa yilokhu?’ Kwaqhubeka izinyanga eziyisithupha.”
Lababantu babehlushwa ukucindezeleka okukhulu. Eminye imibiko ibonisa ukuthi kusekhona “abadanileyo” phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. (1 Thesalonika 5:14) Izibalo zomhlaba wonke zibonisa ukwanda okumangalisayo kwabantu abacindezelekile. Nakuba abantu abanobuhlobo noNkulunkulu zingabathinti ngokuvamile izimo ezibangela ukucindezeleka, lokhu akusho neze ukuthi asinakubangena lesisifo. Kodwa ingabe kumelwe izinceku ezithembeke kanjalo zihlupheke?
“Ngicindezeleke Kakhulu”
UDavide iNkosi ethembekile yaseJerusalema wayeyisisulu sokucindezeleka. Ngenxa yamaphutha athile noma ubuwula bakhe waloba: “Ngicindezeleke kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.” (IHubo 38:6 DeWitt) Ishadi elingezansi libonisa indlela eziningi izinceku ezithembekile ezazizwa ngayo ngezinye izikhathi, nokuthi ngani. Nokho, bonke labo abakulelishadi balunqoba usizi lwabo. Ngokomlando weBhayibheli, bonke baqhubeka bekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka.
Kunezizathu eziningi zokuthi kungani abantu becindezeleka. Kokunye kwalokhu isisulu asinamandla kangako. Ukucwaninga kwamuva nje kwezokwelapha, kubonise ukuthi izinhlobo ezithile zokucindezeleka okubi kakhulu zibangelwa ukungalingalingani kwamakhemikhali engqondweni okungaba umphumela wokuningi ukukhubazeka okungokwenyama.a Ngesikhathi esifanayo imicabango yethu iyodwa ingakuletha ukucindezeleka. Isibonelo esisodwa seBhayibheli siyakwembula lokhu.
UEphafrodithu, umsizi okhuthele kamphostoli uPawulu owayeboshiwe, wahlushwa ukucindezeleka. UPawulu wasithumela lesisebenzi sisuka eRoma siya ebandleni lakubo elidala eFilipi, mhlawumbe ngaye wathumela ngokushesha incwadi ephawula phakathi kwezinye izinto, “[uEphafrodithu] ucindezelekile ngoba nizwile ukuthi uyagula.” Kuyiqiniso, wayegula, kodwa manje wayesengcono—nokho wayecindezelekile. Yini ebangela ukucindezeleka?—Filipi 2:25-30, NW.
Lesisebenzi esasizinikezele ngokusobala sasinozwela kakhulu ngemizwa yabanye. Wayekhathalela kakhulu ukukhathazeka kwabazalwane bakhe nodadewabo ebandleni lakubo ngenxa yombiko wobuthakathaka bempilo yakhe. Kubonakala sengathi ukukhathazeka kwakufuna ukukhulula izingqondo zabo—kodwa ngokungenathemba behlukanisiwe amakhilomitha angamakhulu—kwamlethela ukucindezeleka. Okufanayo kungenzeka namuhla, ngisho nakulabo njengoEphafrodithu, abazinikezele ngokuphelele emsebenzini weNkosi. Ukukhathazeka okujulile nozwela ngemizwa yabanye, noma mhlawumbe umuzwa wokudumaza abanye, ungakubangela ukucindezeleka.
Kodwa abanye bangabasiza kanjani laba abacindezelekile?
“Khuluma Ngenduduzo”
Omunye umKristu ocindezelekile wancenga umyeni wakhe ngezinyembezi: “Ngizokwenzenjani? Ngeke ngiqhubeke kanje!” Indoda eyayingakholwa yaphendula: “Kumelwe ukumele lokho!” Lona wesifazane wacasuka kangangokuthi ngosuku olulandelayo wacishe wazibulala! Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sonke silalele umyalo weBhayibheli: “Nikhulume ngenduduzo kwabacindezelekileyo.” Kwesinye isikhathi kungenzeka umonakalo ongenakulungiswa uma omunye engakwenzi lokhu. Kodwa ngokuvamile umuntu angafisa ukududuza odanileyo kodwa angazi ukuthi angathini.—1 Thesalonika 5:14, NW.
Encwadini yakhe yesibili eyayiya kumaKristu aseKorinte, uPawulu wabonisa ukuthi ‘wakhathazeka,’ ngoba waye no’kwesaba ngaphakathi.’ Umbiko omuhle wamduduza. UThithu waletha umbiko wokuthuthuka kwesimo esingokomoya sebandla laseKorinte, nokushisekela “noma ukukhathalela kwalo uPawulu,” noku“mlangazelela” kwalo. Ukuzwa ngothando lwabo ngaye kwamduduza uPawulu. (2 Korinte 7:5-7) Okufanayo kuyiqiniso nanamuhla. Omunye wesifazane ongumKristu owahlushwa ukucindezeleka okulimazayo wabika: “Phezu kwakho konke udinga ukwazi ukuthi abanye bayakukhathalela njengomuntu. Udinga ukuzwa othile ethi, ‘Ngiyazi uzoba ngcono masinya. Ngiyasiqonda isimo okuso futhi ngiyathanda ukukhuluma nawe.’”
“Ngafunda Ukuba Nesihawu”
“Isifundo engingasoze ngasikhohlwa” kwasho omunye umama ongumKristu owayehlushwa ukucindezeleka. “Ngafunda ukuba nesihawu. Ngaphambili, ngangicabanga ukuthi okwakufanele ukwenze kwakuwukuzivuselela nokuzigcina uphilile, ngakho-ke ngangingakaze ngibe nozwela ngabanye ababegula. Manje sengiyazi. Ngenkathi abanye babangane bami bethi kimi ‘Ziqinise bo!’ yayingekho enye into engangifuna ukuyenza, kodwa kulelozinga ngangingenakuzibamba. Izinkulumo zabo zazilimaza ngempela.” Abantu abacindezelekile badinga ukuba abanye bababonise “uzwela.”—1 Petru 3:8, NW.
Umkhaya kanye nabangane bangasiza kanjani? Umama oneminyaka engama-40 owayecindezelekile wakhumbula ngalendlela: “Awuzizwa kabi ngokwenyama nangokomzwelo kuphela, kodwa futhi uzizwa unecala ngoba awenzeli umkhaya wakho lokho obungakwenza ngokuvamile.” Ngakho-ke weluleka: “Yenza ocindezelekile azi ukuthi uyabona ukuthi uyazama. Mkhuthaze ukuba aqhubeke.”
Nakuba amazwi akhayo edingeka futhi aziswa, labo abafisa ukusiza bangakwazi ukunikeza usizo olwengeziwe.
Nisekele Ababuthakathaka
UPawulu wakhuthaza ibandla laseThesalonika ukuba linga“thokozisi abadanileyo” kuphela kodwa “nisekele nababuthakathaka, nibabekezelele bonke.” Igama elithi “sekela” lihilela nezenzo, ngoba igama lesiGreki linomqondo oyinhloko wokuzigcina ubhekene ngokuthe ngqó nomunye ukuze umsekele.—1 Thesalonika 5:14.
Umbiko wokuhlolwa kwabantu abangaphezu kwama-500 waphetha ngalokhu: “Ngaphezu kwesibindi, isifiso esinamandla, isimo sokujabula, abantu bangadinga abangane, abaseduze nabawusizo nemikhaya enjalo ukuze bavimbele ukucindezeleka.” UDr. L. Cammer, ongusaziwayo wezifo zengqondo, evumelana nalokhu waphawula: “Kubalulekile ukuba umuntu ocindezelekile abe nomunye eduze kwakhe ongeke nje ashumayele kodwa ozohlala ngokubekezela.” Yebo, umzamo wenkuthalo wokusiza, njengokushaya ucingo noma ukumvakashela kancane, kungaziswa kakhulu.
Owesifazane ongumKristu wabuzwa ukuthi hlobo luni lokwelashwa olwamsiza kakhulu. Waphendula: “Okwaba okukhulu kakhulu kwakuwukuba phakathi kwabazalwane bami abangokomoya nodadewethu. Ngalé kwalokho ngabe angisindanga. Ebandleni lethu loFakazi kwakukhona uthando, ukukhathalelana nokuzwana. Kwakufana nompheme wesivikelo.”
Yebo ngezinye izikhathi kukhona isidingo sokuba ngothando oluqinile usize umuntu ocindezelekile, ngoba ukucabanga kwakhe kungase kuphazamiseke. Angadinga ukucelwa kahle ukuze ahambahambe nawe, ningenele uhlobo oluthile lokunyakazisa umzimba, ukuze aphuze nemithi yakhe, noma aqhubeke emisebenzini yakhe engokomoya.
Nxa umuntu elaliswe esibhedlela ngenxa yobuthaka obungokwenyama, ngokuvamile unikezwa ukudlana okuncane njalonjalo kunokuba anikwe okuningi izikhathi ezimbalwa. Okufanayo kungase kudingeke ekusizeni ocindezelekile ngokudla okungokomoya. Kungadinga ukubekezela kwangempela ngomngane womshado noma umngane othintekile ukuchaza ngokomoya ‘izinto ezinhle’ kafushane nje ngezikhathi ezihlukahlukene, kunokuzama ukwenza ingxoxo ende yeBhayibheli, engamsinda ocindezelekile. Ngisho noma esenkingeni engahambisani nezeluleko, uthando aluboniswayo lungambuyisela esimweni esingcono.
Kuze kube yilapho isifo siphele khona noma sesilapheke ngemithi, ukubekezela okuqhubekayo kanye nokuqonda kudingekile kwabanye. Kwezinye izikhathi kubakhona izimo lapho usizo lwemithi lungasebenzi khona. Ngakho-ke ukubekezela kanye nothando lokuzidela kuyadingeka ekusizeni labo abagulayo kuze kube yilapho uJehova ephulukisa zonke izifo ezingokwengqondo nezingokwenyama—ohlelweni olusha oluzayo.—IsAmbulo 21:3, 4.
Abadala ebandleni banomthwalo okhethekile. Isihloko esithi “Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo,’” esikhuluma ngalokhu. siyokhishwa kwelandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko “Ingabe Konke Kusengqondweni?” kumagazini owumngane walona iPhaphama! March 8, 1982.
[Ibhokisi ekhasini 9]
BAZIZWA KANJANI KUNGANI
UJOBE ‘UNkulunkulu ungilahlile,’ Ukugula namaphutha
‘Ngiyakuzonda ukuphila kwami akhe. Kwaba sengathi
—Jobe 29:2, 4, 5; 10:1, NW. uNkulunkulu umshiyile
UJAKOBE Wala ukududuzwa. Usizi ngenxa
“Wamlilela.” yokufa kwendodana
‘Ngifuna ukuya
ethuneni.’—Genesise 37:35.
UHANA ‘Walala akadlanga lutho.’ Ukudumazeka okubuhlungu
‘Umphefumulo wakhe kokungabi nandodana
wawunomunyu wakhala
kakhulu.’—1 Samuel 1:7, 10.
UJONA “Kungcono kimi ukufa Ukugcwala ukuthukuthela
UDAVIDE “Usuku lonke ngihamba Ukudliwa unembeza
ngilila.” “ngidubekile ngenxa yecala
kabi.” “Amandla elingathi sína
ami angishiyile.”
—IHubo 38:6, 8, 10.
UNEHEMIYA “Ngakhala izinyembezi, ngalila Wayekhathazwa
izinsuku ezithile,” “nginokudabuka Isimo sabanye
kwenhliziyo.”—Nehemiya 1:4; 2:2. abantu bakaNkulunkulu
UPAWULU Kwakukhona ngaphakathi Ukuphikiswa
ukwesaba.” Futhi ezizwa nokungaphumuli
“edanile.”—2 Korinte 7:5, 6.