Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/09 kk. 4-6
  • Ukuthola Umsuka Wobandlululo Nokucwasa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Umsuka Wobandlululo Nokucwasa
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Umsuka
  • Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukuphela Kobandlululo
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 8/09 kk. 4-6

Ukuthola Umsuka Wobandlululo Nokucwasa

“Bonke abantu bazalwa bekhululekile futhi benesithunzi namalungelo alinganayo. Banekhono lokucabanga nonembeza futhi kufanele baphathane ngothando.”—ISiphakamiso 1 seSimemezelo Samalungelo Abantu.

NAPHEZU kwaleyo mizamo emihle, ukucwasa nobandlululo kuyaqhubeka kuhlupha abantu. Leli qiniso elibuhlungu alibonisi nje kuphela izikhathi esiphila kuzo kodwa nokungapheleli kwabantu. (IHubo 51:5) Noma kunjalo, isimo sisengalungiseka. Kuyavunywa ukuthi singase singakwazi ukuluqeda ubandlululo olusizungezile, kodwa singakwazi ukususa ukucwasana okungenzeka kukhona ngaphakathi kithi.

Isiqalo esihle siwukuqaphela ukuthi sonke singaba nalo ubandlululo. Incwadi ethi Understanding Prejudice and Discrimination ithi: “Kungenzeka ukuthi iziphetho ezibaluleke kunazo zonke ezatholakala ocwaningweni ngobandlululo yilezi: (1) akekho umuntu okwazi ukucabanga futhi akhulume njengabantu ogomekile ekubeni nobandlululo, (2) ngokuvamile kudinga umzamo omkhulu nokuqapha ukunciphisa ubandlululo, (3) kanti ngokuba nesisusa esifanele, kungenziwa.”

Imfundo ichazwe “njengethuluzi elinamandla kakhulu” lokulwa nobandlululo. Ngokwesibonelo, imfundo ekahle ingakwazi ukuveza obala imisuka yobandlululo, yenze sikwazi ukuhlola izimo zethu zengqondo ngokwengeziwe, futhi isisize sibhekane kangcono nokubandlululwa lapho siyizisulu zakho.

Ukuthola Umsuka

Ubandlululo lubangela ukuba abantu baxabane, bangawanaki noma baze baphendukezele amaqiniso ashayisana nemibono abanayo. Ubandlululo lungase luqale ezintweni ezibonakala zingasho lutho kodwa eziyiphutha eziyindlela esikhuliswe ngayo, noma lungase lutshalwe yilabo abakhuthaza imibono yabo esontekile ngezinye izizwe noma izinhlanga. Lungaphinde lubangelwe ubuzwe nezimfundiso zenkolo ezingamanga. Lungaba nawumphumela wokuzazisa ngokweqile. Njengoba ucabanga ngamaphuzu alandelayo nangezimiso ezihambisana nawo ezivela eBhayibhelini, kungani ungahloli esakho isimo sengqondo futhi ubone ukuthi alukho yini ushintsho oludingekayo?

Abangane. Abantu ngokwemvelo bayathanda ukwenza izinto ndawonye, futhi lokhu kuhle. Empeleni iBhayibheli lithi, “ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu;” futhi uyolahla ngisho nokuhlakanipha okusebenzayo. (IzAga 18:1) Kodwa, kufanele sibakhethe ngokuhlakanipha abangane, ngoba bangaba nethonya elikhulu kithi. Ngakho-ke, abazali abahlakaniphile, baba nesithakazelo esijulile kubangane bezingane zabo. Ucwaningo lubonise ukuthi ngisho nabantwana abaneminyaka emithathu bangaba nobandlululo, abalufunda ezimweni zengqondo, emazwini nasezenzweni zabanye. Kuyiqiniso ukuthi abazali kufanele benze konke okusemandleni abo ukuze babe yithonya elihle kubantwana babo, bazi ukuthi ngokuvamile ithonya labazali linamandla kakhulu endleleni umntwana ayoziphatha ngayo.

◼ Lithini iBhayibheli? “Qeqesha umfana noma [intombazane] ngendlela efanele, ngisho nalapho esegugile ngeke ayishiye.” (IzAga 22:6, The New English Bible) “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Uma ungumzali, ungase uzibuze: ‘Ingabe ingane yami ngiyiholela endleleni yeqiniso nelungile emehlweni kaNkulunkulu? Ingabe ngizihlanganisa nabantu abanethonya elihle kimi? Ingabe ngiyithonya elihle kwabanye?’—IzAga 2:1-9.

Ubuzwe. Esinye isichazamazwi sichaza ubuzwe ngokuthi “ukuzazisa ngobuzwe bakho ubuphakamise kunezinye izizwe ukhuthaze kakhulu amasiko nezithakazelo zobuzwe bakho kunobezinye izizwe.” Uprofesa wezepolitiki, u-Ivo Duchacek, waphawula encwadini yakhe ethi Conflict and Cooperation Among Nations: “Ubuzwe buhlukanisa abantu bangabe besabekezelelana. Ngenxa yalokho abantu bacabanga ngobuzwe babo kuqala njengokuthi singamaMelika, amaRashiya, amaShayina, amaGibhithe noma amaPeru, ngaphambi kokuthi bangabantu njengabo bonke abanye.” Owayengunobhala-jikelele we-UN wabhala: “Izinkinga eziningi esibhekene nazo namuhla zibangelwa yizimo zengqondo eziyiphutha—ezinye zazo eziye zamukelwa ngokuzenzekelayo. Phakathi kwazo ubuzwe—‘izwe lami yilona lona, kungakhathaliseki ukuthi lenza okuhle noma okubi.’”

◼ Lithini iBhayibheli? “UNkulunkulu walithanda izwe [sonke isintu] kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Zibuze, ‘Uma uNkulunkulu engakhethi—amukela abantu bazo zonke izizwe, kuhlanganise nami—akufanele yini ngilwele ukumlingisa, ikakhulukazi uma ngithi ngiyamhlonipha?’

Ukucwasa Ngokohlanga. Abantu abacwasa ezinye izinhlanga bakholwelwa ukuthi “uhlanga yilona olunquma indlela abantu abenza ngayo noma ikhono abanalo nokuthi uhlanga oluthile luphakeme kunezinye,” kusho isichazamazwi esithile. Impela, njengoba i-World Book Encyclopedia iphawula, abacwaningi “abakasitholi isisekelo esingokwesayensi semibono enjalo yokuthi [uhlanga] oluthile luphakeme kunezinye.” Ukungabi nabulungisa okukhulu okubangelwa ubuhlanga, njengemithetho enqabela abanye abantu amalungelo, kuwubufakazi obubuhlungu bokuthi ubuhlanga busekelwe emangeni.

◼ Lithini iBhayibheli? “Iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) “Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu.” (IzEnzo 17:26) “Ngoba [indlela uNkulunkulu abona ngayo] akuyona indlela umuntu abona ngayo, ngoba umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.” (1 Samuweli 16:7) Zibuze: ‘Ingabe ngiyazama ukubheka bonke abantu ngendlela uNkulunkulu ababheka ngayo? Ingabe ngiyazama ukuthola ukuthi—mhlawumbe abantu bolunye uhlanga—banjani ngempela ngokuzisondeza kubo ukuze ngibazi?’ Lapho sesibazi ngokuseduze abanye abantu, siyakwazi ukubona izinto eziyiphutha ezishiwo ngabo.

Inkolo. Incwadi ethi The Nature Of Prejudice ithi: “Inzondo iba umphumela ongagwemeki wokusebenzisa kwabantu inkolo ukuze bathethelele [izinhloso zobugovu] nobuhlanga. Ihlangana lapho-ke inkolo nobandlululo.” Yona le ncwadi ithi okuphawuleka kakhulu, indlela abantu abakholwayo “abashintsha ngayo ekubeni abalungile babe nobandlululo.” Ubufakazi obusekela la mazwi bubonakala emasontweni ohlanga olulodwa kuphela, ukuzondana kwamahlelo nobudlova, nezenzo zobuphekula ezibhebhezelwa yinkolo.

◼ Lithini iBhayibheli? “Ukuhlakanipha kwaphezulu [okuvela kuNkulunkulu] . . . kunokuthula, kuyabonelela, kuyashesha ukulalela . . . akuhlukanisi abantu ngokukhetha.” (Jakobe 3:17) ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso [elingokwenkolo].’ (Johane 4:23) ‘Thandani izitha zenu, nithandazele nalabo abanishushisayo.’ (Mathewu 5:44) Zibuze: ‘Ingabe inkolo yami ikhuthaza ukuthanda bonke abantu ngempela, ngisho nalabo abangase bafune ukungilimaza? Ingabe isonto lami lamukela abantu bazo zonke izinhlobo, kungakhathaliseki ubuzwe, ibala lesikhumba, ubulili, iholo nesimo sabo emphakathini?’

Ukuzazisa. Lapho umuntu enokuzidla, ukuzazisa kungamenza athambekele ekucwaseni abanye. Ngokwesibonelo, ukuzazisa kungabangela umuntu ukuba athambekele ekuziboneni engcono noma ababukele phansi abangafundile noma abampofu. Kungamenza athambekele ekukholelweni inkulumo-ze ephakamisa ubuzwe noma uhlanga lwakhe. Ababhebhezeli benkulumo-ze, abafana nomashiqela ongumNazi u-Adolf Hitler, bakhuthaza ngamabomu ukuzazisa kobuzwe nobuhlanga ukuze bathole ukusekelwa abantu futhi banyundela labo ababebhekwa njengabahlukile noma abangathandeki.

◼ Lithini iBhayibheli? “Wonke umuntu oziqhenyayo enhliziyweni uyinto enengekayo kuJehova.” (IzAga 16:5) “[Ningenzi] lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo [nibheka] abanye njengabakhulu kunani.” (Filipi 2:3) Zibuze: ‘Ingabe ayangijabulisa ngaphakathi amazwi ancoma uhlanga lwami noma amazwi athuka ezinye izinhlanga? Ingabe ngithambekele ekubeni nomona ngalabo abanamakhono engingenawo, noma ngiyabajabulela ngempela?’

Yingakho iBhayibheli lixwayisa: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” (IzAga 4:23) Ngakho yibheke njengento eyigugu ngempela inhliziyo yakho, futhi ungavumeli lutho luyonakalise! Kunalokho, igcwalise ngokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu. Kulapho-ke, ‘ikhono lokucabanga liyokuqapha khona, ukuqonda kukulonde, ukuze kukukhulule endleleni embi, kumuntu okhuluma izinto ezonakele.’—IzAga 2:10-12.

Kodwa, yini-ke ongayenza uma uyisisulu sokucwaswa nokubandlululwa? Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngale ndaba.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Lapho sesibazi ngokuseduze abanye abantu, siyakwazi ukubona izinto eziyiphutha ezishiwo ngabo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela