Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 6/1 kk. 3-4
  • Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubandlululo Lungalimaza
  • Ubandlululo—Inkinga Yomhlaba Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ubandlululo​—⁠Ingabe Unalo?
    IPhaphama!—2020
  • Umhlaba Ongenalo Ubandlululo—Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ukuthola Umsuka Wobandlululo Nokucwasa
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 6/1 kk. 3-4

Ingabe Uyisisulu Sobandlululo?

IKUPHI ukufana okukhona phakathi kobudlova bezinhlanga, ubuhlanga, ukukhetha, ukuhlukaniswa kwezinhlanga, nokuqothulwa kohlanga? Konke kuyimiphumela yokuthambekela komuntu okusakazekile—ukubandlulula!

Luyini ubandlululo? I-encyclopedia ethile iluchaza ngokuthi “umbono owakhiwe ngaphandle kokuzinika isikhathi noma ukuqaphela ukuthi wahlulela ngokungakhethi.” Njengabantu abangaphelele, sinokuthambekela kokubandlulula ngezinga elithile. Mhlawumbe ungacabanga ngezikhathi lapho wahlulela khona ngaphandle kokuba nawo wonke amaqiniso. IBhayibheli liveza umehluko phakathi kwalokho kuthambekela kokubandlulula nendlela uJehova uNkulunkulu ahlulela ngayo. Lithi: ‘UJehova akabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.’—1 Samuweli 16:7.

Ubandlululo Lungalimaza

Akungabazeki ukuthi bonke abantu baye bahlulelwa kabi umuntu othile ngesinye isikhathi. (Qhathanisa nomShumayeli 7:21, 22.) Singathi nje sonke siyizisulu zobandlululo. Nokho, lapho iphebezwa ngokushesha, imicabango yokubandlulula cishe iyobangela ukulimala okuncane noma ingakubangeli nhlobo. Ukufukamela imicabango enjalo okungalimaza. Ingasidukisa ukuba sikholelwe amanga. Ngokwesibonelo, bethonywe ubandlululo, abanye abantu bakukholelwa ngempela ukuthi umuntu angaba nobugovu, avilaphe, abe yisiwula, noma aqhoshe ngoba nje engowenkolo ethile, uhlanga, noma isizwe.

Ezimweni eziningi ukwahlulelwa kabi okunjalo kuholela ekubeni uphathe abanye ngokukhetha, ubaxhaphaze, noma uze ubaphathe ngisho nangobudlova. Izigidi zabantu ziye zalahlekelwa ukuphila kwazo emikhankasweni yokubulala, ukuqothulwa kohlanga, ukubulalana kwezinhlanga, nezinye izinhlobo zobandlululo olweqile.

Kuwo wonke umhlaba, ohulumeni baye balwa nobandlululo ngokunikeza isiqinisekiso esingokomthetho selungelo elingenakwephulwa lenkululeko, ukulondeka, nokulingana. Uma ufunda umthetho-sisekelo noma ingxenye eyinhloko yemithetho yezwe lakini, akungabazeki ukuthi uzothola umshwana noma uguquko olwenzelwe ukuvikela amalungelo azo zonke izakhamuzi, kungakhathaliseki uhlanga lwazo, ubulili, noma inkolo. Nakuba kunjalo, ubandlululo ludlangile kuwo wonke umhlaba.

Ingabe uyisisulu sobandlululo? Ingabe uye waphawulwa njengonobugovu, ovilaphayo, oyisiwula, noma oqhoshayo ngenxa nje yohlanga lwakho, iminyaka yobudala, ubulili, ubuzwe, noma izinkolelo ezingokwenkolo? Ingabe uncishwa amathuba emfundo efanele, umsebenzi, indawo yokuhlala, nezinkonzo zomphakathi ngenxa yobandlululo? Uma kunjalo, ungabhekana kanjani nesimo?

[Isithombe ekhasini 3]

Ukufukamela ubandlululo kubangela inzondo yobuhlanga

[Umthombo]

Nina Berman/Sipa Press

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela