Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/09 k. 25
  • Igobolondo Lezimbaza

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Igobolondo Lezimbaza
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwakheka Kwegobolondo
    I-Phaphama!—1991
  • Igobolondo Lomnenke Okuthiwa I-Scaly-Foot
    I-Phaphama!—2011
  • Amagobolondo Ezilwane Zasolwandle
    I-Phaphama!—2017
  • Igobolondo Lomnenke I-clusterwink
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 8/09 k. 25

Ingabe Laklanywa?

Igobolondo Lezimbaza

◼ Amagobolondo asolwandle abonakala entekenteke, kodwa ngokuvamile kunzima ukuwaphula. Ecabanga ngezinsuku zakhe zasebuntwaneni, uKenneth Vecchio ongunjiniyela, uthi: “Amanye kwakudingeka ngize ngiwaphihlize ngesando.” Ukuqina kwegobolondo lasolwandle kubonakala kakhulu emagobolondweni ezimbaza okuthiwa ama-mollusk.a

Cabangela lokhu: Ungwengwezi olungaphakathi lwamagobolondo ezimbaza (olubizwa ngokuthi i-nacre, noma unina weparele) lunamazenga angabonakali ahlukaniswa yizikhala ezincane kakhulu. UChristine Ortiz, uprofesa Emnyangweni Wesayensi Yezinto Eziphathekayo Nobunjiniyela eMassachusetts Institute of Technology, e-U.S.A. uthi: “Iyamangalisa indlela oluyinkimbinkimbi ngayo lolu ngwengwezi uma ulubuka ngesibonakhulu sezinto ezincane futhi sengathi yilona olunquma ukuqina kwezakhi zegobolondo.”

Umbhali wezesayensi uCharles Petit uthi “iyamangalisa indlela oluhleleke ngayo” lolu ngwengwezi uma ulubuka ngesibonakhulu. Uyachaza: ‘Indlela izingxenyana zalolu ngwengwezi ezihlangana ngayo ithi ayifane nomklamo wobulembu ongamakristalu, onezengqimba eziningi ze-calcium carbonate ezihleleke kahle. Zihlanganiswa ingcina enamaprotheni amaningi akhiqizwa yimbaza.’

Ososayensi bakholelwa ukuthi imfihlo yamagobolondo ezimbaza ingasetshenziswa ezintweni ezihlukahlukene—izindlela zokuzivikela eziqinile, izingxenye zemizimba yezimoto, amaphiko ezindiza ukusho nje okumbalwa. U-Ortiz uthi: “Imvelo isebenzisa izimiso zokuklama ezincane kakhulu ukuze ikhiqize izinto ezinezakhi ezingcono kakhulu kunezakhiwa abantu. Ezintweni eziningi, onjiniyela abangabantu abakalifinyeleli lelo khono.”

Ucabangani? Ingabe igobolondo lezimbaza eliqine ngendlela emangalisayo laba khona ngephutha? Noma ingabe laklanywa?

[Umbhalo waphansi]

a Ama-mollusk ayizilwane ezinemizimba ethambile engenamathambo. Awasolwandle ahlanganisa izimbaza okuthiwa ama-clam, inkwindi, ukhwathu, ama-scallop, ingwane nembambela.

[Isithombe ekhasini 25]

Isithombe esikhulisiwe songwengwezi olungaphakathi egobolondweni lembaza

[Umthombo]

Inset: © Eye of Science/Photo Researchers, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela