Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 5 k. 16
  • Amagobolondo Ezilwane Zasolwandle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amagobolondo Ezilwane Zasolwandle
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2017
  • Igobolondo Lezimbaza
    I-Phaphama!—2009
  • Ama-cameo Ase-Italy—Imiklamo Yobuciko Emincane
    I-Phaphama!—2001
  • Ungabona Umklamo Othile Uma Ubheka Imvelo
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 5 k. 16

INGABE KWAKLANYWA?

Amagobolondo Ezilwane Zasolwandle

AMAGOBOLONDO ezilwane zasolwandle enza zikwazi ukuhlala ezindaweni okunzima ukuhlala kuzo, futhi enza zikwazi ukumelana namandla olwandle nezinto ezikulo. Indlela la magobolondo avikela ngayo izilwane ezihlala kuwo, yenze onjiniyela bacwaninga ngokwakheka kwawo, ngoba befuna ukwenza izimoto nezakhiwo ezikwazi ukuvikela abantu.

Cabanga ngalokhu: Onjiniyela bacwaninga izinhlobo ezimbili zamagobolondo—avulekayo kanye nasongolozelayo acije phezulu.

Emagobolondweni avulekayo, onjiniyela bathola ukuthi amazenge awo angaphandle enza ukuba into ecindezela igobolondo iye ngasemaphethelweni alo, noma ohlangothini lwegobolondo olungavuleki. Ngakolunye uhlangothi, ukugoba kwegobolondo elisongolozelayo, kwenza ukuba into elicindezelayo iye ohlangothini lwalo oluphezulu olubanzi, lapho liqine kakhulu khona. Zombili lezi zinhlobo zamagobolondo zakheke ngendlela yokuthi into ewacindezelayo iye lapho amagobolondo eqine kakhulu khona. Lokhu kwenza ukuthi isilwane esingaphakathi sivikeleke.

Abacwaningi baphinde baqhathanisa ukuqina kwamagobolondo angempela nokwalawo ababezenzele wona nge-computer. Kwatholakala ukuthi amagobolondo angempela ayenamandla aphindwe kabili okumelana nesisindo, uma kuqhathaniswa nalawo okuzenzela.

Ngesikhathi iphawula ngokuthi lolu cwaningo lungaba usizo kuphi, i-Scientific American yathi: “Uma ngelinye ilanga uzithola usushayela imoto emise okwegobolondo, kuyoba imoto enhle futhi ekwaziyo ukuvikela imizimba ethambile yabagibeli.”

Ucabangani: Amagobolondo ezilwane zasolwandle azivelela yini noma aklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela