Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/11 k. 28
  • Iqanda Lenyoni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqanda Lenyoni
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Ulingisa Umklamo WoMdali
    I-Phaphama!—2003
  • Kungani Lokhu Kwenzeka Emzimbeni Wami?
    I-Phaphama!—1990
  • Ukwakheka Kwegobolondo
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuphila Komuntu Kuqala Nini?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 9/11 k. 28

Ingabe Laklanywa?

Iqanda Lenyoni

● Iqanda le nyoni liye labizwa ngokuthi “isembozo esimangalisayo.” Kungani?

Cabanga ngalokhu: Nakuba libonakala liqinile, igobolondo le qanda lenkukhu elicebe nge-calcium, lingaba nezimbotshanyana ezingabonakali ngeso ezingaba ngu-8 000. Lezi zimbotshanyana zenza ukuba kungene umoya-mpilo, kuphume isikhutha—okuyinto ebalulekile ukuze okungaphakathi kuphefumule. Kodwa, leli gobolondo nolwelwesi olwelakanyene kuvimba amabhaktheriya ukuba angangeni kokungaphakathi. I-albumin—iprotheni enamanzi amaningi ethi ayifane ne-gelatin—yenza iqanda livikeleke lapho lixukuzeka.

Abacwaningi bangathanda ukulingisa umklamo weqanda ukuze benze imikhiqizo eyisivikelo sempahla nesembozo esingavikela izithelo kumabhaktheriya namagciwane. Kodwa, “ukulingisa imvelo akuvamile ukuba lula,” kubhala uMarianne Botta Diener kumagazini i-Vivai. Uphawula ukuthi, kuze kube manje imizamo eseyenziwe iyingozi emvelweni.

Ucabangani? Ingabe leli “gobolondo eliyisimangaliso,” leqanda lenyoni, laba khona ngengozi noma ingabe laklanywa?

[Umdwebo ekhasini 28]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

INGAPHAKATHI LEQANDA

Igobolondo

Isikhupha

Umucu we-albumin (ubambe isikhupha)

Ulwelwesi olungaphandle

Ulwelwesi olungaphakathi

I-Germinal disc (lapho kuqala khona ukuphila)

Ulwelwesi lwe-albumen

I-albumen ewugqinsi

Isikhala esinomoya

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela