Ukubuka Okwezwe
Inhlolo-vo eyenziwa yiNhlangano Yezokusakaza YaseBrithani ehilela abantu abangu-13 000 emazweni angu-26 yabonisa ukuthi “ukukhwabanisa kuyinkinga engundaba-mlonyeni emhlabeni wonke.” Noma kunjalo, ubumpofu batholakala buyinkinga ehamba phambili emhlabeni.—I-BBC NEWS, EBRITHANI.
“Kulo lonke elase-U.S. amasonto anamathisela amathuluzi okuthungatha umkhondo ezithombeni zawo eziqoshiwe zosana olunguJesu lusendaweni olwazalelwa kuyo. Eminyakeni yamuva nje, kuye kwaba negagasi elikhulu lokwebiwa kwalezi zithombe eziqoshiwe kulo lonke izwe.”—I-WEEK, E-U.S.A.
“Ikomiti [yase-U.S] eluleka i-Food and Drug Administration ithi abantu abanesifo sokuhlala bekhathele kufanele benqatshelwe ukunikela ngegazi, ngenxa yokukhathazeka kokuthi lesi sifo sihlobene negciwane lohlobo lwe-retrovirus.”—I-WALL STREET JOURNAL, E-U.S.A.
Ukukhanya Kuyawabulala Amagciwane Anenkani
EYunivesithi yaseStrathcyde, eGlasgow, eScotland, kusungulwe uhlobo olusha lobuchwepheshe olusebenzisa ukukhanya okunamandla ukuze lubulale amagciwane anenkani ezibhedlela. Le ndlela entsha yokubulala amagciwane iphumelela ngokuphawulekayo ekunciphiseni amagciwane uma iqhathaniswa nokuhlanza kanye nokusebenzisa izinhlobo zezibulala-magciwane kuphela. “Le nqubo isebenzisa imisebe emincane yamaza okukhanya ukuze ibangele ukuba amangqamuzana asegciwaneni ngokwalo alisobozele,” kuchaza isazi sezinto ezincane eziphilayo uProfessor John Anderson.
Ukugawulwa Kwamahlathi Nomalaleveva
Ukugawulwa kwamahlathi asezindaweni ezishisayo kuhlobene nokwanda okungamaphesenti acishe abe ngu-50 abantu abahlaselwa umalaleveva. Basho njalo abacwaningi abaye bahlola imininingwane yocwaningo evela ezifundeni zempilo zaseBrazil ezingu-54, kanye nezithombe zesiphuphutheki ezibonisa ukugawulwa kwamahlathi. Isinambuzane esivelele ekuthwaleni igciwane likamalaleveva endaweni okwenziwe kuyo ucwaningo, umiyane okuthiwa i-Anopheles darlingi. “Indawo evulekile okuqothulwe kuyo amahlathi, nenamachibi amanzi athola ilanga kancane, kubonakala sengathi iyindawo ekahle yokuphila kulabo miyane,” kusho uSarah Olson, umlobi oyinhloko walo mbiko. Izindawo ezihlaselwa kakhulu umalaleveva kuba yilezo okuye kwacekwa kuzo amahlathi amaningi.
Izimbambela Ezindizayo
Muva nje izithombe ziveze ubufakazi bokuthi kunezinhlobo ezithile zezimbambela ezindizayo, zenza lokhu ngokutsazisa amanzi. Isazi sezinto eziphila olwandle saphawula ukuthi “imbambela engaba amasentimitha angaba ngu-20 nje kuphela ingagxumela ngaphandle kwamanzi ifinyelele ebangeni elingamamitha amabili ukuphakama bese iya phambili, ishaya amaphikwana ewasebenzisela ukubhukuda inyakazise nezingadlwana zayo ihambe ibanga elingamamitha ayishumi,” kusho i-Scientific American. Ngokugwinya amanzi bese ziwatsazisa ngamandla embotshaneni ethile, lezi mbambela zithola umfutho owanele ukuze ziphumele ngaphezu kolwandle. Izithombe zibonisa ukuthi lapho zindiza zisebenzisa amaphikwana azo.