UDenga—Luyaqhubeka Luba Yingozi
“UMnyango Wezempilo waseMorelos . . . , ubambisene neBhodi Yezempilo Yomkhandlu Wedolobha Lase-Emiliano Zapata, wanikeza iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova isitifiketi ngenxa yokubambisana kwabo [oFakazi] ekugcineni izindawo zabo zihlanzekile ukuze zingabi yindawo yokuzalela omiyane abathwala udenga.”
IZIPHATHIMANDLA zaseMexico zinezizathu ezizwakalayo zokukhathazeka ngomiyane abathwala izifo. Lesi sinambuzane esincane futhi esiyisicefe singadlulisela igciwane eliyingozi elibangela udenga, isifo esibulalayo esiye saphatha abantu baseMexico abangaphezu kuka-57 000 ngo-2010. IMexico imane nje ingelilodwa emazweni angaphezu kwekhulu akhungethwe isifo sodenga. Empeleni, i-World Health Organization (WHO) ilinganisela ukuthi kungaba nabantu abangaba yizigidi ezingu-50 emhlabeni abaphathwa yisifo sodenga unyaka ngamunye, nokuthi izingxenye ezimbili kwezinhlanu zabantu kuwo wonke umhlaba zisengozini yokungenwa yilesi sifo. Ngenxa yalokho, iziphathimandla zezempilo zisungule izinhlelo zokuqeda umiyane onamabala amhlophe okuthiwa i-Aedes aegypti, esinye sezinambuzane ezithwala igciwane lodenga.a
Udenga luvame kakhulu ezindaweni ezishisayo nakwezifudumele, ikakhulukazi ngenkathi yezimvula nangemva kwenhlekelele engokwemvelo enjengesiphepho noma isikhukhula. Lokhu kungenxa yokuthi umiyane wensikazi okuthiwa i-Aedes uzalela noma kuphi lapho kunamanzi amile khona.b Ngenxa yokuthi abantu kulo lonke elaseLatin America naseCaribbean bakha amanzi futhi bawagcine emathangeni kasimende, ochwepheshe bezempilo babakhuthaza ukuba bawagcine evalekile. Lokhu kwenza amathange angabi yindawo yokuzalela omiyane. Abantu bayakunqanda futhi ukwanda kwalabo miyane uma begcina amagceke abo ehlanzekile kungekho masondo amadala ezimoto, amakopi, izitsha okutshalwa kuzo izimbali, nezinto ezenziwe ngepulasitiki—nanoma yini okungama kuyo amanzi.
Ukuhlonza Nokubhekana Nodenga
Ngokuvamile udenga luye ludidaniswe nomkhuhlane ngenxa yezimpawu zalo. Kodwa i-WHO ithi, kufanele usole ukuthi unodenga noma nini lapho uba nemfiva ehambisana nokuqubuka, izinhlungu eziba ngemva kwamehlo, ubuhlungu bemisipha namalunga, okuyisizathu esenza lubizwe ngokuthi imfiva yamathambo. Le mfiva ithatha izinsuku ezinhlanu kuya kwezingu-7.
Odokotela abakalitholi ikhambi lodenga, kodwa ezimweni eziningi lungelashelwa ekhaya ngokuphumula ngokwanele nangokuphuza uketshezi oluningi. Kodwa, iziguli kudingeka ziqashwe uma kwenzeka ziba nodenga oluhambisana nemfiva nokophela ngaphakathi noma i-shock syndrome. Lezi zinkinga ezingase zibangele ukufa, zingaba khona ngemva kokuphela kwemfiva yokuqala futhi sekubonakala sengathi isiguli siyalulama. Yiziphi ezinye zezimpawu zokuthi isimo sesisibi? Ubuhlungu obukhulu besisu, ukuhlanza okungapheli, umongozima nokopha izinsini, indle emnyama namashashaza abomvana esikhunjeni. Ngaphezu kwalokho, izimpawu ze-shock syndrome zingase zihlanganise ukungahlaliseki, ukoma ngokweqile, ukuphaphatheka nokubanda kwesikhumba kuhlanganise nomfutho wegazi ophansi kakhulu.
Ngokudabukisayo, imithi elwa namagciwane angamabhaktheriya ayikwazi ukwelapha udenga ngoba lubangelwa igciwane lohlobo lwe-virus. Senza kahle isiguli ngokugwema imithi elwa nokuvuvuka njenge-aspirin ne-ibuprofen ngenxa yokuthi ingase ibangele ukopha. Kunezinhlobo ezine zamagciwane abanga udenga, futhi kungenzeka umuntu aphathwe udenga izikhathi ezingaphezu kwesisodwa.
Uma ungenwa udenga, phumula ngokwanele futhi uphuze uketshezi oluningi. Zemboze ngenetha lokuvimba omiyane ngangokunokwenzeka ukuze omiyane bangakulumi bese bedlulisela lesi sifo kwabanye.
Ungakugwema kanjani ukutholwa omiyane? Gqoka izinto ezinemikhono emide, amabhulukwe amade noma ilokwe elide futhi ugcobe izinto ezixosha omiyane. Nakuba omiyane bengase bakulume noma nini phakathi nosuku, bamandla kakhulu phakathi namahora amabili ngemva kokuphuma kwelanga, namahora amabili ngaphambi kokuba lishone. Kungakuvikela nokuzemboza ngenetha elivimba omiyane futhi elinomuthi oxosha izinambuzane.
Kuyobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi liyatholakala yini ikhambi lokwelapha udenga. Kodwa, ekugcineni uMbuso kaNkulunkulu oyoqeda konke ukugula, ngisho nalolu hlobo lwemfiva. Bonke abahlala emhlabeni basilindele ngokulangazela isikhathi lapho uNkulunkulu ‘eyosula khona zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa kungeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala nobuhlungu bungeke busaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 21:3, 4.
[Imibhalo yaphansi]
a Emazweni athile, ezinye izinhlobo zomiyane, njenge-Aedes albopictus, nazo zingase zibe nalo igciwane lodenga.
b Ngokuvamile umiyane okuthiwa yi-Aedes awuhambi ngaphezu kwebanga elingamamitha angamakhulu ambalwa ukusuka endaweni ochanyuselwe kuyo.
[Umdwebo ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Bheka Izindawo Omiyane Abangazalela Kuzo
1. Amasondo ezimoto alahliwe
2. Ogadasi bemvula
3. Izitsha okutshalwa kuzo izimbali
4. Izinto ezenziwe ngepulasitiki
5. Amakopi alahliwe nemigqomo
Gwema Ukuzichaya Ekulunyweni Omiyane
a. Gqoka izingubo ezinemikhono emide, amabhulukwe amade, noma amalokwe amade. Gcoba izinto ezixosha omiyane
b. Lapho ulala zemboze ngenetha elivimba omiyane
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Source: Courtesy Marcos Teixeira de Freitas