Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/12 kk. 7-9
  • Ukulawula Intukuthelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulawula Intukuthelo
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Hlukana Nentukuthelo”
  • Yehlisa Izinga Lentukuthelo
  • Funda Ukwehlisa Umoya
  • Lungisa Umbono Wakho Ngokulindele
  • Lithini IBhayibheli Ngentukuthelo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Ukuthukuthela Akulungile Ngaso Sonke Isikhathi?
    I-Phaphama!—1994
  • Intukuthelo—Iyini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ngingayilawula Kanjani Intukuthelo Yami?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 3/12 kk. 7-9

Ukulawula Intukuthelo

EMINYAKENI engaphezu kwengu-2 000 edlule, isazi sefilosofi esingumGreki u-Aristotle sasebenzisa igama elithi “catharsis” ukuze sichaze “ukukhipha” noma ukudedela ukucindezeleka okungokomzwelo okubangelwa ukubuka umdlalo waseshashalazini onyantisayo. Iphuzu laliwukuthi ngemva kokuba umuntu esekhiphe lokhu kucindezeleka, wayengaba nomuzwa wokuthula kwengqondo.

Ekuqaleni kwekhulu leminyaka elidlule, isazi sezinzwa sase-Austria uSigmund Freud sasho okufanayo. Sathi uma abantu bevalela ngaphakathi noma becindezela imizwa yabo engalungile, leyo mizwa iyovela kamuva isiyinkinga yokuphazamiseka kwengqondo njengokuba nesififane. Ngaleyo ndlela, uFreud wagcizelela ukuthi kufanele uyiveze intukuthelo kunokuba uyicindezele.

Eminyakeni yamuva, abacwaningi abahlola inkolelo ye-catharsis phakathi neminyaka yawo-70 nawo-80 bathola okuncane noma abatholanga lutho abangayisekela ngakho. Lokhu kwaholela ekutheni isazi sokusebenza kwengqondo uCarol Tavris sibhale lokhu: “Sekuyisikhathi sokuyeka ukusekela inkolelo ye-catharsis. Inkolelo yokuthi ukubuka ubudlova (noma ‘ukuba nobudlova’) kuqeda izingxabano ayikaze ifakazelwe ngocwaningo.”

Esinye isazi sokusebenza kwengqondo, uGary Hankins, sathi: “Ucwaningo lubonisa ukuthi ‘ukukhipha’ yonke intukuthelo yakho ngendlela engalawuliwe ngokuvamile kukushiya ungakhululekile neze.” Kuyavunywa, ochwepheshe bengqondo bangase bagcine bengavumelani ngenkolelo ‘yokukhipha’ intukuthelo. Kodwa, abantu abaningi baye bazuza kakhulu komunye umthombo wokuhlakanipha, iBhayibheli.

“Hlukana Nentukuthelo”

Umbono wokulawula intukuthelo uvezwa kahle umhubi waseBhayibhelini uDavide. Wathi: “Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka; ungafuthelani ukuba nje wenze okubi.” (IHubo 37:8) Indlela yokugwema ukusho noma ukwenza into ongase uzisole ngayo kamuva iwukuba ugweme ‘ukufuthelana.’ Kuyiqiniso ukuthi kulula ukusho kunokwenza. Kodwa kungenzeka! Ake sicabangele izindlela ezintathu ongalawula ngazo intukuthelo yakho.

Yehlisa Izinga Lentukuthelo

Ukuze wehlise intukuthelo, yehlisa umoya ukhululeke nje. Zama ukugwema ukusho into efika kuqala engqondweni. Uma uzwa ukuthi uyafuthelana futhi usengozini yokuhluleka ukulawula imizwelo yakho, sebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Ukuqala kombango kunjengomuntu ovulela amanzi; ngakho ngaphambi kokuba kuqhume ingxabano, hamba.”—IzAga 17:14.

Yilokho okwasiza uJack ukuba alawule intukuthelo yakhe. Uyise wayeyisidakwa esinolaka. Njengoba ekhula, uJack naye waba yisidlova. Uthi: “Lapho ngithukuthele, ngangizwa sengathi ngiyasha. Ngangiklabalasa futhi ngilwe.”

Kodwa, izinto zaqala ukushintsha lapho uJack eqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wafunda ukuthi ngosizo lukaNkulunkulu, angashintsha futhi afunde ukulawula intukuthelo yakhe. Washintsha ngempela! UJack ulandisa indlela asabela ngayo lapho othile asebenza naye owayecasukile emthuka: “Ngazizwa ngifuthelana. Into eyafika engqondweni kwaba ukumbamba ngimgqimuze phansi.”

Yini eyasiza uJack ukuba ehlise umoya? Uyachaza: “Ngiyakhumbula ngithandaza ngithi, ‘Ngiyakucela Jehova, ngisize ngehlise umoya!’ Ngemva kwalokho, ngokokuqala ngqa, ngazizwa ngizola, futhi ngakwazi ukuphenduka ngahamba.” UJack waqhubeka nokufunda iBhayibheli. Wagxila kakhulu emthandazweni nasekuzindleni ngemiBhalo efana nezAga 26:20, ezithi: “Lapho kungekho zinkuni umlilo uyacima.” Kamuva uJack wagcina ekwazile ukunqoba intukuthelo.

Funda Ukwehlisa Umoya

“Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Ukusebenzisa leli qiniso leBhayibheli eliyisisekelo kungathuthukisa imizwelo, umzimba nempilo engokomoya. Qala ngokufunda izindlela ezilula zokwehlisa umoya, ezisiza ekunciphiseni ulaka. Izindlela ezilandelayo zisebenzile ekulweni nentukuthelo ehlobene nokucindezeleka:

● Ukudonsa kakhulu umoya ubuye uwukhiphe, kungenye yezindlela ezingcono kakhulu futhi esheshayo yokwehlisa intukuthelo.

● Lapho udonsa umoya, phindaphinda igama noma inkulumo ekusiza ukuba wehlise umoya, njengokuthi “yehlisa umoya,” “iyeke le nto,” noma “musa ukuxhamazela.”

● Gxila kakhulu entweni oyijabulelayo—mhlawumbe ukufunda, ukulalela umculo, ukusebenza engadini, noma uhlobo oluthile lomsebenzi okwenza wehlise umoya.

● Vivinya umzimba njalo udle nokudla okunempilo.

Lungisa Umbono Wakho Ngokulindele

Ungase ungakwazi ukubagwema ngokuphelele abantu noma izinto eziyizimbangela zentukuthelo, kodwa ungafunda ukulawula indlela osabela ngayo. Lokhu kuhilela ukushintsha indlela ocabanga ngayo.

Abantu abalindela okukhulu kakhulu kwabanye bavame ukuba nezinkinga ezinkulu zentukuthelo. Kungani? Kungenxa yokuthi lapho othile noma okuthile kungalifinyeleli izinga abalilindele, kulandela ukudumala nentukuthelo. Ukuze ulwe nesimo sengqondo sokungawamukeli amaphutha, kuhle ukukhumbula ukuthi ‘Akekho umuntu olungileyo, ngisho noyedwa; bonke baphambukile.’ (Roma 3:10, 12) Ngakho-ke, sisuke sizibeka esimweni sokuba yizehluleki uma sicabanga ukuthi thina noma omunye umuntu angaphelela.

Sibonisa ukuhlakanipha uma singalindeli okukhulu kakhulu kithi noma kwabanye. IBhayibheli lithi: “Siyakhubeka izikhathi eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo.” (Jakobe 3:2) Ngempela, “akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” (UmShumayeli 7:20) Ngakho uma sizenza into esingeyona—abaphelele—lokho kuyoholela ekuphileni okugcwele ukukhungatheka nentukuthelo.

Njengabantu abangaphelele, sonke siyathukuthela ngezikhathi ezithile. Kodwa siyazikhethela ukuthi siyibonakalisa kanjani intukuthelo yethu. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu ayekanye nawo: “Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” (Efesu 4:26) Ngempela, ngokulawula intukuthelo yethu, singaveza imizwa yethu ngendlela enhle, indlela ezuzisa bonke abahilelekile.

[Ibhokisi/Izithombe emakhasini 8, 9]

FUNDA UKWEHLISA UMOYA

Prakthiza ukudonsa umoya

Gxila entweni oyithandayo

Vivinya umzimba njalo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela