Intukuthelo—Iyini?
“NGOKUCINDEZELA isiphiwo sentukuthelo osiphiwe uNkulunkulu, uyazibulala.” Yaxwayisa kanjalo indaba eyacashunwa kumagazini iNewsweek. Ngokusobala, eminyakeni eminingi, izazi eziningi zengqondo ziye zandisa umqondo wokuthi intukuthelo ebanjwayo ingase ibangele izifo ezinjengomfutho ophakeme wegazi, isifo senhliziyo, ukucindezeleka, ukukhathazeka, nokuba umlutha wotshwala.
Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liye laxwayisa ezinkulungwaneni zeminyaka: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka.” (IHubo 37:8) Umbono weBhayibheli uqondile: “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.”—UmShumayeli 7:9.
Ubani oqinisile, izazi zezwe noma iBhayibheli? Iyini ngempela intukuthelo? Ingabe kulungile ukubonisa intukuthelo?
Ukubonisa Intukuthelo
“Intukuthelo” igama elilodwa elichaza umuzwa onamandla noma ukusabela ngokungathokozi nobutha. Kukhona amanye amagama futhi aveza izinga lentukuthelo noma indlela eboniswa ngayo. Ukudinwa kusho intukuthelo enkulu. Ukuvutha kungabulala. Ukuveva kungabhekisela ekuthukutheleni ngenxa ye senzo esibi. Futhi ukufutheka ngokuvamile kusho impindiselo noma isijeziso.
Ngokuvamile intukuthelo inesisusa: Sithukutheliswa okuthile. Kodwa indlela esibonisa ngayo intukuthelo noma indlela esibhekana ngayo nayo yenza umehluko omkhulu.
Ngokuthakazelisayo, nakuba izazi eziningi ziphikelela ngokuthi ukubonisa intukuthelo kuyasiza, ukuhlola kwamuva kokusebenza kwengqondo kubonisa ukuthi abantu abaningi abazivumela ukuba babonise intukuthelo bakhathazwa ukwehla kokuzethemba, ukucindezeleka, isazela, ubutha noma ukukhathazeka. Ngaphezu kwalokho, “ukuyibhodla,” mhlawumbe okuhambisana namazwi entukuthelo, ukumemeza, ukukhala, ngisho nokuhlasela ngokoqobo, ngokuvamile kudala izinkinga ezengeziwe kunokuzixazululayo. Umuntu othukuthele uyaqhubeka ethukuthela, futhi imizwa ebuhlungu iyakhula kwabanye.—IzAga 30:33; Genesise 49:6, 7.
Lapho simemeza futhi sithetha ngentukuthelo, ngokuvamile asitholi imiphumela ebesiyilindele ngoba okuthukuthelisile uphoqeleleka ukuba aphindisele. Ngokwesibonelo, ake sithi lapho ushayela imoto yakho, omunye umshayeli wenza okuthile ukuze akucasule. Ngenxa yalokho uyamemeza futhi ushaya ihutha, kalula ukumemeza kwakho kungase kubangele umuntu omthukuthelele ukuba aphindisele. Ngezinye izikhathi, izingozi ziye zenzeka ezimweni ezinjalo. Ngokwesibonelo, indoda ethile eBrooklyn, eNew York, yafa kubangwa indawo yokupaka imoto emgwaqweni. IBhayibheli liqokomisa inkinga lapho lithi: “Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.” (IzAga 29:22) Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukulandela leseluleko: “Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. . . . Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke”!—Roma 12:17, 18.
Ngakho, ukubonisa intukuthelo akusisizi. Kodwa ingabe ku silungele ngokomzimba? Odokotela abaningi baye baphetha ngokuthi akunjalo. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi abantu abathambekele ekuboniseni intukuthelo banezinga eliphakeme lomfutho wegazi. Abanye babika ukuthi intukuthelo iye yabangela izifo zenhliziyo, ubuhlungu bekhanda, umongozima, isiyezi, noma ukuhluleka ukukhuluma. Ngakolunye uhlangothi, uMniki wokuphila kwethu uyachaza: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) UJesu wathi: “Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.”—Mathewu 5:9.
Izimbangela Zentukuthelo
Ezinye izimbangela zentukuthelo ukuhlaselwa kokuzethemba kwethu, ukugxekwa, ukwethukwa, ukuphathwa kabi, nokukhungatheka okungafanele. Lapho abantu bethukuthele, badlulisela isigijimi esigcizelelayo esithi: “Usongela injabulo yami nokulondeka kwami! Ulimaza idumela lami! Ungiphuca ukuzihlonipha kwami! Usizakala ngami!”
Ngezinye izikhathi abantu basebenzisa intukuthelo njengesembozo senye into. Ngokwesibonelo, umfana oneminyaka eyi-14 ubudala edolobheni laseNew York wayehlala ethukuthele futhi ehileleka ekulweni njalo. Ngosizo lukadokotela, ekugcineni umfana wavuma: “Ngangingeke ngisho ukuthi, yebo, ngidinga usizo, ngifuna umuntu engingakhuluma naye . . . Wesaba ukuthi abantu ngeke bakuthande.” Ngakho, ayekudinga ngempela kwakuwukunakwa nothando.
Umbhangqwana oshadile eCalifornia wawuxabana njalo uma umfazi ekade evakashele umngane wakhe. Ukuziphatha kwendoda kwentukuthelo kwabangela isimo esifanayo kumfazi. Ngesikhathi sokwelulekwa, ekugcineni indoda yatshela umkayo okuthile eyayingakaze ikutshele muntu ngaphambili. Lapho umkayo ehamba eyishiya, ngisho noma kuyisikhathi esifushane, ngaphakathi kuyo yayesaba ukuthi angase angaphinde abuye ngoba uyise wayilahla lapho isencane. Lapho umfazi esiqonda isizathu sentukuthelo yomyeni wakhe—ukwesaba ukushiywa—kwamsiza ukuba ayeke ukumthukuthelela futhi amqinisekise ngothando lwakhe.
Ngakho, intukuthelo ingase ibe uphawu. Ezimweni ezinjalo, ngokuthola imbangela yayo, singafunda ukubhekana nayo ngendlela efanele.
[Isithombe ekhasini 4]
Odokotela abaningi baye baphetha ngokuthi ukubonisa intukuthelo kuyayilimaza impilo