Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/12 kk. 19-21
  • Kungani Abazali Bami Bengaqondi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Abazali Bami Bengaqondi?
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ngingabazi Kanjani Kangcono Abazali Bami?
    I-Phaphama!—2009
  • Kungani Sihlale Siphikisana?
    I-Phaphama!—2010
  • Kungani Sihlale Siphikisana?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 5/12 kk. 19-21

Intsha Iyabuza

Kungani Abazali Bami Bengaqondi?

AKE UCABANGE NGALESI SIMO.

Yihora lesithupha ntambama ngoLwesihlanu futhi uJim oneminyaka engu-17 uphuthuma emnyango wendlu ongaphambili. “Ngizobuye nginibone!” usho ememeza abazali bakhe, enethemba lokuthi ngeke bambuze umbuzo abahlale bembuza wona.

Kodwa bekufanele ngabe uyazi ukuthi lokho ngeke kwenzeke.

“Uzobuya nini, Jimmy?” kubuza umama wakhe.

UJim uyama. “Eh . . . eh . . . ,” engingiza, “ningazihluphi ngokungilinda.” UJim uvula umnyango futhi uzitshela ukuthi usephunyukile. Kodwa uyise uyamemeza, “Yima lapho, James!”

UJim uphinde ame khimilili, abese ezwa izwi likayise eliqinile: “Uyawazi umthetho. Ngehora leshumi ube usubuyile—akujiki futhi!”

UJim uyakhononda njengoba eya kuyise, “Hawu Baba, uyazi ukuthi kuzongilulaza kanjani ukutshela abangane bami ukuthi kumelwe ngisheshe ngiphindele ekhaya?”

Uyise akayingeni leyo. Uyaphinda, “Ngehora leshumi ube usubuyile futhi akujiki!”

MHLAWUMBE uke waba sesimweni esifanayo. Kungakhathaliseki ukuthi indaba yayiphathelene nesikhathi sokubuya ekhaya, umculo, abangane noma izingubo, abazali bakho babebeke umthetho futhi babengazimisele nakancane ukuwushintsha. Ngokwesibonelo:

“Ngemva kokushada nomama, usingababa wamelana nawo wonke umculo engangiwuthanda. Ngagcina sengiwalahle wonke ama-CD ami!”—UBrandon.a

“Umama uyangigxeka ngokuthi anginabangane. Kodwa uma ngicela ukuhamba nothile, uyenqaba ngoba ethi akamazi lowo muntu. Lokho kuyangikhungathekisa!”—UCarol.

“Ubaba nosingamama abangivumeli ngigqoke isikibha esingimpintshayo. Kanti ubaba ungibelesela ngokuthi isikhindi sifushane kakhulu uma siphelela ngenhla kwamadolo!”—USerena.

Ungenzenjani uma wena nabazali bakho ningaboni ngaso linye? Ungaxoxa yini nabo? “Abazali bami ngokuvamile abafuni ukungilalela,” kusho uJoanne oneminyaka engu-17. U-Amy, oneminyaka engu-15, uthi, “Uma nginomuzwa wokuthi abazali bami abangiqondi, ngivele ngizithulele.”

Kodwa ungasheshi uphonse ithawula! Kungenzeka abazali bakho bazimisele kakhudlwana ukulalela kunalokho okucabangayo.

Cabanga ngalokhu: Ngisho noNkulunkulu uyalalela lapho abantu bemchazela isimo esithile. Ngokwesibonelo, uJehova wamlalela uMose lapho ekhulumela ama-Israyeli angalaleli.—Eksodusi 32:7-14; Duteronomi 9:14, 19.

Ungase ube nomuzwa wokuthi abazali bakho abacabangeli ngendlela uNkulunkulu acabangela ngayo. Kuyavunywa nokuthi kunomehluko omkhulu phakathi kukaMose ekhuluma noJehova ngekusasa lesizwe sonke kanye nawe ukhuluma noBaba noMama ngokungasheshi ubuye ekhaya. Noma kunjalo, kunesimiso esisebenza kuzo zombili lezi zimo:

Uma kunephuzu elizwakalayo ofisa ukulivezela abasegunyeni—kule ndaba okungabazali bakho—bangase bakulungele ukukulalela.

Imfihlo yempumelelo iwukuthi uyiveza kanjani indaba yakho! Izinyathelo ezilandelayo zizokusiza wenze lokho ngempumelela eyengeziwe.

  1. Thola ukuthi iyini inkinga. Ngezansi, bhala into wena nabazali bakho okubonakala ningavumelani ngayo.

  2. Thola indlela ozizwa ngayo. Ngezansi, bhala igama elichaza indlela umbono wabazali bakho kuleyo ndaba okwenza uzizwe ngayo—kungaba ukuzwa ubuhlungu, ukudumala, ukululazeka, ukuzizwa ungethenjwa noma okunye. (Ngokwesibonelo: Endabeni esesethulweni salesi sihloko, uJim uphawule ukuthi isikhathi sokuba abe sekhaya esibekwe abazali bakhe simenza azizwe elulazeka kubangane bakhe.)

  3. Cabanga njengomzali. Ake sithi unengane ebhekene nesimo esifanayo naleso osibhale eSinyathelweni #1. Ukube ubungumzali, yini ebingakukhathaza kakhulu futhi ngani? (Isibonelo: Endabeni esiqale ngayo, abazali bakaJim bangase bakhathazeke ngokuphepha kukaJim.)

  4. Phinde uyihlole futhi indaba. Phendula le mibuzo elandelayo:

    Iyiphi inzuzo oyibonayo embonweni wabazali bakho?

    Yini ongayenza ukuze bayeke ukukhathazeka?

  5. Khuluma nabazali bakho ngale ndaba futhi nithole isixazululo. Ngokusebenzisa izinyathelo eziboniswe ngenhla, nangokucabangela ukusikisela okusebhokisini elithi “Amacebiso Okukhulumisana”—ungase uthole ukuthi ungakhuluma nabazali bakho ngendlela ebonisa ukuvuthwa. UKellie usejabulela lobo buhlobo noyise nonina. Uthi, “Ukuqophisana akukuyisi ndawo, kanti vele uzohluleka. Into engisizayo mina ukubonisana nabazali bami. Ngokuvamile siyaye sifinyelele isiphetho esisanelisayo sonke.”

Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala eNgosini ethi www.watchtower.org/ype

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

AMACEBISO OKUKHULUMISANA

“Ukulalela kungafeza okuningi kunokuklabalasa. Uma ubalalela abazali bakho futhi uzama ukuwuqonda umbono wabo, cishe nabo bayokwenza okufanayo nakuwe.”—URianne.

Funda eyabaseFilipi 2:3, 4.

“Ungaqophisani nabo! Ngakwenza ngokuphindaphindiwe lokho ngaze ngabona ukuthi impikiswano (nokujeziswa) bekungagwemeka ukube ngiye ngalawula ulimi lwami!”—UDanielle.

Funda IzAga 17:27; 21:23.

“Linda kuze kube yilapho isimo sidamba, lapho abazali bakho bezobe sebekulungele ukulalela.”—UCollette.

Funda IzAga 25:11.

“Abazali bakho kudingeka bazi ukuthi uyabahlonipha nokuthi uyakulalela ngempela abakushoyo. Ngakho, ngaphambi kokuba ubatshele ukuthi uzizwa kanjani, baqinisekise ukuthi ukuzwile abakushilo nokuthi uyaqonda.”—U-Emily.

Funda IzAga 23:22; Jakobe 1:19.

IQINISO LOKUPHILA

Akukona konke ukungavumelani okufanele kuxoxwe ngakho. Kwezinye izimo, ungavele ‘ukhulume ngenhliziyo, kodwa uthule.’ (IHubo 4:4) Intombazanyana okuthiwa uBeatrice ithi: “Ngezinye izikhathi lapho ngicabanga ngokuthi inkinga izobe isiwubala kanjani ngakusasa, ngivele ngikhohlwe yiyo.”

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Nanikuxazulula kanjani ukungezwani nabazali benu? Uma beningahlehlela emuva, kukhona ebeningakwenza ngendlela ehlukile? Uma kunjalo, yikuphi?

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UWyndia—Ngizama ukuwabala amagama ami. Ngiyawucabangela umbono wabazali bami, futhi ngiyathandaza ngaphambi kokuba ngisho noma yini. Uma ngazi ukuthi lokho engizokusho kuzosusa ingxabano, ngiyathula kuze kube yilapho ngingakwazi ukuveza imizwa yami ngaphandle kokususa impikiswano.

URoss—Lapho ngizizwa ngifudumala, ngizama ukuzitshela ukuthi ngingase ngone usuku lwami ngempikiswano engadingekile. Ngenxa yalokho, ngithola ukuthi manje angisavamile ukuthukuthela njengalapho ngisemncane.

URamona—Ngithola ukuthi kuhlale kungcono ukulalela umbono wabazali bami. Kungenzeka umbono wabo uvele ungehluki kakhulu kowami futhi nokuphikisana kuvele kungabi kukhulu ngendlela ebengiyilindele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela