Intsha Iyabuza
Kungani Sihlale Siphikisana?
Endabeni engezansi, uRachel ubangela ingxabano ngezindlela ezintathu. Ingabe uyazibona? Bhala izimpendulo zakho ngezansi kwale ndaba, futhi uziqhathanise nebhokisi elithi “Izimpendulo” elisekugcineni kwalesi sihloko.
ULwesithathu ebusuku. URachel oneminyaka engu-17 ubudala, useqedile ukwenza imisebenzi yakhe yasekhaya futhi uselungela ukuhlala phansi aphumule ekugcineni! Uvula ithelevishini abese ehlala esihlalweni asithandayo.
Ngawo nje lowo mzuzu, kungena unina futhi ubonakala engajabule neze. “Rachel! Kungani uchitha isikhathi ubuka ithelevishini kuyilapho kufanele ngabe usiza udadewenu ngomsebenzi wesikole? Umthetho wakho awuzwa wena!”
“Kwasuka lokho,” kusho uRachel ekhulumela phezulu.
Unina uyasondela. “Uthini?”
“Angishongo lutho,” kusho uRachel ephukula.
Manje unina usecasuke ngempela. Uthi: “Ungakhulumi kanjalo nami uyezwa!”
“Kodwa wena mama ukhuluma kanjani nami?” Kuphendula uRachel.
Ukuphumula kuphelile . . . Sekuqale enye impikiswano.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
INGABE usijwayele isimo esichazwe ngenhla? Ingabe wena nabazali bakho nihlale niphikisana? Uma kunjalo, zinike isikhathi sokuhlolisisa isimo. Iziphi izinto enivame ukuphikisana ngazo? Bhala uqhwi endaweni efanele—noma ufake esakho isihloko eceleni kwendawo ethi “Okunye.”
◯ Isimo sengqondo
◯ Imisebenzi yasekhaya
◯ Izingubo zokugqoka
◯ Ukubekelwa isikhathi
◯ Ezokuzijabulisa
◯ Abangane
◯ Abobulili obuhlukile
◯ Okunye ․․․․․
Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi kulokhu, ukuphikisana kushiya wena—nabazali bakho—nicindezelekile. Kuyiqiniso ukuthi ungavele uthule futhi wenze sengathi uyavumelana nakho konke okushiwo abazali bakho. Kodwa ingabe uNkulunkulu ulindele ukuba wenze kanjalo? Cha. Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli lithi: “Hlonipha uyihlo nonyoko.” (Efesu 6:2, 3) Kodwa futhi likukhuthaza nokuba uhlakulele ‘nekhono lokucabanga’ futhi usebenzise “namandla okucabanga.” (IzAga 1:1-4; Roma 12:1) Njengoba wenza lokho, akunakugwemeka ukuba ube nendlela eqinile obheka ngayo izinto ezithile, futhi kwezinye izinto ingase ihluke kweyabazali bakho. Kodwa, emikhayeni esebenzisa izimiso zeBhayibheli, abazali nentsha bangakhulumisana ngokuthula—ngisho nalapho bengenawo umbono ofanayo ngezinto.—Kolose 3:13.
Ungayiveza kanjani imizwa yakho ngaphandle kokubangela impikiswano? Kulula ukuthi: “Inkinga yabazali bami-ke leyo. Empeleni, yibo abahlale befuna ukungilawula!” Kodwa ake ucabange: Ubalawula kangakanani abanye, kuhlanganise nabazali bakho? Munye kuphela umuntu ongamshintsha, nguwe. Okuhle ukuthi, uma wenza ingxenye yakho ukuze udambise isimo, cishe nabazali bakho bayokwehlisa umoya futhi bakulalele uma kunokuthile ofuna ukukusho.
Ngakho ake sibone ukuthi yini ongayenza ukuze uqede ukuphikisana. Sebenzisa ukusikisela okulandelayo, futhi ungase ubamangaze abazali bakho—ngisho nawe—ngendlela yakho entsha yokukhulumisana.
(Ukusikisela: Bhala uqhwi eceleni kokusikisela okufanele usebenzele kukho.)
◯ Cabanga ngaphambi kokuba uphendule. IBhayibheli lithi: “Abantu abalungile bayacabanga ngaphambi kokuba baphendule.” (IzAga 15:28, Today’s English Version) Ungavele nje usho into efika kuqala engqondweni uma ubona sengathi uyahlaselwa. Ngokwesibonelo, ake sithi umama wakho uthi: “Awuzigezanga ngani izitsha? Njalo awukwenzi okutshelwayo!” Ungase uphendule ngokushesha ngokuthi, “Kungani ungibelesela?” Kodwa sebenzisa ikhono lakho lokucabanga. Zama ukuqonda umuzwa anawo umama wakho ngalokhu akushoyo. Ngokuvamile, amazwi ahambisana nenkulumo ethi “njalo nje” nathi “awusoze wa-,” akufanele athathwe njengoba enjalo. Kodwa, ayawuveza umuzwa ocashile. Ungaba yini lo muzwa?
Mhlawumbe umama wakho ucindezelekile, unomuzwa wokuthi kuningi akuthwele ngaphandle nje kwengxenye yakhe yemisebenzi yasekhaya. Kungase kube ukuthi ufuna nje umqinisekise ukuthi uyamsekela. Noma eqinisweni, kungenzeka ukuthi usuzenzele igama lokungawenzi umsebenzi wakho. Kunoma yikuphi, amazwi athi “Kungani ungibelesela?” ngeke akusize ngalutho—ngaphandle nje kokuthi mhlawumbe angase abangele impikiswano! Ngakho kunokuphendula kanjalo, kungani ungazami ukusiza umama ehlise umoya? Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Ngiyabona ukuthi uphatheke kabi mama. Ngizozigeza khona manje izitsha.” Qaphela: Ungakhulumi ngendlela ebhuqayo. Ukusabela ngozwela cishe kuyosidambisa isimo phakathi kwenu.
Ngezansi, bhala amazwi angase akucasule angashiwo umama noma ubaba wakho uma uwavumela.
․․․․․
Manje cabanga ngendlela yokuphendula enozwela ongayisebenzisa engabonisa ukuyiqonda imizwa yabo ecashile.
◯ Khuluma ngenhlonipho. UMichelle uye wafunda ukuthi ibaluleke kanjani indlela akhuluma ngayo nonina. Uthi, “Kungakhathaliseki ukuthi sikhuluma ngani, ekugcineni umama ucasulwa yindlela engikhuluma ngayo.” Uma kuvame ukuba njalo ngawe, funda ukukhuluma ngezwi eliphansi ungasheshi, futhi ugweme ukukweqa amehlo noma ukwenza ezinye izinto ezibonisa ukuthi ucasukile. (IzAga 30:17) Uma unomuzwa wokuthi uyahluleka ukuzibamba, yenza umthandazo omfushane kuNkulunkulu. (Nehemiya 2:4) Kuyiqiniso ukuthi injongo yakho ayikona ukuthola usizo oluvela phezulu ‘lokwenza umzali wakho akuyeke’ kodwa iwukulondoloza ukuzibamba ukuze ungenzi isimo sibe sibi kakhulu.—Jakobe 1:26.
Esikhaleni esingezansi, bhala amazwi noma izenzo okungaba kuhle ukuba uzigweme.
Indlela yokukhuluma (okushoyo):
․․․․․
Ukukhuluma ngezenzo (izimpawu zobuso nezomzimba):
․․․․․
◯ Lalela. IBhayibheli lithi: “Uyosho into engafanele uma ukhuluma kakhulu.” (IzAga 10:19, Contemporary English Version) Ngakho qiniseka ukuthi umnika ithuba lokukhuluma umama noma ubaba, futhi umlalelisise. Vala umculo, ubeke incwadi noma umagazini owufundayo eceleni, futhi umbheke emehlweni. Ungaphazamisi ngenjongo yobeka izaba zokuzithethelela. Lalela. Kamuva, lapho eseqedile ukukhuluma, uyoba nethuba eliningi lokubuza imibuzo noma lokuveza umbono wakho. Ngakolunye uhlangothi, uma unenkani futhi ufuna ukuveza umbono wakho manje, kungenza isimo sibe sibi nakakhulu. Ngisho noma kusenokuningi ongathanda ukukusho, okwamanje kungenzeka “isikhathi sokuthula.”—UmShumayeli 3:7.
◯ Kulungele ukuxolisa. Kuhlale kufaneleka ukuthi “Ngiyaxolisa” nganoma yini eyenzekile ebangele impikiswano. (Roma 14:19) Ungaze uxolise nangokuthi kunokungezwani okuthile. Uma ukuthola kunzima ukukwenza phambi kwabo lokhu, zama ukuveza imizwa yakho ngokubhala. Ngemva kwalokho, ‘yenza okwengeziwe’ ngokushintsha indlela oziphatha ngayo eyimbangela yengxabano. (Mathewu 5:41) Ngokwesibonelo, uma ukungawenzi umsebenzi othile kuyikho ebangele impikiswano, kungani ungabamangazi abazali bakho ngokuwenza lowo msebenzi? Ngisho noma ungawuthandi lowo msebenzi, akungcono yini ukuwenza kunokubhekana nemiphumela lapho abazali bakho bebona ukuthi awukawenzi?—Mathewu 21:28-31.
Ekugcineni, ukusebenzela ukuxazulula noma ukuvimbela ingxabano kungenza ukuphila kube lula kakhulu kuwe. Empeleni iBhayibheli lithi umuntu “onomusa wothando uwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakhe.” (IzAga 11:17) Ngakho cabanga ngalokho ongakuzuza ngokwenza ingxenye yakho ekunciphiseni ukungezwani phakathi kwakho nabazali bakho.
Imikhaya ephumelelayo iba nazo izingxabano, kodwa iyakwazi ukuzilungisa ngokuthula. Sebenzisa amakhono abalwe kulesi sihloko, futhi ungathola ukuthi ungaxoxa ngisho nangezinto ezinzima kakhulu nabazali bakho—ngaphandle kokuphikisana!
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Kungani abanye ontanga beyithanda impikiswano?
● Kungani uJehova embheka njengesiphukuphuku umuntu othanda impikiswano?—IzAga 20:3.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 27]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA
“Kwadingeka ukuba ngiqonde ukuthi nakuba ngisebenza futhi ngizinakekela ngokwezimali, ngisahlala emzini kamama futhi kufanele ngimlalele. Sekuyiminyaka eminingi enginakekela, ngakho lapho engibuza ngokufika sekwephuzile ekhaya—ngikuqonda kahle ukuthi kungani.”
“Uma singavumelani ngokuthile nabazali bami, sithandaza ngakho, sibheke ukwaziswa okuphathelene nakho, bese sixoxa ngakho. Njalo sifinyelela esivumelwaneni. Lapho simhilela njalo uJehova, yonke into iyalunga ekugcineni.”
[Izithombe]
UDaniel
UCameron
[Ibhokisi ekhasini 29]
IZIMPENDULO
1. Ukubhuqa njengokuthi (“Usuqalile futhi”) kwenza ukucindezeleka kukamama kube kukhulu kakhulu.
2. Ubuso bukaRachel (ukuphukula) kwakuwukususa umsindo omkhulu.
3. Ukudelela (“Wena ungithethiselani?”) kubangela izinkinga ezengeziwe.
[Ibhokisi ekhasini 29]
OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI
Ake ubheke isimo esiqale ngaso lesi sihloko. Kukhona yini okuphawulayo umama kaRachel akwenzile okubangele impikiswano? Ungakugwema kanjani ukuphikisana nengane yakho esikhulile? Nanka amaphuzu okufanele uwakhumbule:
Gwema amazwi anjengokuthi, “Njalo wena . . . ” noma athi “Awusoze wa-. . . ” Amazwi anjalo abangela impendulo engeyinhle. Empeleni, ayihaba futhi nengane iyakwazi lokho. Kungenzeka ukuthi ingane yakho iyazi nokuthi la mazwi ayihaba empeleni aphathelene nentukuthelo yakho, awahlangene nomsebenzi wayo.
Kunokusebenzisa amazwi aqala ngokuthi “wena,” zama ukuveza indlela okukuthinta ngayo lokho umntwana wakho akwenzayo. Ngokwesibonelo, “Lapho u . . . , ngizizwa . . . . ” Ngokuqinisekile, imizwa yakho ibaluleke kakhulu enhliziyweni yomntanakho. Ngokumtshela indlela othinteka ngayo, uyokwazi ukumenza abambisane nawe.
Nakuba kungase kube nzima, zibambe kuze kube yilapho isidlulile intukuthelo. (IzAga 10:19) Uma inkinga ihilela imisebenzi yasekhaya, xoxa nengane yakho. Kubhale phansi ngokuqondile lokho okulindeleke kuyo futhi uma kudingeka, yenze icace imiphumela yokungakwenzi lokho okulindelekile. Ulalele ngesineke umbono wayo, ngisho nalapho unomuzwa wokuthi uyiphutha. Izingane eziningi zisabela kangcono kumuntu ozilalelayo kunozithethisayo.
Ngaphambi kokuba usheshe ukuphetha ngokuthi ingane yakho inomoya wezwe wokuvukela, qonda ukuthi lokho okubona kuyo kuyingxenye yokukhula engokwemvelo. Ingane yakho ingase ikuphikise ukuze ikubonise ukuthi isikhulile. Gwema umuzwa wokuphikisana nayo. Khumbula, indlela osabela ngayo lapho uchukuluzwa ifundisa ingane yakho isifundo. Yiba nesineke nokubekezela, futhi uyobekela ingane yakho isibonelo esihle sokuba isilandele.—Galathiya 5:22-23.
[Isithombe ekhasini 28]
Ukuphikisana nabazali bakho kufana nokujaha umoya