Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda uGenesise 13:5-17. Yibe usubheka isithombe. Yini engekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi. Hlanganisa amachashazi ukuze isithombe siphelele, bese usifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
[Umdwebo]
(Bheka encwadini)
ENINGAXOXA NGAKHO:
Iyiphi ingxabano eyaba khona phakathi kukaLoti no-Abrahama kanye nabelusi bemfuyo yabo? Naphezu kokuba enamalungelo, u-Abrahama wakwenza kanjani ukuthula?
UMKHONDO: Funda uGenesise 13:7-9.
Ingabe u-Abrahama wayembambele amagqubu uLoti?
UMKHONDO: Funda uGenesise 14:12-16.
U-Abrahama wavuzwa kanjani ngezimfanelo zakhe zokwesaba uNkulunkulu?
UMKHONDO: Funda uGenesise 13:14-17.
Ungabonisa kanjani ukuthi ungumenzi wokuthula?
UMKHONDO: Funda eyoku-1 Korinte 13:4, 5; Jakobe 3:13-18.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Ngaphandle kokusho okuthile, elinye ilungu lomkhaya lingalingisa ingxenye yomunye wabalingiswa okukhulunywa ngabo ekulandiseni kweBhayibheli okungenhla. Amanye amalungu omkhaya kufanele azame ukuqagela ukuthi ubani lo mlingiswa.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 5 U-ABRAHAMA
IMIBUZO
A. Wayeneminyaka emingaki u-Abrahama lapho kuzalwa indodana yakhe u-Isaka?
B. Yini uJehova ayithembisa u-Abrahama?
C. Gcwalisa isikhala. Ngenxa yokholo lwakhe olukhulu nemisebenzi, u-Abrahama wabizwa ngokuthi ․․․․․.
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila Kwalotshwa Incwadi
ngawo-400 B.C.E. yokugcina eyalotshwa
[Ibalazwe]
Wasuka e-Uri waya eKhanani
I-Uri
IHarana
IKHANANI
U-ABRAHAMA
UMLANDO
Indoda ethembekile eyashiya umuzi ochumayo wase-Uri ukuze yenze intando kaNkulunkulu, nakuba yayingazi ukuthi izohlala kuphi. (Hebheru 11:8-10) Yayihlale ifundisa abendlu yayo ukuba “bagcine indlela kaJehova ukuba benze ukulunga.” (Genesise 18:19) IBhayibheli liyibiza ngokuthi “nguyise wabo bonke abanokholo.”—Roma 4:11.
IZIMPENDULO
A. Wayeneminyaka eyikhulu.—Genesise 21:5.
B. Ngenzalo yakhe zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyobusiswa.—Genesise 22:16-18.
C. “Umngane kaJehova.”—Jakobe 2:21-24.
Abantu Namazwe
3. Amagama ethu singoRahela no-Andrei. Sobabili sineminyaka engu-7 futhi sihlala eRomania. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eRomania? Ingabe bangu-38 600, 68 300, noma bangu-83 600?
4. Iliphi ichashaza elibonisa izwe esihlala kulo? Likokolozele bese ubeka ichashaza lapho izwe ohlala kulo likhona, ubone ukuthi useduze kangakanani neRomania.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungazithola yini lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
● “UKUBUKEZA KOMKHAYA” izimpendulo zisekhasini 11
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Inkomo.
2. Amathende.
3. Imvu.
4. C.