Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/14 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwe Omhlaba
  • EBrithani
  • EChina
  • EYurophu
  • Ukuphathwa Kwabesifazane Ngobudlova—Inkinga Yomhlaba Wonke
    I-Phaphama!—2008
  • Kodwa Ingabe Yikho Ngempela?
    I-Phaphama!—1992
  • Lapho Ubudlova Buhlasela Ikhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Unkulunkulu Uzizwa Kanjani Ngobudlova?
    I-Phaphama!—2002
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 9/14 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

Amazwe Omhlaba

Owesifazane ohlukunyezwa umuntu athandana naye

Ubudlova obenziwa kwabesifazane sebuphenduke “enye yezinkinga eziwuhlupho emphakathini emhlabeni jikelele,” kusho inhlangano yezempilo i-World Health Organization (WHO). Ithi, “Abesifazane abangamaphesenti angu-35 bazohlukunyezwa umuntu abathandana naye noma asebehlukene naye, noma omunye nje umuntu. Ubudlova obenziwa othile owesifazane asuke ethandana naye bande kakhulu . . . , buthinta abesifazane abangamaphesenti angu-30 emhlabeni jikelele.”

EBrithani

Isonto

Kuyinhlolo-vo eyenziwa kubantu abangu-64 303, abangamaphesenti angu-79 bathi bacabanga ukuthi “inkolo iyimbangela yosizi nezimpi ezigcwele emhlabeni namuhla.” Ngaphezu kwalokho, ukubalwa kwabantu kwango-2011 eNgilandi naseWales kwembula ukuthi bangamaphesenti angu-59 kuphela abazibiza ngamaKristu, behla besuka kwabangamaphesenti angu-72 ngo-2001. Phakathi nesikhathi esifanayo, inani labantu abathi abasonti ndawo lenyuka lisuka kumaphesenti angu-15 laya kwangu-25.

EChina

Abazali asebekhulile eChina

Ngokwemibiko yezindaba, umthetho osanda kuchitshiyelwa uyala ukuba izingane esezikhulile zingagcini nje ngokubavakashela njalo abazali bazo asebekhulile kodwa futhi zinakekele “izidingo zabo ezingokomzwelo.” Lo mthetho “awusho ukuthi sizoba yini isigwebo” uma izingane zingawulaleli.

EYurophu

Counterfeit goods

Manje amaqembu ezigebengu asenza umgunyathi ngezinto ezivamile ezisetshenziswa nsuku zonke njengezimonyo, izinto zokuhlanza ngisho nokudla imbala. Omunye umongameli wenkampani eyeluleka ngokuphepha kokudla uthi, “Cishe zonke izithako ngisho nezenani eliphansi kwezomnotho sezingasetshenziselwa inkohlakalo.” Omunye uchwepheshe ulinganisela ukuthi ukudla okungamaphesenti ayishumi okuthengwa emazweni asethuthukile konakalisiwe ngandlela thile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela