Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/15 kk. 14-15
  • Ukuphela Kwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphela Kwezwe
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Liyini “izwe” elizodlula?
  • Liyophela kanjani izwe?
  • Kuyofika nini ukuphela kwezwe?
  • Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso
    I-Phaphama!—1993
  • Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Injongo KaNkulunkulu Izofezeka Ngokushesha
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 11/15 kk. 14-15

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuphela Kwezwe

Eyoku-1 Johane 2:17 ithi, “Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” Liyini lelo “zwe”? Lizodlula nini futhi kanjani?

Liyini “izwe” elizodlula?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Ngenxa yokuthi izwe okukhulunywa ngalo ‘linezifiso’ ezingamukelwa uNkulunkulu, kuyacaca ukuthi aliwona umhlaba esiphila kuwo. Kunalokho, izwe lingabantu abangamlaleli uNkulunkulu, kanjalo bezenza izitha zakhe. (Jakobe 4:4) Abantu abakha lelo zwe “bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.” (2 Thesalonika 1:​7-9) Ngakolunye uhlangothi, abantu abazigcina ‘bengeyona ingxenye yezwe,’ belalela uJesu Kristu, banethuba lokuphila phakade.​—Johane 15:19.

Eyoku-1 Johane 2:17 iphetha ngokuthi: “Lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” Yebo, lowo unethemba lokuphila phakade khona la emhlabeni njengoba kusho iHubo 37:29: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”

“Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye.” ​—1 Johane 2:15.

Liyophela kanjani izwe?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Ukuphela kuyofika ngezigaba ezimbili ngokuyinhloko. Okokuqala, uNkulunkulu uyobhubhisa inkolo yamanga ehleliwe evezwe njengesifebe esibizwa ‘ngeBhabhiloni Elikhulu.’ (IsAmbulo 17:​1-5; 18:8) Nakuba sithi sithembekile kuNkulunkulu, siye sazihlanganisa nabaholi bezwe bezombusazwe. Nokho, bona kanye laba baholi bayosijikela. ‘Bayosizonda isifebe basenze incithakalo basihambise nqunu, bayoyidla bayiqede inyama [noma ingcebo] yaso futhi basishise ngomlilo siphele.’​—IsAmbulo 17:16.

Ngemva kwalokho, uNkulunkulu uyophendukela kubo laba baholi bezombusazwe​—‘amakhosi omhlaba wonke owakhiwe.’ Bekanye nabanye abantu ababi, bayobhujiswa “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke,” ebizwa nangokuthi ‘i-Armagedoni.’​—IsAmbulo 16:​14, 16.

“Funani uJehova, nonke nina abamnene bomhlaba . . . Funani ukulunga, funani ubumnene. Mhlawumbe ningase nisitshekelwe ngosuku lwentukuthelo kaJehova.”​—Zefaniya 2:3.

Kuyofika nini ukuphela kwezwe?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Ukuphela kuyofika lapho isintu sesixwayiswe ngokwanele ngesimemezelo esiyokwenziwa emhlabeni wonke soMbuso kaNkulunkulu​—uhulumeni womhlaba wonke oyobusa esikhundleni semibuso yabantu. (Daniyeli 7:​13, 14) UJesu Kristu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Umsebenzi wokushumayela, obonisa ubulungisa nesihe sikaNkulunkulu, uyingxenye ‘yesibonakaliso’ esinezingxenye eziningi, esiwuphawu lwesikhathi sesiphelo. Lesi sibonakaliso sihlanganisa izimpi, ukuzamazama komhlaba kanye nezifo, emhlabeni wonke.​—Mathewu 24:3; Luka 21:​10, 11.

Ngaphandle kokubikezela izenzakalo zomhlaba, iBhayibheli liphinde lichaze nohlobo lwabantu “bezinsuku zokugcina.” Lithi: “Kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, . . . abangalaleli abazali, . . . abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, . . . abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.”a​—2 Thimothewu 3:​1-5.

Iqembu labantu abathukuthele

Izwe elibi elikhona manje ‘lizodlula’ maduzane.​—1 Johane 2:17

Zonke lezo zenzakalo ziwuphawu lwenkathi eyaqala ngawo-1914 ngesikhathi seMpi Yezwe I. Ngaphezu kwalokho, kusukela ngalowo nyaka, uMbuso kaNkulunkulu uye wamenyezelwa kuwo wonke amagumbi omhlaba, futhi oFakazi BakaJehova bakubheka njengelungelo ukuhlotshaniswa eduze nalo msebenzi. Eqinisweni, umagazini wabo oyinhloko ubizwa ngokuthi INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova.

“Ngakho-ke, hlalani nilindile, ngoba anilwazi usuku noma ihora.”​—Mathewu 25:13.

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela