Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 1 kk. 8-9
  • Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sebenza Ngokuzikhandla
  • Thembeka
  • Ungayithandi Ngokweqile Imali
  • Khetha Imfundo Esezingeni Eliphezulu
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 1 kk. 8-9
Umama nendodana yakhe badlula benelisekile phakathi kwabantu abathanda izinto ezibizayo ezitolo zaseNdiya ezisendaweni ephithizelayo.

Indlela Ongathola Ngayo Injabulo Nokwaneliseka

Sonke siyakudinga ukujabula nokwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, sibancane noma sibadala. UMdali wethu naye ufuna sijabule futhi saneliseke yingakho eye wasinikeza iseluleko esiwusizo kakhulu.

Sebenza Ngokuzikhandla

“Makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokupha umuntu oswele.”​—EFESU 4:28.

UMdali wethu usikhuthaza ukuba sibheke umsebenzi njengento enhle. Kungani? Umuntu osebenza kanzima uyajabula ngoba uyakwazi ukuzinakekela nokunakekela umndeni wakhe. Angakwazi ngisho nokusiza umuntu odinga usizo. Uyoba ngisho nayigugu kumqashi wakhe. Maningi amathuba okuba umuntu ozimiselayo emsebenzini wakhe angalahlekelwa umsebenzi. ImiBhalo iyichaza kahle imivuzo yomuntu osebenza kanzima ngokuthi “isipho sikaNkulunkulu.”​—UmShumayeli 3:13.

Thembeka

“Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”​—HEBHERU 13:18.

Uma sithembekile siyazihlonipha, sibe nokuthula kwangaphakathi, silale kahle ngisho nasebusuku. Ngaphezu kwalokho, abanye bayosithemba futhi basihloniphe. Abantu abangathembekile bazincisha ithuba lokuba nalezo zinto ezinhle. Ngisho nonembeza wabo ungase ubahluphe futhi bangaphila ngokwesaba ukuthi ngelinye ilanga bangase babanjwe ngenxa yokungathembeki.

Ungayithandi Ngokweqile Imali

“Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona.”​—HEBHERU 13:5.

Siyayidinga imali ukuze sithole ukudla nezinye izinto esizidingayo. Noma kunjalo, ‘ukuthanda imali ngokweqile’ kuyingozi. Kungenza umuntu asebenzise sonke isikhathi sakhe namandla ezama nje ukuqongelela imali. Lokhu kufuna imali ngokweqile kungenza umshado wakhe ube nezinkinga, kumncishe isikhathi angasichitha nezingane zakhe, kulimaze ngisho nempilo yakhe. (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngaphezu kwalokho, umuntu othanda imali angase alingeke ukuba angathembeki. Indoda ehlakaniphile yathi: “Umuntu othembekile uyothola izibusiso eziningi, kodwa ojaha ukuceba ngeke ahlale emsulwa.”​—IzAga 28:20.

Khetha Imfundo Esezingeni Eliphezulu

“Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.”​—IZAGA 3:21.

Imfundo enhle isisiza sibe abantu abadala okungathenjelwa kubo nabazali abahle. Kodwa uma imfundo esiyithola ezikoleni iyodwa, ngeke iqinisekise ukuthi sizohlale silondekile futhi sijabula. Ukuze siphumelele kukho konke esikwenzayo ekuphileni, kudingeka sithole imfundo evela kuNkulunkulu. ImiBhalo ithi ngomuntu olalela uNkulunkulu: “Konke akwenzayo kuyophumelela.”​—IHubo 1:1-3.

Ngizizwa Ngijabule Futhi Nganelisekile

“Emphakathini engihlala kuwo abantu basebenza kanzima ukuze bathole imfundo ephakeme, ingcebo nodumo. Noma kunjalo, ngisho bangaceba bathole nodumo ngokuvamile bayahluleka ukuthola injabulo yangempela. IBhayibheli langisiza ngaqonda ukuthi yini ebaluleke ngempela ekuphileni. Ngafunda ukuthi imali ingase ibe yisivikelo kodwa ngeke ikwazi ukusithengela injabulo nothando lwangempela. Ngizizwa ngijabule futhi nganelisekile ngoba iBhayibheli liyangisiza ngenze izinqumo ezihlakaniphile mayelana nemali nomsebenzi.”​—UKishore.

UKishore.

Funda okwengeziwe:

Ukuze uthole ezinye izeluleko ezisebenzayo ezivela kuMdali wethu mayelana nomsebenzi, imali nemfundo, ngena ku-jw.org/zu uye engxenyeni ethi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > UKUTHULA NENJABULO.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela