Isifundo 12
Inkulumo Engahloswanga Nongazilungiselanga Yona
1, 2. UJehova usisiza kanjani ukukhuluma na?
1 “Ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso lesosikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.” (Math. 10:19, 20) Lawomazwi kumelwe ukuthi aletha ithemba elimangalisayo kubafundi bakaJesu bokuqala. Futhi aqinisa izikhonzi zikaNkulunkulu zezindaba ezilungileyo namuhla lapho zibizelwa ukunikeza ubufakazi phambi kwezikhulu zikahulumeni. Lokhu akusho ukuthi oFakazi BakaJehova abangamaKristu namuhla banikezwa elesimangaliso “izwi lokuhlakanipha” ne“zwi lokwazi,” njengoba babenjalo labobofakazi abangamaKristu bekhulu lokuqala leminyaka. (1 Kor. 12:8) Nokho, siyalijabulela ithuba lemfundo enhle engokwasezulwini, nanjengoba kuthenjisiwe, umoya kaNkulunkulu usikhumbuza izimpendulo lapho kudingekile.
2 Ngenxa yokufundiswa okuthola ezifundweni zeBhayibheli, ezikhathini zokuhlangana Zesikole Senkonzo esingokwaseZulwini neminye imihlangano yebandla, uqongelela umtapo omkhulu wolwazi lweBhayibheli. Ufunda izimiso eziyisisekelo zokulunga nendlela yokuzisebenzisa ekuphileni kwakho ezimekweni ezahlukahlekene. Ngakho-ke ngokuzisebenzisa enkonzweni yasensimini uzuza ulwazi ngokukhuluma nabanye, ngokufundisa indaba okuzuzile. Lokhukukhuluma ukwenza ngendlela engahloswanga noma ongazilungiselanga yona.
3. Chaza umahluko phakathi kwenkulumo engahloswanga nongazilungiselanga yona.
3 Nakuba zihlangene kakhulu, lezizinhlobo zenkulumo azifani du. Umfanekiso mhlawumbe uyokwenza umahluko ukhanye. Ake sithi usondela kumninikhaya futhi uqala ukunikeza ukunikela okulungiselelwe, uhlaka lwakho lwenkulumo usulungenise ngokugxile kakhulu engqondweni yakho. Ngaphezu kwaloluhlaka lwenkulumo akukho-mazwi ayiwo du owafake ekhanda oyothuthukisa ngawo indaba. Ukhuluma ngokungahloswanga. Kepha-ke umninikhaya uphakamisa izwi lokuphikisa elingabhekiwe ongalenzelanga ukulungiselela okuqondene-ngqo. Nokho, ngenxa yokufundiswa kwakho eHolweni loMbuso uhlomele ukubeka amazwana athile noma ukunikela incazelo, uthatha eqoqweni lakho lokwaziswa kweBhayibheli. Kuleliphuzu bekungashiwo ukuthi inkulumo yakho awuzilungiselanga yona, ihlanganiswe futhi yakhulunywa ngokuphahluka.
4. Yikuphi ukulungiselela okudingekayo ngephumelelayo inkulumo engahloswanga na?
4 lnkulumo engahloswanga. Ukulungiselela yingxenye ebalulekile eyisihluthulelo enkulumweni engahloswanga, noma ukunikela kwendlu ngendlu noma inkulumo evela endaweni yesikhulumi. Uma uyonikeza inkulumo ngokungahloswanga, lungiselela uhlaka lwenkulumo oluhle olunamaphuzu amakhulu amaningana okuthuthukiswa. Ngaphansi kwamaphuzu amakhulu ungafaka ohiwini imiqondo esekelayo, ubufakazi, imibhalo nemifanekiso, ukuze ulungele ukunikeza inkulumo efundisayo ngempela. Nquma ngaphambili konke ngaphandle kwamazwi ayiwo du oyowasebenzisa.
5-7. Yisho izinzuzo zenkulumo engahloswanga.
5 Indlela engahloswanga yokukhuluma inezinzuzo eziningana. Enye wukuthi ivumela ukuguquka. Indaba ayihlelwanga ngokuqinile kangangoba awukwazi ukusuka kuyo, njengoba kunjalo ngokufunda embhalweni olotshiwe noma ekushoni ngekhanda. Izehlakalo zamagcino zingahle ziphoqelele izinguquko enkulumweni ecetshiwe. Ake sithi ufumana ngaphambi nje kokuya endaweni yesikhulumi ukuthi izilaleli zinenani elikhulu elingalindelwe labantu abathakazela kabusha. Indlela engahloswanga ikuvumela ukuthi wenze izinguquko zokubasiza baziqonde ngokuphelele izizathu. Noma mhlawumbe ubona ukuthi kukhona abasha abaningi bobudala besikole ezilalelini. Ungaguqula imifanekiso yakho nokusetshenziswa ngenjongo yokubasiza ukwazisa indlela indaba ethinta ngayo ukuphila kwabo.
6 Inzuzo yesibili yokukhuluma ngokungahloswanga wukuthi kunomphumela wokuqhubezela ingqondo yakho. Kukushiya ukhululekile ngokwesilinganiso ukuthi uthuthukise imicabango emisha. Kaningi, lapho uhlangana nezilaleli ezithakazelayo, ezisabelayo, uyafudumala nemiqondo esemisha igelezela engqondweni yakho, imiqondo engangeniswa kalula enkulumweni engahloswanga.
7 Inzuzo yesithathu yaloluhlobo lwenkulumo wukuthi ikuvumela nokugcina amehlo akho ebheke izilaleli. Lokhu kwenza kube-ngcono ukukhulumisana kwakho nazo. Umphumela wukuthi kuyokwenzeka ukuthi ziyolalelisisa kakhulu kulokho okushoyo. Nezilaleli ziyocabanga ukuthi uyayazi indaba yakho, njengoba awubophekile ukuthi ubheke njalo ngokungasusi amehlo akho endabeni elotshiwe. Ngakho-ke, futhi, usesimweni sokuqaphela ukuphatheka kwezilaleli. Uma ubona ukuthi isithakazelo sazo siyancipha, ungathatha izinyathelo zokubunqoba lobunzima. Kanjalo, loluhlobo lokunikela lufanelana nokunikela okufudumele, kwengxoxo, okwangempela ukuxoxisana okungafihlilutho.
8-10. Amagebe maqondana nokukhuluma ngokungahloswanga angaxwaywa kanjani na?
8 Kukhona, nokho, amagebe athile maqondana nezinkulumo ezingahloswanga; kepha lawa angaxwaywa. Ngokwesibonelo, isikhulumi singahle sifake eminingi ngokweqile imiqondo inkulumo yaso ize yeqe isikhathi. Nangenxa yenkululeko yaso yokungenisa ngokuzenzekelayo imiqondo efikayo engqondweni, isikhulumi singahle sihlale isikhathi eside kakhulu emaphuzwini athile kunesisicebile. Ungakuxwaya lokhu ngokuloba ohlakeni lwakho lwenkulumo maqondana nesikhathi esivunyelwe enye nenye ingxenye yenkulumo. Bese unamathela kakhulu kulesisimiso.
9 Kukhona nengozi yokweqa amaphuzu, ukwenza izinkulumo ezingaphelele noma ezingashayi emhloleni, noma ukuzisholo ngaphandle kobufakazi obanele obusekelayo. Uma ubheka okulotshiweyo kwakho ngezinye izikhathi, ngokungasheshi, ufanele ukwazi ukunamathela endabeni yakho futhi uxwaye okweqiweyo namaphutha. Ngokwenza uhlaka lwenkulumo oluhle, enamaphuzu amaningana amakhulu okuthuthukiswa nobufakazi obusekelayo nemibhalo, ungayixwaya ingozi yokuzisholo ukuthi okuthile kuyiqiniso.
10 Lapho kungadingekile ukufaka ekhanda wona kanye amazwi enkulumo engahloswanga, nokho ukuhlaba ikhefu elifanele kungenziwa, futhi uyasizakala ngokuthi ukulandelana komcabango kugxiliswe kakhulu engqondweni. Ngalendlela ungaluxwaya ulimi olubi nokukhethwa kwamazwi okubana. Futhi uma engxoxweni yakho yansuku zonke uzama ukusebenzisa ulimi oluhle, kuyokuba-lula lapho unikeza inkulumo. Ngempela, nangalesosikhathi ubungenakuba-nezinkulumo ezinhle kakhulu nokushaya emhloleni kohlelo lwenkulumo yombhalo olotshiwe, kepha ungenza ngaphezu kokwenanela lokhu ngendlela yakho yokuxoxa. Futhi, zimisele ukubukeza inkulumo yakho kaningana ngaphambi kokuyinikela. Abanye bakufumana kwanele ukwenza njalo ngokuthulile, ezingqondweni zabo. Kepha abaningi bakufumana kunosizo kakhulu, ikakhulu ngokuhlangene nokulinganiswa kwesikhathi, ukuzijwayeza ukuyinikeza ngezwi elikhulu.
11, 12. Kungani kulondekile ukuthi isikhulumi sibe-nohlaka lwenkulumo na?
11 Ngesikhathi, nangokuzijwayeza, ufanele ukwazi ukunciphisela uhlaka lwakho lwenkulumo emazwini ambalwa kuphela ngelinye nelinye iphuzu lenkulumo yakho. Lawa, kanye nokulotshwa kwemibhalo oyoyisebenzisa, abengahle afakwe ohlwini ekhadini noma ekhasini okubhekiselwa kulo kalula. Lapho ngezinkulumo ezimfushane kakhulu, njengenkulumo yomfundi esikolweni senkonzo, abanye bangahle bakhethe ukufunda ngekhanda uhlaka lwenkulumo, akukho-kuphikiswa ekuphatheni uhlaka lwenkulumo emfushane yokubhekisela uma kungake kwenzeke ukuthi isiphazamiso esithile noma iphutha lenkumbulo liphazamise ukulandelana komcabango wakho. Ngezinkulumo ezinde kakhulu, njengenkulumo yasobala, ngokuvamile kuyindlela yokuhlakanipha okusebenzayo ukuthi ube-nohlaka lwakho lwenkulumo eduze ngokubhekisela lapho ukhuluma.
12 Indlela engahloswanga yokunikela inosizo kakhulu enkonzweni yendlu ngendlu. Ngokuba lapho umninindlu ephakamisa izwi lokuphikisa noma ephazamisa ngandlela-thize, kunokwenzeka ukuthi kusukwe kancane emaphuzwini acatshangelwayo, kuhlangabezwane nezwi lokuphikisa nangemuva kwalokho kuqhutshekwe nendaba elungiselelwe. Bekuyokuba-nzima, uma amazwi okuyiwonawona asekunikeleni abefakwe ekhanda, ukuhlangabezana nesiphazamiso esinjalo nangemuva kwalokho kuqhutshwe futhi inkulumo.
13-15. Kunini lapho sikhuluma khona singazilungiselanga, futhi yikuphi ukulungiselela okuhilelekile na?
13 Inkulumo ongazilungiselanga yona. Izwi elithi “ongazilungiselanga yona” lichazwe njengelisho ukuthi “ngaphandle kokulungiselela, -ngabhekwanga, -kwenziwe ngokuphahluka.” Kepha ingabe lokhu kusho ukuthi akuzange kube-khona ukulungiselela nakanye ngendaba noma iphuzu na? Qha, ngokuba kukho konke ukufundisa koqobo kumelwe kube-nokulungiselela. Nokho, kukhona izikhathi lapho ungahle ungatholi isaziso sangaphambili sokuthi umelwe ukhulume ngendaba ethile, njalo awulungiseleli ngokuqondile ngokuxoxwa kwayo. Lokhu kungahle kube-yilapho umninikhaya okuhlangenwe naye ekushumayeleni endlini ngendlu ephakamisa umbuzo. Noma kungahle kube-sezimpindelweni, ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya, lapho kwenziwa ukufakaza kokwethukela, noma lapho ubizelwa phambi kwenkantolo noma ibhodi. Ngezikhathi ezinjalo, ilungiselelo lendaba nokusho ngamazwi kuyokuba-ngongazilungiselanga khona, kepha ulwazi lwakho oluvamile oluvela ezifundweni ezingokwasezulwini luyolungiselela isisekelo salokho okushiwo. Njalo lokho ebesingahle sikubize ngokuthi yinkulumo ongazilungiselanga yona kwencike nasekulungiseleleni kwangaphambili, nakuba ukulungiselela kungahle kube-ngokungacetshelwanga lesosikhathi.—Isaya 50:4.
14 Uma uzwa, ngisho imizuzu embalwa ngaphambili, ukuthi uyobizwa uzosho okuthile, kukhona izinyathelo ezinosizo ongazithatha ngokulungiselela. Okokuqala, nquma ngelilodwa noma amabili amaphuzu amakhulu okuhlanganiswa. Khetha ezithile izizathu ezisekelayo, kuhlanganise nembalwa imibhalo efanele. Bese uthi ukucabanga ngesingeniso esifushane. Manje, uma kudingekile, usulungele ukuqala ukukhuluma. Lokhu bekungahle kudingeke, ngokwesibonelo, lapho kudingeka okwamagcino ukumelelwa komfundi oyisikhulumi Esikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini.
15 Kukhona izibonelo eMibhalweni zezikhonzi zikaJehova ezabizwa ukuthi zifakazele iqiniso ngokuphahluka. Esinye salezi kwakunguStefanu, owahudulelwa emPhakathini futhi wabekwa icala ngofakazi bamanga. Inkulumo yakhe eshukumisayo ayengazilungiselanga yona ingahle ifundwe esahlukweni sesi-7 sencwadi yezEnzo. Umphostoli uPawulu wabanjwa ngabaseAthene, wasiwa eAreyophagu futhi wabuzwa ngezinkolelo zakhe. Inkulumo yakhe enhle ayengazilungiselanga yona ifunyanwa kuzEnzo isahluko 17.
16-18. Kungani abafundi bafanele bazijwayeze ukukhuluma ngokungahloswanga, kunokukhetha ukusebenzisa umbhalo olotshiwe noma ukufaka ekhanda izinkulumo zabo na?
16 Indlela enhle kakhulu. Ngezinye izikhathi abaqalisayo bafuna ukusebenzisa umbhalo olotshiwe ngezinkulumo zabo zabafundi. Lena ngokuvamile akuyona indlela enhle kakhulu, futhi bafanele benze umzamo wokuyiyeka masinyane, njengoba ixoshana ekubhekaneni nezilaleli nasemfanelweni yengxoxo. Kukhona izikhathi lapho sisebenzisa khona izinkulumo zombhalo olotshiwe, kepha uthola ukuzijwayeza kwalezi lapho unesabelo sokufunda. Sebenzisa ezinye izinkulumo zakho ukukhuluma ngokukhululekile kokulotshiweyo.
17 Abanye abafundi bazama ukufaka ekhanda izinkulumo, ukuze bakhululeke kukho konke okulotshiweyo. Kepha izinkulumo ezifakwe ekhanda zinezithile izici ezilahlekisayo, zingenakufaneliswa, zingenaso isimo semvelo futhi ziphakamisa ukuba-nokwenzeka kokuthi umuntu akhohlwe ingxenye ebalulekile. Ukufaka ekhanda kungahle kufanele embalwa imisho eyisihluthulelo, njengasesingenisweni noma esiphethweni, kepha akuyifanele yonke inkulumo.
18 Indlela enhle kakhulu ngokuvamile ngengahloswanga. Lena yileyo esetshenziswa enkonzweni yasensimini, lapho sifundiswa khona ngempela ukucabanga sihamba. Ngokufanayo emihlanganweni yebandla indlela engahloswanga yileyo emelwe isetshenziswe kaningi, njengoba ivumela okuqotho, okuqondile ukunikelwa kwesigijimi sethu esiyonikeza imiphumela emihle. Njalo zijwayeze yona ngaso sonke isikhathi. Futhi nakuba ngezinye izikhathi singahle sibizelwe ukunikela esingazilungiselanga khona, siyobe-singabayilungiselele, ngokuba uJehova wenza ukuthi sibe-ngabahlomele kahle kokubili ukukhuluma ngokungahloswanga nesingazilungiselanga khona. Kokubili kunengxenye yakho efanele enkonzweni yethu.