ISIFUNDO 25
Ukusetshenziswa Kohlaka
UMCABANGO wokukhuluma besebenzisa uhlaka uyabethusa abantu abaningi. Bakhululeka kakhulu uma konke abazokusho bekubhale phansi noma bekubambe ngekhanda.
Nokho, zonke izinsuku sonke sikhuluma ngaphandle kokusebenzisa okubhalwe phansi. Siyakwenza lapho sixoxa namalungu omkhaya nabangane. Sikwenze lapho sisenkonzweni yasensimini. Sikwenze nalapho sithandaza ngokusuka enhliziyweni, kungakhathaliseki ukuthi kungasese noma eqenjini.
Lapho unikeza inkulumo, kwenza umahluko yini ukuthi uyifunda phansi njengoba injalo noma usebenzisa uhlaka? Nakuba ukufunda inkulumo oyibhale phansi kungaqinisekisa ukuthi uyanemba futhi usebenzisa amagama akahle, akuzifinyeleli izinhliziyo. Lapho ufunda phansi imisho eminingi, uyogcina usukhuluma usheshisa futhi iphimbo lehla lenyuka ngendlela efanayo ehlukile endleleni oxoxa ngayo. Uma unaka kakhulu okubhaliwe kunezilaleli, abaningi ngeke balalelisise ngendlela abebengenza ngayo uma benomuzwa wokuthi ucabanga ngabo ngempela futhi uvumelanisa indaba yakho nezimo zabo. Ukuze inkulumo yakho ikhuthaze ngempela, kungcono kakhulu ukuyibeka ngamazwi akho.
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini senzelwe ukusisiza ekuphileni kwansuku zonke. Lapho sihlangana nabangane, asihoshi iphepha bese sibafundela esikucabangayo ukuze siqiniseke ukuthi sisebenzisa amagama akahle. Enkonzweni yasensimini, asiphathi inkulumo efundwayo ngoba sesaba ukuthi singase sikhohlwe amaphuzu athile esifuna ukuwahlanganyela nabantu. Esikoleni, lapho ubeka inkulumo ebonisa indlela yokufakaza ngaphansi kwezimo ezinjalo, prakthiza ukukhuluma ngendlela okhuluma ngayo ekuphileni kwansuku zonke. Uma ulungiselela kahle, uyothola ukuthi uhlaka, kungakhathaliseki ukuthi olusengqondweni noma olubhaliwe, ngokuvamile lwanele ukuba lukukhumbuze amaphuzu ayinhloko ofuna ukuxoxa ngawo. Kodwa ungaba kanjani nesibindi esidingekayo sokusebenzisa uhlaka?
Hlela Amaphuzu Akho. Ukuze usebenzise uhlaka lapho ukhuluma, kudingeka uhlele amaphuzu akho. Lokho akusho ukukhetha amagama ohlela ukuwasebenzisa. Kumane kusho ukucabanga ngaphambi kokukhuluma.
Ekuphileni kwansuku zonke, umuntu onamawala uyaphahluka abese ezisola. Omunye umuntu angase akhulume undendende, esuka kwelinye iphuzu aye kwelinye. Yomibili le mikhuba inganqotshwa ngokuba ume wakhe uhlaka engqondweni ngaphambi kokukhuluma. Qala ngokuthola ukuthi umgomo wakho uyini, bese ukhetha izinyathelo okudingeka uzithathe ukuze uwufinyelele, bese-ke uqala ukukhuluma.
Ingabe ulungiselela inkonzo yasensimini? Zinike isikhathi, hhayi nje kuphela esokupakisha isikhwama sakho sasensimini, kodwa nesokuhlela amaphuzu akho. Uma ukhetha ukusebenzisa intshumayelo esikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso, yifunde izikhathi eziningana aze angene kahle engqondweni amaphuzu asemqoka. Yisho amaphuzu ayinhloko ngomusho owodwa noma emibili. Wabeke ngamagama azwana nawe nafanelana nendawo yakini. Uyokuthola kuwusizo ukuba nohlaka engqondweni. Lungahlanganisani? (1) Esethulweni, ungase usho into ekhathaza abantu abaningi emphakathini wakini. Cela umninikhaya aphawule. (2) Yiba nokuthile ongase ukusho ngendaba, kuhlanganise nombhalo owodwa noma emibili ebonisa ukuthi yini uNkulunkulu athembisa ukuyenza ukuze alethe ubungcono. Uma unikwa ithuba, gcizelela ukuthi uJehova uyokwenza ngoMbuso wakhe lokhu, uhulumeni wakhe wasezulwini. (3) Khuthaza lowo muntu ukuba athathe isinyathelo ngokwalokho enixoxe ngakho. Ungase umhambisele incwadi futhi usikisele isifundo seBhayibheli bese wenza amalungiselelo okuqhuba ingxoxo.
Cishe entshumayelweni efana nalena uyodinga kuphela uhlaka olusengqondweni. Uma ufuna ukubheka uhlaka olubhaliwe ngaphambi kokungena emzini wokuqala, cishe luyobe lunamagama ambalwa ongawasebenzisa esethulweni, umbhalo owodwa noma emibili, nemisho embalwa yalokho ofuna ukukusho esiphethweni. Ukulungiselela nokusebenzisa uhlaka olunje kuyosenza singalandi into engapheli, kusisize sishiye umuntu enomyalezo ocacile okulula ukuwukhumbula.
Uma kunombuzo noma ukuphikisa okuvame ukuphakama ensimini yenu, ungase ukuthole kuwusizo ukwenza ucwaningo ngaleyo ndaba. Ngokuvamile, udinga nje amaphuzu amabili noma amathathu ayisisekelo kanye nemibhalo ewasekelayo. “Izihloko ZeBhayibheli Zengxoxo” noma izihlokwana ezibhalwe ngokugqamile encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo zingase zikunike lona kanye uhlaka oludingayo. Kwenye indawo ungase uthole ingcaphuno efanelekayo ofuna ukuyisebenzisa. Bhala uhlaka olufushane luhambisane naleyo ngcaphuno, bese ukugcina nezincwadi zakho zasensimini. Uma umninikhaya ephakamisa lowo mbuzo noma ephikisa, mazise ukuthi ungalijabulela ithuba lokumbonisa isizathu salokho okukholelwayo. (1 Pet. 3:15) Mphendule ususela kulolo hlaka.
Uma uzothandaza ekhaya, esifundweni sencwadi seqembu noma ebandleni, kuyasiza nakhona ukuhlela amaphuzu akho. NgokukaLuka 11:2-4, uJesu wanikeza abafundi bakhe uhlaka olulula lomthandazo onenjongo. Lapho kunikezelwa ithempeli eJerusalema, uSolomoni wathandaza welula. Ngokusobala wacabanga ngalowo mthandazo kusenesikhathi. Waqale wakhuluma ngoJehova nesithembiso saKhe kuDavide; walandela ngethempeli; wabe esekhulumela izimo ezithile namaqembu abantu. (1 AmaKh. 8:22-53) Singazuza kulezi zibonelo.
Gcina Uhlaka Lwenkulumo Yakho Lulula. Ingabe uhlaka lwakho ulwenzele inkulumo? Kumelwe lube namaphuzu angakanani?
Khumbula ukuthi uhlaka olokukusiza ukhumbule amaphuzu. Ungase ube nomuzwa wokuthi kungasiza ukubhala phansi imisho embalwa ozoyisebenzisa njengesethulo. Kodwa ngemva kwalokho, gxila emaphuzwini hhayi emagameni. Uma ubhala phansi lawo maphuzu abe yimisho, akube imisho emifushane. Amaphuzu ambalwa ayinhloko ofuna ukuwacacisa kumelwe agqame ohlakeni. Lokhu ungakwenza ngokuwabhala ngosonhlamvukazi, ngokuwadwebela noma ngokuwaphawula ngepeni elinombala. Ngaphansi kwephuzu ngalinye elisemqoka, bhala amaphuzu ofuna ukucacisa ngawo lawa asemqoka. Bhala imibhalo ofuna ukuyifunda. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukufunda iBhayibheli uqobo. Bhala imifanekiso ofuna ukuyisebenzisa. Ungase futhi ube nengcaphuno yezwe ebalulekile nefanelekayo. Bhala uningilize ukuze ube nemininingwane enembile ozoyisho. Kuyoba lula ukusebenzisa uhlaka uma luhlanzekile.
Abanye basebenzisa uhlaka olulula kakhulu. Uhlaka lungase lube namagama ambalwa ayisihluthulelo, imibhalo isikhulumi esiyoyicaphuna ngekhanda, nemidwebo noma izithombe ezizosisiza ukuba sikhumbule amaphuzu. Ngokubhala amaphuzu kalula kanjalo, isikhulumi siyakwazi ukubeka indaba yaso ngokulandelana kwamaphuzu nangendlela esangxoxo. Yileyo injongo yalesi sifundo.
Emakhasini 39 kuya ku-42 kule ncwadi, uzothola ingxoxo ethi “Ukwenza Uhlaka.” Kuyoba usizo kakhulu ukufunda leyo ndaba ngesikhathi usebenzela esifundweni esithi, “Ukusetshenziswa Kohlaka.”
Indlela Yokusebenzisa Uhlaka. Nokho, kuleli qophelo, umgomo wakho awukona nje ukulungiselela uhlaka lwenkulumo. Uwukusebenzisa uhlaka ngempumelelo.
Isinyathelo sokuqala ekusebenziseni uhlaka ukulungiselela indlela yokubeka inkulumo. Bheka isihloko, funda wonke amaphuzu asemqoka, uthole ukuhlobana phakathi kwamaphuzu asemqoka nesihloko. Phawula ukuthi singakanani isikhathi ongasisebenzisa ephuzwini ngalinye. Yibe usubuyela emuva uyotadisha iphuzu lokuqala elisemqoka. Bukeza amaphuzu, imibhalo, imifanekiso kanye nezibonelo ohlela ukuzisebenzisa ukuze uthuthukise lelo phuzu. Bukeza indaba izikhathi eziningana kuze kube yilapho leyo ngxenye yenkulumo isikhanya engqondweni. Yenza okufanayo nangamanye amaphuzu asemqoka. Uma kudingekile, cabangela lokho ongakususa ukuze uqede ngesikhathi. Yibe usubukeza yonke inkulumo. Gxila emaphuzwini hhayi emagameni. Ungayibambi ngekhanda inkulumo.
Lapho unikeza inkulumo, kufanele ukwazi ukubheka izilaleli zakho njalo. Ngemva kokufunda umbhalo, kufanele ukwazi ukuwuchaza usebenzisa iBhayibheli ngaphandle kokubheka uhlaka. Ngokufanayo, uma usebenzisa umfanekiso, wulandise ngendlela obungawuxoxela ngayo abangane bakho kunokuba uwufunde phansi. Njengoba ukhuluma, musa ukulokhu ubheka uhlaka ukuze ufunde umusho nomusho. Khuluma ngokusuka enhliziyweni, futhi uyozifinyelela izinhliziyo zalabo abakulalele.
Uma usukwazi ukukhuluma ususela ohlakeni, uyobe uthathe igxathu elibaluleke kakhulu ekubeni isikhulumi seningi esiphumelelayo.