Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • th isif. 14 k. 17
  • Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe
  • Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphuzu Asemqoka Enziwe Aqhama
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukuqokomisa Isihloko Namaphuzu Amakhulu
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukwenza Uhlaka
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Isihloko Sikhanyisiwe
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
th isif. 14 k. 17

ISIFUNDO 14

Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

UmBhalo obekiwe

Hebheru 8:1

OKUFANELE UKWENZE: Siza izilaleli zakho ukuba zihambisane nawe njengoba ukhuluma, ucacise ukuthi iphuzu ngalinye lihambisana kanjani nesihloko kanye nomgomo wenkulumo yakho.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Yiba nomgomo. Cabanga ngokuthi umgomo wakho uyini. Ingabe uwukunikeza ulwazi, ukukholisa noma ukukhuthaza izilaleli zakho? Ngemva kwalokho, yethula indaba yakho ngokuvumelana nalowo mgomo. Qiniseka ukuthi amaphuzu ayinhloko ayakusiza ukuba ufinyelele umgomo wakho.

    Icebiso

    Zibuze: ‘Yini izilaleli zami ezingayiphikisa noma zibe nombuzo ngayo kule ndaba? Imibuzo yazo ingase ilandelane kanjani?’ Yibe sewenza amaphuzu akho alandelane ngaleyo ndlela, ukuze izilaleli zakho zihambisane nawe, zikuqonde futhi zikwamukele lokho okushoyo.

  • Gcizelela isihloko senkulumo yakho. Lokhu ungakwenza ngokuphinda amagama ayinhloko asesihlokweni sakho, noma ngokusebenzisa amagama anomqondo ofanayo.

  • Yenza amaphuzu ayinhloko acace futhi abe lula. Khetha kuphela amaphuzu ayinhloko ahambisana nesihloko sakho futhi ozokwazi ukuwacacisa kahle ngesikhathi osinikeziwe. Mawangabi maningi amaphuzu ayinhloko. Lisho ngokucacile iphuzu ngalinye, uthi ukuma kancane bese udlulela kwelinye. Wenze axhumane kahle amaphuzu ayinhloko.

    Icebiso

    Ungase uwasho esingenisweni senkulumo yakho amaphuzu ayinhloko ukuze usize izilaleli zakho zihambisane nawe, noma uwaphinde lapho usuphetha inkulumo yakho ukuze usize izilaleli zakho ziwakhumbule.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela