ISIFUNDO 35
Ukuphindaphinda Ngenjongo Yokugcizelela
UKUFUNDISA okuphumelelayo kuhlanganisa ukuphindaphinda. Uma iphuzu elibalulekile lishiwo izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, cishe izilaleli ziyolikhumbula. Uma iphuzu libekwa ngendlela ethé ukuhluka kancane, zingase ngisho ziliqonde ngokucace kakhudlwana.
Uma izilaleli zakho zingakukhumbuli okushoyo, amagama owashoyo ngeke akuthonye lokho ezikukholelwayo noma indlela eziphila ngayo. Cishe ziyoqhubeka zicabanga ngamaphuzu owagcizelela kakhulu.
UJehova, uMfundisi wethu Omuhle, usibekela isibonelo sokuphindaphinda. Wanikeza isizwe sakwa-Israyeli iMiyalo Eyishumi. Ngomkhulumeli oyingelosi, wenza ukuba isizwe sizwe leyo miyalo eNtabeni YaseSinayi. Kamuva wayinikeza uMose isibhalwe phansi. (Eks. 20:1-17; 31:18; Dut. 5:22) Ngesiqondiso sikaJehova, uMose waphinde watshela isizwe leyo miyalo ngaphambi kokuba singene eZweni Lesithembiso, futhi ngosizo lomoya ongcwele, uMose wayiloba leyo miyalo njengoba itholakala kuDuteronomi 5:6-21. Phakathi kwemiyalo eyanikwa u-Israyeli kwakunomyalo wokuba athande futhi akhonze uJehova ngenhliziyo yakhe yonke, ngomphefumulo wonke nangamandla akhe onke. Nalokhu futhi kwashiwo ngokuphindaphindiwe. (Dut. 6:5; 10:12; 11:13; 30:6) Ngani? Ngoba, njengoba uJesu asho, ‘kungumyalo omkhulu kunayo yonke nowokuqala.’ (Math. 22:34-38) Ngomprofethi uJeremiya, uJehova wakhumbuza abantu bakwaJuda izikhathi ezingaphezu kwezingu-20 ngokubaluleka kokumlalela kuzo zonke izinto ayebayale ngazo. (Jer. 7:23; 11:4; 12:17; 19:15) Futhi ngoHezekeli, uNkulunkulu washo izikhathi ezingaphezu kwezingu-60 ukuthi izizwe kwakuyomelwe “zazi ukuthi nginguJehova.”—Hez. 6:10; 38:23.
Embhalweni olandisa ngenkonzo kaJesu, siphawula futhi ukusetshenziswa kahle kokuphindaphinda. Ngokwesibonelo, kunamaVangeli amane—ngalinye likhuluma ngezenzakalo ezibalulekile ezikhona nakwelinye iVangeli elilodwa noma ngaphezulu, kodwa abika lezi zenzakalo ngendlela ethé ukuhluka. Ekufundiseni kwakhe siqu, uJesu wakhuluma ngamaphuzu afanayo izikhathi ezingaphezu kwesisodwa kodwa ngezindlela ezingafani. (Marku 9:34-37; 10:35-45; Joh. 13:2-17) Lapho eseNtabeni Yeminqumo, sekusele izinsuku ezimbalwa afe, uJesu wasebenzisa ukuphindaphinda lapho egcizelela lesi seluleko esibalulekile: “Hlalani nilindile ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku.”—Math. 24:42; 25:13.
Enkonzweni Yasensimini. Lapho ufakaza kubantu, usuke unethemba lokuthi bayokukhumbula okushoyo. Ukuphindaphinda kungakusiza ufinyelele lowo mgomo.
Ngokuvamile, ukuphindaphinda ngesikhathi usephezu kwendaba ethile kuyokusiza ukuba uyigxilise engqondweni yomuntu okhuluma naye. Ngakho, ngemva kokufunda umbhalo, ungase uwugcizelele ngokubhekisela engxenyeni yawo eyisihluthulelo bese ubuza, “Uqaphelile ukuthi lo mbhalo ubekwe kanjani?”
Imisho yokugcina yengxoxo nayo ingase isetshenziswe ngokunenzuzo. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Iphuzu eliyinhloko engithemba ukuthi uyolikhumbula engxoxweni yethu yileli . . . ” Yibe usulisho ngamafuphi. Ungase ulibeke kanje: “Injongo kaNkulunkulu iwukuba umhlaba ushintshwe ube ipharadesi. Leyo njongo iyogcwaliseka nakanjani.” Noma ungase uthi: “IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. Uma sifuna ukusinda ekupheleni kwaso, kudingeka sifunde lokho uNkulunkulu akufunayo kithi.” Noma ungase uthi: “Njengoba sibonile, iBhayibheli linikeza iseluleko esisebenzayo sokubhekana nezinkinga zokuphila komkhaya.” Kwezinye izimo ungase uphinde ingcaphuno yeBhayibheli njengephuzu okufanele alikhumbule. Yiqiniso, ukuze uphumelele kulokhu, kudingeka ucabange kusengaphambili.
Ezimpindelweni, kuhlanganise nezifundo zeBhayibheli, ukuphindaphinda kungase kuhlanganise imibuzo yokubukeza.
Uma umuntu ekuthola kunzima ukuqonda iseluleko seBhayibheli noma ukusisebenzisa, kungase kudingeke ukhulume ngaleyo ndaba izikhathi eziningana. Zama ukuyiqhamukela ngezindlela ezingafani. Akudingeki ingxoxo ibe yinde kodwa kufanele ikhuthaze umfundi ukuba ahlale ecabanga ngaleyo ndaba. Khumbula, uJesu wasebenzisa le ndlela yokuphindaphinda lapho esiza abafundi bakhe ukuba banqobe isifiso sokufuna ukuvelela.—Math. 18:1-6; 20:20-28; Luka 22:24-27.
Lapho Unikeza Izinkulumo. Uma unikeza izinkulumo endaweni yesikhulumi, umgomo wakho akukhona nje ukumane udlulisele indaba. Ufuna izilaleli ziyiqonde, ziyikhumbule futhi ziyisebenzise. Ukuze kube njalo, sebenzisa ukuphindaphinda.
Nokho, uma uwaphindaphinda kaningi kakhulu amaphuzu ayinhloko, zingase zingabe zisakunaka izilaleli zakho. Wakhethe ngokucophelela amaphuzu adinga ukugcizelelwa ngokukhethekile. Ngokuvamile, lawo ngamaphuzu ayinhloko esekelwe kuwo inkulumo yakho, kodwa angase futhi ahlanganise namanye amaphuzu ayoba usizo ngokukhethekile ezilalelini zakho.
Ukuze uphindaphinde, ungase uqale uveze amaphuzu akho ayinhloko esethulweni. Lokho kwenze ngemisho emifushane enikeza umbono obanzi walokho ozokuhlanganisa, ngemibuzo, noma ngezibonelo ezimfushane ezibonisa inkinga ezodinga ukuxazululwa. Ungase usho ukuthi mangaki amaphuzu ayinhloko futhi uwahlele ngezinombolo. Yibe usucacisa iphuzu ngalinye endikimbeni yenkulumo yakho. Ungawagcizelela amaphuzu endikimbeni yenkulumo yakho ngokuphinda usho iphuzu eliyinhloko ngaphambi kokudlulela kwelinye. Noma ungase ugcizelele ngokusebenzisa isibonelo esibonisa ukusebenza kwephuzu eliyinhloko. Amaphuzu akho ayinhloko ungawagcizelela ngokuwaphinda futhi esiphethweni, uwaqokomise ngokusebenzisa ukuqhathanisa, ngokuphendula imibuzo ebiphakanyisiwe, noma ngokunikeza kafushane izixazululo zezinkinga ebeziphakanyisiwe.
Ngaphezu kwalokhu okungenhla, isikhulumi esingumakadebona sibhekisisa umuntu ngamunye ezilalelini. Uma abathile bekuthola kunzima ukubamba iphuzu elithile, isikhulumi siyakubona lokho. Uma iphuzu libalulekile, siyaliphinda futhi. Kodwa ukuphindaphinda amagama afanayo kungase kungayifezi injongo yaso. Kuningi okuhilelekile ekufundiseni kunalokho. Kumelwe sivumelane nezimo. Kungase kudingeke sinezele okuthile ebesingakulungiselelanga kusengaphambili. Ukufunda kwakho ukubhekana nezidingo zezilaleli ngale ndlela kuyosho ukuthi ungumfundisi ophumelelayo.