Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 93
  • UJesu Usuthisa Izixuku

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Usuthisa Izixuku
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Wondla Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Usuthisa Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 93
UJesu usuthisa isixuku ngezinkwa nofishi abambalwa

INdaba 93

UJesu Usuthisa Izixuku

KUNENTO embi eyenzekile. UJohane uMbhapathizi ubulewe. UHerodiya, umkankosi, ubengamthandi. Ngakho uye wakwazi ukwenza inkosi inqume ikhanda likaJohane.

Uma uJesu ezwa ngalokhu, udabuka kakhulu. Uya ehlane yedwa, abantu bayamlandela. Uma uJesu ebona izixuku, uyazidabukela. Ngakho ukhuluma nazo ngoMbuso kaNkulunkulu, aphilise nabagulayo.

Ngalokho kuhlwa abafundi bakhe beza kuye bathi: ‘Selishonile, le ndawo iyihlane. Mukisa abantu ukuze bazithengele ukudla emizaneni eseduze.’

UJesu uyaphendula: ‘Akudingekile bahambe, banikezeni nina ukudla.’ Uphendukela kuFiliphu, abuze: ‘Singakuthengaphi ukudla okwanele kokusuthisa bonke laba bantu?’

UFiliphu uyaphendula: ‘Kuzosibiza imali enkulu ukuthenga ukudla okwanele ukuze ngamunye athole okuncane.’ U-Andreya akhulume: ‘Umfana, ophethe ukudla kwethu, unezinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. Kodwa ngeke kubanele laba bantu.’

UJesu athi: ‘Tshelani abantu bahlale phansi otshanini.’ Ubonga uNkulunkulu ngokudla, abese ekuhlephula. Ngemva kwalokho, abafundi banikeza bonke abantu izinkwa nenhlanzi. Kunamadoda ayizi-5 000, nezinkulungwane zabesifazane nabantwana. Bonke badla basuthe. Uma abafundi sebebutha okusele, kuba ngamaqoma agcwele ayi-12!

Manje uJesu ugibelisa abafundi bakhe emkhunjini baye ngaphesheya koLwandle LwaseGalile. Ebusuku kufika isiphepho, amagagasi ashwilizise umkhumbi ngapha nangapha. Abafundi besaba kakhulu. Phakathi nobusuku, babona umuntu ehamba phezu kwamanzi eza ngakubo. Bamemeza ngokwesaba, ngoba abazi ukuthi babonani.

‘Ningesabi,’ kusho uJesu. ‘Yimina!’ Abakholwa. Ngakho uPetru athi: ‘Uma kunguwe ngempela, ngitshele ngihambe phezu kwamanzi ngize kuwe.’ UJesu uyaphendula, ‘Woza!’ UPetru aphume ahambe phezu kwamanzi! Abese efikelwa ukwesaba aqale ukushona, kodwa uJesu amsindise.

Kamuva, uJesu futhi usuthisa izinkulungwane zabantu. Manje lokhu ukwenza ngezinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi ezimbalwa ezincane. Kuba nokudla okuningi kwabo bonke. Ayimangalisi yini indlela uJesu anakekela ngayo abantu? Uma esebusa njengenkosi kaNkulunkulu ngeke sikhathazeke ngalutho!

Mathewu 14:1-32; 15:29-38; Johane 6:1-21.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela