Izindlela Abazisebenzisayo Ukuze Bakutshele Zona
AmaKristu ayalwa ukuba “enze izizwe zonke abafundi,” kodwa lokhu akusho ukuthi kumelwe asebenzise ukucindezela noma aphendule abanye ngempoqo. Ukuthunywa kukaJesu kwakuwukuba ‘ashumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo,’ ‘abophe abanhliziyo ezaphukileyo,’ ‘aduduze bonke abalilayo.’ (Mathewu 28:19; Isaya 61:1, 2; Luka 4:18, 19) OFakazi BakaJehova bafuna ukwenza lokhu ngokumemezela “izindaba ezinhle” ezivela eBhayibhelini. Njengomprofethi uHezekeli wasendulo, oFakazi BakaJehova namuhla bazama ukuthola labo “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.”—Hezekeli 9:4.
Indlela eyaziwa kahle abayisebenzisayo ukuze bathole labo abacindezelwe izimo zamanje ingokuhamba indlu ngendlu. Kanjalo benza umzamo oqondile wokufinyelela umphakathi, njengoba nje noJesu enza lapho “ehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli [“izindaba ezinhle,” NW] lombuso.” Abafundi bakhe bakuqala benza okufanayo. (Luka 8:1; 9:1-6; 10:1-9) Namuhla, lapho kunokwenzeka, oFakazi BakaJehova bazama ukuvakashela ikhaya ngalinye izikhathi eziningana ngonyaka, befuna ukuxoxa nomninikhaya imizuzu embalwa ngendaba ethile ethakazelisayo noma ekhathalelwayo kuleyondawo noma emhlabeni. Kungase kucatshangelwe umbhalo owodwa noma emibili, futhi uma umninikhaya ebonisa isithakazelo uFakazi angalungiselela ukubuya ngesikhathi esifanele ngenjongo yengxoxo eyengeziwe. AmaBhayibheli nezincwadi ezichaza iBhayibheli kwenziwa kutholakale, futhi uma umninikhaya efisa, kuqhutshwa isifundo seBhayibheli sasekhaya ngaphandle kwenkokhelo. Phakathi no-1986 kwaqhutshwa ngaleyondlela isilinganiso sezifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwezigidi ezimbili nengxenye yesine kuwo wonke umhlaba.
Enye indlela “izindaba ezinhle zombuso” ezitshelwa ngayo abanye ingemihlangano eyenzelwa emaHholo oMbuso endawo. OFakazi baqhubela imihlangano lapho masonto onke. Omunye umhlangano uyinkulumo yeningi ngesihloko esiyisithakazelo sangaleso sikhathi. Omunye uyisifundo sesihloko esithile seBhayibheli noma isiprofetho, kusetshenziswa umagazini INqabayokulinda njengomthombo wokwaziswa. Umhlangano wesithathu uyisikole sokuqeqesha oFakazi ukuba babe abamemezeli abangcono ‘bezindaba ezinhle,’ futhi owesine unikelwe ekuxoxeni ngomsebenzi wokufakaza ensimini yendawo. Futhi, kanye ngesonto oFakazi bahlangana emakhaya, ngamaqembu amancane, ngenjongo yezifundo zeBhayibheli.
Yonke lemihlangano ivulelwe umphakathi. Akukho nkongozelo ethathwayo. Imihlangano enjalo iyinzuzo kubo bonke. IBhayibheli lithi: “Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.” Isifundo somuntu siqu nokucwaninga kuyadingeka, kodwa ukuhlangana nabanye kuyaqabula: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.”—Heberu 10:24, 25; IzAga 27:17.
OFakazi futhi bakusebenzisa kahle ukuqaliswa kwengxoxo ngokuxoxa ‘ngezindaba ezinhle’ njengoba behlangana nabanye abantu ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Kungaba amazwi ambalwa axoxwa nomakhelwane, noma ogibele naye ebhasini noma endizeni; ingxoxo ende nomngane noma isihlobo; ingxoxo nesisebenzi okanye naso phakathi nehora lokudla kwasemini. Ukufakaza okuningi okwenziwa uJesu lapho esemhlabeni kwakungokwaloluhlobo—njengoba ayehamba ogwini lomfula, noma ehlezi entabeni, noma edla ekhaya lothile, noma esemshadweni, noma esesikebheni sokudoba oLwandle lwaseGalile. Wafundisa emasinagogeni nasethempelini eJerusalema. Noma kuphi lapho ayekhona, wayethola amathuba okuxoxa ngoMbuso kaNkulunkulu. OFakazi BakaJehova nabo bazama ukulandela ezinyathelweni zakhe kulokhu.—1 Petru 2:21.
UKUSHUMAYELA NGESIBONELO
Ayikho kulezindlela zokukutshela “izindaba ezinhle” ebingaba enenjongo kuwe ukuba lowo okutshelayo ubengazisebenzisi izimfundiso kuye siqu. Ukusho okunye futhi wenze okunye kuwubuzenzisi, futhi ubuzenzisi obungokwenkolo buye bahlubula izigidi eBhayibhelini. Akulona iBhayibheli okumelwe lisolwe. Ababhali nabaFarisi babenemiBhalo yesiHeberu, kodwa uJesu wabalahla njengabazenzisi. Wakhuluma ngokufunda kwabo emthethweni kaMose, wayesenezela kubafundi bakhe: “Konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine, kodwa ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi.” (Mathewu 23:3) Ukuba komKristu isibonelo sokuphila kufanele kusho okungaphezu kwamahora okunikeza intshumayelo. Lokhu kwavezwa kubafazi abangamaKristu ababenamadoda angakholwa: “Azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni.”—1 Petru 3:1, 2.
Ngakho-ke, nansi enye indlela oFakazi BakaJehova abazama ukutusa ngayo “izindaba ezinhle” kwabanye: ngokuba yisibonelo ekuziphatheni kobuKristu abakutusayo kwabanye. Bazama ‘ukwenza kwabanye njengoba bethanda ukuba abanye benze kubo.’ (Mathewu 7:12) Bazama ukuba ngalendlela kubo bonke abantu, hhayi nje kuphela koFakazi abakanye nabo noma abangane noma omakhelwane noma izihlobo. Njengoba bengaphelele, abaphumeleli ngamaphesenti ayi-100 ngaso sonke isikhathi. Kodwa kuyisifiso sezinhliziyo zabo ukwenza okuhle kubo bonke abantu, hhayi nje kuphela ekubatsheleni ngezindaba ezinhle zoMbuso, kodwa futhi nangokudlulisela usizo noma nini lapho kunokwenzeka.—Jakobe 2:14-17.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
Azuzwe ngaphandle kwezwi
[Izithombe ekhasini 20]
AmaHholo oMbuso, aklanywe kahle, ayizindawo zengxoxo yeBhayibheli
[Izithombe ekhasini 22]
Ekuphileni kwemikhaya yabo siqu, kanye nasekuthintaneni nabanye abantu, oFakazi bazama ngobuqotho ukwenza izinto abazitusayo kwabanye