Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jt k. 19-k. 21 isig. 2
  • Izindlela Abazisebenzisayo Ukuze Bahlanganyele Izindaba Ezinhle Nabanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izindlela Abazisebenzisayo Ukuze Bahlanganyele Izindaba Ezinhle Nabanye
  • OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUSHUMAYELA NGESIBONELO
  • Izindlela Abazisebenzisayo Ukuze Bakutshele Zona
    OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili
  • Obani Abashumayela Izindaba Ezinhle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Amabandla Ahlelelwe Ukushumayela NgoMbuso KaNkulunkulu
    Ukwenza Intando KaNkulunkulu (je)
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
jt k. 19-k. 21 isig. 2

Izindlela Abazisebenzisayo Ukuze Bahlanganyele Izindaba Ezinhle Nabanye

AMAKRISTU ayalwa ukuba ‘enze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ kodwa lokhu akusho ukuthi kumelwe acindezele noma aphendule abanye ngempoqo. UJesu wayethunywe ukuba ‘ashumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo,’ ‘abophe abanhliziyo ezaphukileyo’ nokuba ‘aduduze bonke abalilayo.’ (Mathewu 28:19; Isaya 61:1, 2; Luka 4:18, 19) OFakazi BakaJehova bafuna ukwenza lokhu ngokumemezela izindaba ezinhle eziseBhayibhelini. Njengomprofethi uHezekeli wasendulo, oFakazi BakaJehova namuhla bazama ukuthola labo “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso [ezenziwayo].”—Hezekeli 9:4.

Indlela eyaziwa kakhulu abayisebenzisayo yokuthola abacindezelwe yizimo zamanje iwukuya endlini ngendlu. Kanjalo benza umzamo omuhle wokufinyelela umphakathi, njengoba noJesu enza lapho ‘ehamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.’ Abafundi bakhe bokuqala nabo benza okufanayo. (Luka 8:1; 9:1-6; 10:1-9) Namuhla, lapho kunokwenzeka, oFakazi BakaJehova bazama ukuvakashela umuzi ngamunye izikhathi eziningana ngonyaka, befuna ukuxoxa nomninikhaya imizuzu embalwa ngendaba ethile ethinta leyo ndawo noma umhlaba wonke. Kungase kucatshangelwe umbhalo owodwa noma emibili, futhi uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, uFakazi angalungiselela ukubuya ngesikhathi esifanele ngenjongo yokuqhubeka nengxoxo. AmaBhayibheli nezincwadi ezichaza iBhayibheli kwenziwa kutholakale, futhi uma umninikhaya efisa, kuqhutshwa isifundo seBhayibheli sasekhaya mahhala. Izigidi zalezi zifundo zeBhayibheli eziwusizo ziqhutshwa njalo nabantu kanye nemikhaya emhlabeni wonke.

Enye indlela abanye abatshelwa ngayo “izindaba ezinhle zombuso” ingemihlangano eqhutshelwa emaHholo OMbuso endawo. OFakazi baqhuba imihlangano lapho masonto onke. Omunye umhlangano uyinkulumo yeningi enesihloko esizuzisayo ngaleso sikhathi, ulandelwe isifundo sesihloko esithile seBhayibheli noma isiprofetho, kusetshenziswa umagazini INqabayokulinda njengomthombo wokwaziswa. Omunye umhlangano uyisikole sokuqeqesha oFakazi ukuba babe abamemezeli abangcono bezindaba ezinhle, ulandelwe yingxenye esetshenziselwa ukuxoxa ngomsebenzi wokufakaza ensimini yebandla. Futhi, kanye ngesonto oFakazi bahlangana emakhaya ngamaqembu amancane, bezoqhuba izifundo zeBhayibheli.

Umphakathi wamukelekile kuyo yonke le mihlangano. Akukho nkongozelo ethathwayo. Imihlangano enjalo iyinzuzo kubo bonke. IBhayibheli lithi: “Kufanele sibone ukuthi ngamunye wethu angabashukumisela kanjani abanye othandweni nasebuhleni obuwusizo, singaphuthi emihlanganweni yethu, njengoba kwenza abanye, kodwa kunalokho sikhuthazane, ikakhulukazi njengoba nibona uSuku lusondela.” Isifundo somuntu siqu nokucwaninga kuyadingeka, kodwa ukuhlangana nabanye kuyaqabula: “Njengoba insimbi ilola insimbi, kanjalo nomuntu ulola ingqondo yomunye.”—Heberu 10:24, 25; IzAga 27:17, The New English Bible.

OFakazi bawasebenzisa kahle futhi amathuba okuxoxa ngezindaba ezinhle lapho behlangana nabanye abantu ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Kungaba ingxoxo emfushane nomakhelwane, noma ogibele naye ebhasini noma endizeni, ingxoxo ende nomngane noma isihlobo, noma ingxoxo nomuntu osebenza naye ngesikhathi sekhefu lasemini. Umsebenzi omkhulu wokufakaza owenziwa nguJesu lapho esemhlabeni wawenza ngalezi zindlela—lapho ehamba ogwini lomfula, ehlezi entabeni, edla ekhaya lothile, esemshadweni, noma esesikebheni sokudoba oLwandle LwaseGalile. Wafundisa emasinagogeni nasethempelini eJerusalema. Noma kuphi lapho ayekhona, wayethola amathuba okuxoxa ngoMbuso kaNkulunkulu. OFakazi BakaJehova bazama ukulandela ezinyathelweni zakhe nakulokhu.—1 Petru 2:21.

UKUSHUMAYELA NGESIBONELO

Ayikho kulezi zindlela zokukutshela izindaba ezinhle ebingaba yinzuzo kuwe ukuba lowo okutshelayo ubengazisebenzisi lezo zimfundiso ngokwakhe. Ukusho into ethile bese wenza okuhlukile kuwubuzenzisi, futhi ubuzenzisi obungokwenkolo buye benza izigidi zalenqaba iBhayibheli. Akulona iBhayibheli okumelwe lisolwe. Ababhali nabaFarisi babenemiBhalo YesiHeberu, kodwa uJesu wabalahla njengabazenzisi. Wakhuluma ngokufunda kwabo eMthethweni KaMose, wayesenezela kubafundi bakhe: “Zonke izinto abanitshela zona, zenzeni futhi nizigcine, kodwa ningenzi ngokwezenzo zabo, ngoba bayakhuluma kodwa bangenzi.” (Mathewu 23:3) Ukuba komKristu yisibonelo sokuphila ngendlela efanele kubaluleke ngaphezu kwamahora amaningi okunikeza izintshumayelo. Lokhu kwavezwa kubafazi abangamaKristu ababenabayeni abangakholwa: “[Bangase] bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa.”—1 Petru 3:1, 2.

Ngakho-ke, nansi enye indlela oFakazi BakaJehova abazama ngayo ukutusa izindaba ezinhle kwabanye: ngokuba yisibonelo ekuziphatheni kobuKristu abakutusayo kwabanye. Bazama ‘ukwenza kwabanye njengoba bethanda ukuba abanye benze kubo.’ (Mathewu 7:12) Bazama ukuziphatha ngale ndlela kubo bonke abantu, hhayi nje koFakazi abakanye nabo, abangane, omakhelwane, noma izihlobo kuphela. Njengoba bengaphelele, abaphumeleli ngokuphelele ngaso sonke isikhathi. Kodwa kuyisifiso sezinhliziyo zabo ukwenza okuhle kubo bonke abantu, hhayi nje ngokubatshela izindaba ezinhle zoMbuso kuphela, kodwa nangokuba usizo noma nini lapho kunokwenzeka.—Jakobe 2:14-17.

[Isithombe ekhasini 19]

EHawaii

[Isithombe ekhasini 19]

EVenezuela

[Isithombe ekhasini 19]

EYugoslavia

[Izithombe ekhasini 20]

AmaHholo OMbuso, aklanywe ngesizotha, ayizindawo zengxoxo yeBhayibheli

[Izithombe ekhasini 21]

Ekuphileni kwabo komkhaya nalapho besebenzelana nabanye abantu, oFakazi bazama ngobuqotho ukwenza izinto abazitusayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela