Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ti kk. 30-31
  • Khulekela UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Khulekela UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlambalaza UNkulunkulu
  • Menqabe UZiqu-zintathu
  • Uchazwa Kanjani UZiqu-zintathu?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ingxenye 1—Ingabe UJesu Nabafundi Bakhe Bayifundisa Imfundiso KaZiqu-zintathu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ulwazi Oluqondile NgoNkulunkulu NangeNdodana Yakhe Luholela Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuye?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
Bheka Okunye
Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
ti kk. 30-31

Khulekela UNkulunkulu Ngendlela Ayifunayo

UJESU wathi kuNkulunkulu ngomthandazo: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, no-mthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Hlobo luni lolwazi? “Intando [kaNkulunkulu] iwukuthi zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini oluqondile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4, NW) IAmplified Bible ihumusha ingxenye yokugcina ngalendlela: “Zilazi ngokunembile nangokuqondile iQiniso [laphezulu].”

Ngakho uNkulunkulu ufuna ukuba simazi ngokuqondile yena nezinjongo zakhe, ngokuvumelana neqiniso laphezulu. Futhi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele, liwumthombo waleloqiniso. (Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17) Lapho abantu befunda ngokuqondile lokho okushiwo yiBhayibheli ngoNkulunkulu, khona-ke bayokugwema ukuba njengalabo okukhulunywa ngabo kumaRoma 10:2, 3, (NW), ‘ababenentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi oluqondile.’ Noma ukuba njengamaSamariya, uJesu athi kuwo: “Nina nikhuleka kweningakwaziyo.”—Johane 4:22.

Ngakho-ke, uma sifuna ukuvunyelwa uNkulunkulu, kudingeka sizibuze: UNkulunkulu uthini ngaye ngokwakhe? Ufuna ukukhulekelwa kanjani? Ziyini izinjongo zakhe, futhi singaba nayiphi indima kuzo? Ulwazi oluqondile lweqiniso lusinikeza izimpendulo eziqondile emibuzweni enjalo. Khona-ke singakhulekela uNkulunkulu ngendlela ayifunayo.

Ukuhlambalaza UNkulunkulu

“ABANGIDUMISAYO ngiyakubadumisa,” kusho uNkulunkulu. (1 Samuweli 2:30) Ingabe kuwukumdumisa uNkulunkulu ukubiza noma ubani ngokuthi ulingana naye? Ingabe kuwukumdumisa ukubiza uMariya ngokuthi “unina kaNkulunkulu” nangokuthi “uMlamulelikazi . . . phakathi koMdali nezidalwa zaKhe,” njengoba kwenza iNew Catholic Encyclopedia? Cha, leyomiqondo ihlambalaza uNkulunkulu. Akekho olingana naye; futhi akazange abe nomama ongokwenyama, njengoba uJesu engeyena uNkulunkulu. Futhi akekho “uMlamulelikazi,” ngoba uNkulunkulu umise ‘umlamuleli oyedwa kuphela phakathi kukaNkulunkulu nabantu,’ uJesu.—1 Thimothewu 2:5; 1 Johane 2:1, 2.

Ngaphandle kokungabaza, imfundiso kaZiqu-zintathu iye yadida futhi yalulaza ukuqonda kwabantu isikhundla sangempela sikaNkulunkulu. Ivimbela abantu ukuba bamazi ngokuqondile uMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu, futhi bamkhulekele ngendlela ayifunayo. Njengoba umfundisi uHans Küng athi: “Umuntu angafunelani ukunezela okuthile emqondweni wokuba munye nowokuba yingqayizivele kukaNkulunkulu okumane nje kungcolise futhi kwenze lokho kuba munye nokuba yingqayizivele kube yize?” Kodwa yilokho okuye kwenziwa ukukholelwa kuZiqu-zintathu.

Labo abakholelwa kuZiqu-zintathu ‘ababheki uNkulunkulu ngolwazi oluqondile.’ (Roma 1:28, NW) Lelovesi lithi futhi: “UNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki, ukwenza okungafanele.” Amavesi 29 kuya ku-31 abala ezinye zalezozinto ‘ezingafanele,’ ‘njengokubulala, ukuphikisana, ukungathembeki, ukungabi-naluthando, nokungabi nasihawu.’ Zona lezozinto ziye zenziwa izinkolo ezamukela uZiqu-zintathu.

Ngokwesibonelo, abakholelwa kuZiqu-zintathu ngokuvamile baye bashushisa baze babulala ngisho nokubulala labo abenqaba imfundiso kaZiqu-zintathu. Futhi baye badlulela ngisho nangalé kwalokho. Baye babulala abakholelwa kuZiqu-zintathu kanye nabo ezikhathini zempi. Yikuphi obekungaba ‘okungafanele’ ukwedlula ukuba amaKatolika abulale amaKatolika, amaOrthodox abulale amaOrthodox, amaProthestani abulale amaProthestani—bonke egameni likaNkulunkulu ofanayo onguZiqu-zintathu?

Nokho, uJesu wathi ngokucacile: “Ngalokhu bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) IZwi likaNkulunkulu liyenaba kulokhu, lithi: “Ngalokho kubonakala abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane; lowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, naye ongamthandi umzalwane wakhe.” Lifanisa labo ababulala abafowabo abangokomoya ‘noKayini owaba-ngowomubi [uSathane], wabulala umfowabo.’—1 Johane 3:10-12.

Ngakho-ke, ukufundiswa kwezimfundiso ezididayo ngoNkulunkulu kuye kwaholela ezenzweni ezephula imithetho yakhe. Ngempela, okuye kwenzeka kulo lonke eLobukholwa yilokho umfundisi waseDenmark uSøren Kierkegaard akuchaza: “ELobukholwa liye labulahla ubuKristu ngaphandle kokukuqaphela lokho.”

Isimo esingokomoya seLobukholwa sifanelana nalokho okwabhalwa umphostoli uPawulu: “Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi-lutho.”—Thithu 1:16.

Ngokushesha, lapho uNkulunkulu eqeda lesimiso sezinto esibi samanje, eLobukholwa elikholelwa kuZiqu-zintathu liyolandisa. Futhi liyokwahlulelwa kabuhlungu ngenxa yezenzo nezimfundiso zalo ezenyelisa uNkulunkulu.—Mathewu 24:14, 34; 25:31-34, 41, 46; IsAmbulo 17:1-6, 16; 18:1-8, 20, 24; 19:17-21.

Menqabe UZiqu-zintathu

AKUKHO ukuyekethisa ngokuphathelene namaqiniso kaNkulunkulu. Ngakho, ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayifunayo kusho ukwenqaba imfundiso kaZiqu-zintathu. Iphikisana nalokho okwakukholelwa futhi kufundiswa abaprofethi, uJesu, abaphostoli, namaKristu akuqala. Iphikisana nalokho okushiwo uNkulunkulu ngaye ngokwakhe eZwini lakhe siqu eliphefumlelwe. Ngakho-ke, uyeluleka: “Vumani ukuthi mina ngedwa nginguNkulunkulu nokuthi akekho omunye ofana nami.”—Isaya 46:9, TEV.

Izithakazelo zikaNkulunkulu azifezwa ngokumenza adide futhi abe yimfihlakalo. Kunalokho, lapho abantu bedideka ngokwengeziwe ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe, kulapho kuthokoza khona ngokwengeziwe iSitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli, “unkulunkulu walelizwe.” Uyena oshoshozela izimfundiso ezinjalo zamanga ukuze ‘aphuphuthekise izingqondo zabangakholwayo.’ (2 Korinte 4:4) Futhi imfundiso kaZiqu-zintathu ifeza nezithakazelo zabefundisi abafuna ukulondoloza ithonya labo kubantu, ngoba bakwenza kubonakale sengathi abefundisi kuphela abangayiqonda.—Bheka uJohane 8:44.

Ulwazi oluqondile ngoNkulunkulu luletha impumuzo enkulu. Lusikhulula ezimfundisweni ezishayisana neZwi likaNkulunkulu nasezinhlanganweni eziye zahlubuka. Njengoba uJesu asho: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:32.

Ngokudumisa uNkulunkulu njengophakeme nangokumkhulekela ngendlela ayifunayo, singasigwema isahlulelo azosiletha ngokushesha kweLobukholwa eliyisihlubuki. Kunalokho, singabheka phambili emseni kaNkulunkulu lapho lesimiso siphela: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.

[Isithombe ekhasini 31]

Lesithombe esiqoshiwe esinamakhulu eminyaka eFrance sibonisa uZiqu-zintathu ethweswa “incasakazi” uMariya umqhele. Ukukholelwa kuZiqu-zintathu kwaholela ekuhlonishweni kukaMariya “njengoNina kaNkulunkulu”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela