INgxenye 9
Inkolo Yeqiniso Ingakuzuzisa Kuze Kube Phakade!
1. Kuyokwenzekani uma ‘sisondela kuNkulunkulu’?
UJEHOVA uyabathanda abamkhonzayo. Uma ukhulekela uJehova, uyokubusisa manje nasesikhathini esizayo. IBhayibheli lithi: ‘Sondela kuNkulunkulu, naye uyosondela kuwe.’—Jakobe 4:8.
2. Singasondela kanjani kuNkulunkulu, futhi lokhu kuyoyithinta kanjani imithandazo yethu?
2 Ukuze usondele kuNkulunkulu kumelwe utadishe iZwi lakhe futhi ukusebenzise lokho okufundayo. Uma uthandaza ngokuvumelana nentando yakhe, uJehova uyoyizwa imithandazo yakho futhi ayiphendule. Umphostoli uJohane ongumKristu wabhala: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho [kuNkulunkulu], ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa. Futhi, uma sazi ukuthi uyasizwa nganoma yini esiyicelayo, siyazi ukuthi siyozithola izinto esizicelile ngoba sizicele kuye.”—1 Johane 5:14, 15.
3-7. Singakuthola kanjani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, futhi kungasisiza kanjani?
3 Ngaphezu kwalokho, lapho usondela kuNkulunkulu, uyokunika ukuhlakanipha kokusingatha izindaba zokuphila zansuku zonke. IBhayibheli lithi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu.”—Jakobe 1:5.
4 Kungakusiza kanjani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu? Phakathi kokunye, kungakusiza ukuba wazi izinto ezicasula uJehova. Ungafunda nokuthi kungani lezi zinto zingalungile nokuthi yini ongayenza ukuze ugweme ukuzenza. Lolo lwazi lungakuvikela ezinkingeni eziningi ezikhathaza abantu. Ngokwesibonelo, ukulalela iseluleko sikaNkulunkulu sokuziphatha ngendlela ehlanzekile kuvikela abantu bakaNkulunkulu ekukhulelweni bengafuni, ezifweni ezithathelwana ngobulili, nasemishadweni engenanjabulo noma echithekayo.
5 Yini enye ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu okungakwenzela yona? Kungenza ukuphila kwakho kube nenjongo. Kungakusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile ezintweni ezithile, njengokuphatha imali. Uyokwazi ukuphishekela imigomo ezuzisayo futhi uyeke imigomo engenanzuzo.
6 Ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu kungakusiza nasebudlelwaneni bakho nabanye. Ungaba nomkhaya ojabula ngokwengeziwe. Ungakha ubungane beqiniso nobungapheli nabanye futhi ungase uhlonishwe ngisho nayilabo abangamkhonzi uNkulunkulu.
7 Ngaphezu kwalokho, uma unokuhlakanipha kukaNkulunkulu uyoba nombono ongcono ngokuphila. Kuyokusiza ukwazi ukubhekana nobunzima ekuphileni nezinto ezidumazayo. Futhi uyoba nombono olinganiselayo nomuhle ngekusasa. Umbono omuhle wona uyothuthukisa impilo yakho engqondweni nasemzimbeni.—IzAga 14:30; Isaya 48:17.
8. Yini ongeke uyesabe uma ukhonza uNkulunkulu?
8 Uma ukhonza uNkulunkulu weqiniso, uyokhululeka ekwesabeni okukhathaza labo abangamkhonzi. Ngenxa yokuthi uyazi ukuthi abafileyo abaphili ethuneni, ngeke ubesabe abafileyo. Ngenxa yokuthi uyaqiniseka ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuvusa abafileyo, ngeke ukwesabe ukufa. Futhi njengoba wazi ukuthi uNkulunkulu unawo wonke amandla, ngeke ubesabe ubuthakathi.—Johane 8:32.
Abalungileyo Bayodla Ifa Lomhlaba
9-11. Obani abayophila ePharadesi, futhi obani abangeke?
9 Uma usondela kuNkulunkulu, ngeke ulesabe ikusasa. Njengoba sesibonile, iBhayibheli lazibikezela eziningi zezinkinga esizibona emhlabeni namuhla. UJehova usitshela ukuthi lezi zinto ezesikhashana; maduze nje uMbuso kaNkulunkulu uzokwenza lo mhlaba ube ipharadesi.—Luka 21:10, 11, 31; 23:43.
10 Labo abasondela kuJehova futhi bamkhonze yibo kuphela abayophila ePharadesi. IBhayibheli lithi: “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.
11 Labo abanenkani abenqaba ukulalela imithetho kaNkulunkulu yokulunga bayolahlekelwa ukuphila kwabo unomphela. (2 Thesalonika 1:8, 9) Ngeke baphinde babe khona. Bayolandela uSathane namademoni akhe baye ekufeni kwaphakade. (IsAmbulo 20:10, 14) Kodwa labo abafunda ngoJehova futhi bamkhonze bayothola injabulo enkulu ePharadesi emhlabeni.
Ikusasa Elihle Kakhulu!
12. Lithini iBhayibheli ngekusasa?
12 UJehova ubagcinele izinto ezimangalisayo labo abamthandayo! Buka nje ukuthi iZwi lakhe lithini ngokuphila emhlabeni oyiPharadesi:
● Kuyoba nenala yokudla: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu [noma yokudla] emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.
● Kuyoba nezindlu ezinhle: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo.”—Isaya 65:21.
● Kuyoba nomsebenzi ojabulisayo: “Nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele. Ngeke bakhandlekele ize.”—Isaya 65:22, 23.
● Ngeke kube khona ukugula: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
● Ngeke babe khona abakhubazekile: “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovulwa, nazo kanye izindlebe zabayizithulu ziyovulwa. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele [inyamazane yeduna], nolimi loyisimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.”—Isaya 35:5, 6.
● Ngeke bube khona ubuhlungu, ukudabuka, ukufa: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
● Ngeke ibe khona impi: “[UNkulunkulu] uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”—IHubo 46:9.
● Ukuphila okuphakade: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
13. Ubani ongukuphela komuntu ongenza lo mhlaba ube yipharadesi, futhi ngani?
13 Abantu abasoze bazenza lezi zinto kodwa uJehova unamandla okwenza noma yini athi uzoyenza. Akukho lutho olungamvimba ekwenzeni lokho afuna ukukwenza. IBhayibheli lithi: “KuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba yinto engenakwenzeka.”—Luka 1:37.
14. Ungafika kanjani endleleni eya ekuphileni okuphakade?
14 Esebenzisa oFakazi bakhe, uJehova unika abantu yonke indawo ithuba ‘lokungena ngesango elincane’ bese behamba endleleni eholela ekuphileni okuphakade. Kwangathi ungaba phakathi kwabantu abajabulayo abamukela leso simemo. Kwangathi ungangena enkolweni yeqiniso futhi ujabulele isibusiso sikaJehova kuze kube phakade!—Mathewu 7:13, 14.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 31]