Indlela Yokusiza Abacindezelekile Ukuba Baphinde Bathole Injabulo
UEPHAFRODITHU, umfundi ongumKristu wekhulu lokuqala leminyaka, wayecindezelekile. Wayethunywe ukuba ayonakekela izidingo zomphostoli uPawulu owayeboshiwe kodwa wahlaselwa ukugula okubi kakhulu. Nakuba uEphafrodithu ayeseluleme, wayecindezelekile ngoba ibandla lakubo, elalimthume eRoma, ‘lalizwile ukuthi wayegula.’ (Filipi 2:25, 26) Ukuba kude kangako kodwa efuna ukukhulula izingqondo zabo ngalokhu kwaletha ukucindezeleka. Ngokunokwenzeka, waba futhi nomuzwa wokuthi bambheka njengesehluleki. Wayengasizwa kanjani ukuba aphinde ajabule?
UEphafrodithu waphindiselwa kubo eFilipi ephethe incwadi evela kumphostoli uPawulu. Kuyo, uPawulu wayala ibandla: “Mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa.” (Filipi 2:27-30) AmaKristu aseFilipi akhuthazwa ukuba amsondeze kuwo uEphafrodithu ngendlela eyayiyofanela imfanelo ehlukanisayo yokuzwana ibandla lobuKristu elibonakala ngayo. Amazwi abo aduduzayo ayeyombonisa ukuthi wayaziswa kakhulu, yebo, ‘etuswa.’ Lokhu kunaka ngenjabulo kwakuyohamba ibanga elide ekumsizeni ukuba akhululeke ekucindezelekeni kwakhe kwengqondo.
Lesibonelo sibonisa ukuthi nakuba amaKristu ewonke ‘ethokoza eNkosini,’ amanye phakathi kwawo aphathwa izinhlobo ezihlukahlukene zokucindezeleka. (Filipi 4:4) Ukucindezeleka okukhulu kwengqondo kuwukuphazamiseka komzwelo okungathi sína okuye kwaholela ngisho nasekuzibulaleni. Ngezinye izikhathi, kuhilela ukusebenza kwamakhemikhali engqondo nezinye izici ezingokomzimba. Noma kunjalo, ngokuvamile ukucindezeleka kungancishiswa ngosizo lokuqonda olutholakala kwabanye. Kanjalo, uPawulu wanxusa ngalendlela: “Nithokozise abadanileyo [abacindezelekile, NW].” (1 Thesalonika 5:14) Ngakho, amabandla oFakazi BakaJehova kufanele ngenjabulo abasekele ngokomzwelo abacindezelekile. Lomthwalo wemfanelo waqashelwa inhlangano yobuKristu yosuku lwanamuhla emuva ngo-1903, ngoba ngalesosikhathi iWatch Tower yathi ngabacindezelekile, noma abaphele inhliziyo: “Abaphele inhliziyo nababuthaka, bayodinga usizo, ukusekelwa, isikhuthazo.” Kodwa ungabasiza kanjani abacindezelekile?
Okokuqala, ngokubonisa ‘uzwela,’ ungakwazi ukusiza ocindezelekile ukuba aveze “ukukhathazeka” okusenhliziyweni yakhe. Ngemva kwalokho, “izwi elihle” elivela kuwe lingamsiza ukuba ajabule. (1 Petru 3:8; IzAga 12:25) Ukumvumela nje ukuba akhulume ngokukhululeka futhi ezwe ukukhathalela kwakho kungaletha ukukhululeka okukhulu. “Nganginabangane abaningana engangikwazi ngempela ukuthulula isifuba sami kubo,” kwachaza uMary, umKristu ongashadile owalwisana nokucindezeleka. “Ngangidinga othile owayezongilalela.” Ukuba nothile ongahlanganyela naye imicabango yakho ejulile ngezinsizi zokuphila kungasho lukhulu.
Nokho, kudingeka okwengeziwe kunokumane ulalele futhi unikeze iseluleko esingenaluzwela esinjengokuthi, “Bheka okujabulisayo ekuphileni” noma, “Cabanga ngendlela eqondile.” Izinkulumo ezinjalo zingabonisa ukuntula uzwela futhi zingafaneleki neze lapho omunye umuntu ecindezelekile, njengoba nje izAga 25:20 zibonisa lapho zithi: “Oyihlabelelela inhliziyo edabukileyo izihlabelelo unjengokhumula ibhantshi ngosuku lwamakhaza.” Amazwi aveza imibono emihle ngokushalazela amaqiniso angase futhi ashiye ocindezeleke ezizwa ephazamiseke ngokwengeziwe. Ngani? Ngoba imizamo enjalo ayizifinyeleli izizathu zokucindezeleka kwakhe.
Qinisa Ngamazwi
Umuntu ocindezeleke kakhulu akazizwa nje edabukile kodwa ngokunokwenzeka uzizwa engento yalutho futhi engenathemba. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “abacindezekile” ngokwezwi nezwi lisho “abantu abanemiphefumulo emincane.” Esinye isazi sesiGreki sichaza leligama kanje: “Umuntu okhandleka ngaphansi kwezinkinga ezinkulu kangangokuthi inhliziyo yakhe ivele iyethe ngaphakathi kuye.” Kanjalo, imizwelo yakhe ayisasebenzi, futhi ukuzethemba kwakhe sekuyaxega.—Qhathanisa nezAga 17:22.
Inzalamizi uJobe yathi: “Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.” (Jobe 16:5) Igama lesiHeberu elisho “ukuqinisa” ngezinye izikhathi lihunyushwa ngokuthi “hlumelela amandla” noma “lekelela.” Lisetshenziselwa ukuchaza indlela ithempeli ‘elaqiniswa’ ngayo ngokulungisa isakhiwo salo. (Isaya 41:10; Nahume 2:1; 2 IziKronike 24:13) Amazwi akho kumelwe akwakhe kabusha ngekhono ukuzethemba komuntu ocindezelekile, sengathi ubeka isitini phezu kwesinye. Ukwenza lokhu kudinga ukuba ukhange “amandla” akhe “okuqonda.” (Roma 12:1, NW) IWatch Tower ka-1903 ephawulwe ekuqaleni yasho lokhu ngokuqondene nabacindezelekile: “Njengoba bentula . . . ukuzethemba, badinga ukusunduzelwa phambili kancane, ukuze baveze amakhono abanawo ngempela, ukuze bakhuthazeke futhi kubusiswe yonke indlu yokukholwa.”
Isibonelo seBhayibheli sikaElkana nomkakhe owayecindezelekile uHana sibonisa indlela ongaqinisa ngayo ngamazwi, njengoba kwenza uJobe. UElkana wayenabafazi ababili. Omunye wabo, uPhenina, wayenabantwana abaningana, kodwa uHana wayeyinyumba. Ngokunokwenzeka, uHana wayezibheka njengongento yalutho. (Qhathanisa noGenesise 30:1.) Njengokungathi lomthwalo wawungakesindi ngokwanele, uPhenina wamhlupha kwaze kwafika eqophelweni lapho akhala khona futhi waphelelwa uthando lokudla. Nakuba uElkana ayengakuqapheli ukujula kosizi lwakhe, kwathi lapho ebona isimo sakhe, wabuza: “Hana, ukhalelani na? Awudli ngani na? Inhliziyo yakho idabukeleni na?”—1 Samuweli 1:1-8.
Imibuzo kaElkana enomusa, engambeki cala yanikeza uHana ithuba lokuba asho imizwa yakhe. Kungakhathaliseki ukuthi waphendula yini noma cha, wasizwa ukuba ahlaziye isizathu okungenzeka sasimenza azizwe engento yalutho. Ngendlela efanayo, umuntu ocindezelekile angase athi, ‘Ngingumuntu omubi.’ Ungase ubuze, ‘Kungani uzizwa kanjalo?’ Khona-ke lalelisisa njengoba ethululela kuwe lokho akuzwa enhliziyweni yakhe.—Qhathanisa nezAga 20:5.
UElkana wabe esebuza uHana lombuzo omisa isibindi kakhulu: “Angidluli yini amadodana ayishumi kuwe na?” UHana wakhunjuzwa ngothando uElkana ayenalo ngaye, naphezu kubunyumba bakhe. UElkana wayembheka njengoyigugu, ngakho wayengaphetha ngokuthi: ‘Nokho, angiyena ongento yalutho kangako. Nginalo ngempela uthando olujulile ngomyeni wami!’ Amazwi akhe amqinisa uHana, ngoba waqala ukudla futhi waya ethempelini.—1 Samuweli 1:8, 9.
Njengoba nje noElkana akhuluma ngokuqondile futhi waqondisa ukunakekela komkakhe esizathwini esifanele sokuba azizwe kangcono ngesiqu sakhe, nalabo abafisa ukusiza abacindezelekile kumelwe benze okufanayo. Ngokwesibonelo, umKristu ogama lakhe linguNaomi washo lokhu ngalokho okwamsiza ukuba aphinde athole injabulo: “Abanye babangane bami babetusa indlela engangiyikhulise ngayo indodana yami, indlela enganginakekela ngayo ikhaya lami, ngisho nendlela engangizigcina ngibukeka ngayo naphezu kokucindezeleka. Lesikhuthazo sasho okukhulu!” Yebo ukutuswa okufanele kuyamsiza ocindezelekile ukuba abone izimfanelo zakhe ezinhle futhi azibeke esilinganisweni esifanele salokho ayikho.
Uma umkakho ecindezelekile, kungani ungazami ukumakha ngokuvumelana namazwi ezAga 31:28, 29? Lapho siyafunda: “Nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi: Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.” Nakuba kunjalo, unkosikazi ocindezelekile angase angakwamukeli ukuchazwa okunjalo, njengoba engase azizwe eyisehluleki ngenxa yokungakwazi ukunakekela imisebenzi yasekhaya kahle ngendlela acabanga ukuthi kufanele enze ngayo. Nokho, ngokumkhumbuza ngomuntu wesifazane anguye ngaphakathi, nangokuthi wayenjani ngaphambi kokuba abhekane nokucindezeleka, ungase ukwazi ukumkholisa ukuthi ukutusa kwakho akukhona ukuthopha okuyize. Ungase uvume nokuthi akwenzayo manje kuwumzamo omkhulu. Ungase uthi: ‘Ngiyazi ukuthi kudingeke umzamo ongakanani ngawe ukuba wenze lokhu. Kuncomeka kakhulu ukuthi wenza umzamo omkhulu kangaka!’ Ukuthola komuntu ukuvunyelwa nokutuswa umlingane wakhe womshado nangabantwana bakhe, labo abamazi kangcono, kubalulekile ekwakheni kabusha ukuzethemba.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:33, 34.
Ukusebenzisa izibonelo zeBhayibheli kungamsiza umuntu ocindezelekile ukuba abone ukuthi iziphi izinguquko ekucabangeni ezingase zidingeke. Ngokwesibonelo, mhlawumbe lowomuntu ukhathazwa ngokweqile imibono yabanye. Ungase uxoxe ngesibonelo sikaEphafrodithu bese uyabuza: ‘Ucabanga ukuthi kungani acindezeleka lapho ethola ukuthi ibandla lakubo lalizwile ngokugula kwakhe? Ingabe ngempela wayeyisehluleki? Kungani uPawulu athi makatuswe? Ingabe ukubaluleka kukaEphafrodithu kwangempela njengomuntu kwakuxhomeke elungelweni lenkonzo ayenalo?’ Imibuzo enjalo ingamsiza umuntu ocindezelekile ukuba asisebenzise kuye ngokwakhe lesosibonelo futhi aqaphele ukuthi akasona isehluleki.
“Nisekele Ababuthakathaka”
IBhayibheli liyakhuthaza: “Nisekele ababuthakathaka.” (1 Thesalonika 5:14) Ukuba khona kweqembu labangane abangamaKristu abanganikeza usizo olungasebenziseka enye into enhle ngenkolo yeqiniso. Abangane bangempela yilabo umuntu ‘abazalelwa ngesikhathi ehluphekile,’ futhi bafa bevuka ngempela nomuntu ocindezelekile. (IzAga 17:17, NW) Lapho umphostoli uPawulu ayezizwa ‘edanile’ futhi ‘enokwesaba ngaphakathi,’ waduduzeka “ngokufika kukaThithu.” (2 Korinte 7:5, 6) Ngokufanayo, ukuvakasha nezingcingo okubonisa uzwela okwenziwa ngezikhathi ezifanelekile ngokunokwenzeka bayokwazisa ngokujulile abacindezelekile. Ungase ubuze ukuthi ikhona yini indlela ongasiza ngayo, njengokumyela ezindaweni ezithile, ukwenza umsebenzi wasendlini, noma okufana nalokho.a UmKristu ogama lakhe linguMaria uthi: “Ngesikhathi ngicindezelekile, umngane othile wangibhalela izikhathi eziningana futhi njalo wayefaka nemibhalo ekhuthazayo. Ngangiyifunda ngiyiphindaphinde incwadi ngayinye, ngikhala njengoba ngiyifunda. Izincwadi ezinjalo zazifana negolide kimi.”
Ngemva kokukhuthaza ibandla ukuba lisize ‘abadanileyo,’ uPawulu uthi: “Nibabekezelele bonke. Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi.” (1 Thesalonika 5:14, 15) Ukubekezela kubalulekile, ngoba ngenxa yobuhlungu obungokwengqondo, ukucabanga okuphambene, nokukhathala ngenxa yokungalali, umuntu ocindezelekile angase aphendule ‘ngamazwi ahlabayo’ njengoba kwenza uJobe. (Jobe 6:2, 3, NW) URachelle, umKristu omama wakhe wacindezeleka kakhulu, wembula lokhu: “Kaningi uMama wayesho into ebonisa inzondo. Kweziningi zalezikhathi, ngangizama ukuzikhumbuza uhlobo lomuntu uMama ayilo ngempela—umuntu onothando, onomusa, nophanayo. Ngafunda ukuthi abantu abacindezelekile basho izinto eziningi abangaziqondile. Into embi kunazo zonke umuntu angazenza ukuphindisela amazwi noma izenzo ezimbi ngezimbi.”
Abanye abesifazane abavuthiwe abangamaKristu bangase babe sesimweni sokusiza abanye abasifazane abahlushwa ubuhlungu obungokomzwelo. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:9, 10.) Laba besifazane abangamaKristu abanekhono bangaqikelela ukuba bakhulume nabanjalo ngokubaduduza ngezikhathi ezifanelekayo. Ngezinye izikhathi kungokufaneleke kakhulu ukuba odade abangamaKristu abafanelekayo baqhubeke besiza owesifazane kunokuba kube abazalwane. Ngokuhlela izinto nangokuziqondisa ngokufanele, abadala abangamaKristu bangaqikelela ukuthi abacindezelekile bathola usizo oludingekayo.
Abadala Abanezindimi Ezifundisiwe
Ikakhulukazi abelusi abangokomoya kufanele babe “nolwazi nokuqonda” ukuze “bazi indlela yokukhuluma ukuze bakhuthaze abayethileyo.” (Jeremiya 3:15; Isaya 50:4, Beck) Nokho, uma umdala engaqapheli angenza ngokungenhloso ocindezelekile azizwe ecindezeleke ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, abangane abathathu bakaJobe bathi baya ‘ukuyomkhalela, bamduduze.’ Kodwa amazwi abo, ebangelwa umbono ongalungile ngosizi lukaJobe, ‘amphohloza’ kunokuba amduduze.—Jobe 2:11; 8:1, 5, 6; 11:1, 13-19; 19:2.
Izihloko ezihlukahlukene ezincwadini zeWatch Tower ziye zachaza izimiso ezingasetshenziswa ekululekeni abantu.b Abadala abaningi baye bakusebenzisa ukwaziswa okunjalo. Nokho, kwezinye izimo izinkulumo ezibonisa ukungacabangi ezenziwa abadala—ekukhulumeni nomuntu ngamunye noma ezinkulumweni zasobala—ziye zalimaza kakhulu. Ngakho abadala ‘mabangaphahluki njengokuhlaba kwenkemba’ kodwa mabakhulume ‘ngolimi lwabahlakaniphileyo oluyimpiliso.’ (IzAga 12:18) Uma umdala ecabanga ngalokho okuzokwenziwa amazwi akhe ngaphambi kokuba akhulume, amazwi akhe angaba athobayo. Ngakho, badala sheshani ukuzwa nephuze ukufika eziphethweni ningakawutholi wonke umqondo wendaba.—IzAga 18:13.
Uma abadala beba nesithakazelo esiqotho kubantu abacindezelekile, abantu abanjalo bazizwa bethandwa futhi baziswa. Ukunakekela okunjalo okungenabugovu kungenza lababantu ukuba bangawanaki noma imaphi amazwi adumazayo. (Jakobe 3:2) Abantu abacindezelekile ngokuvamile banqotshwa umuzwa wokuba necala, futhi abadala bangabasiza ukuba babe nombono olinganiselwe ngezinto. Ngisho noma kwenziwe isono esingathi sina, usizo olungokomoya olunikezwa abadala ‘lungaphulukisa okuqhugayo.’—Heberu 12:13.
Lapho abantu abacindezelekile benomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwa, abadala bangathandaza kanye nabo futhi babathandazele. Ngokufunda kanye nabo izihloko ezisekelwe eBhayibhelini ezikhuluma ngokucindezeleka, abadala ‘bangagcoba’ laba ngamazwi athobayo angokomoya. (Jakobe 5:14, 15) Abadala futhi bangamsiza ocindezelekile ukuba athathe izinyathelo ezingokomoya zokulungisa ukungezwani okungenzeka ukuthi unakho nothile, uma lokhu kuyikho okuyinkinga. (Qhathanisa noMathewu 5:23, 24; 18:15-17.) Ngokuvamile, izingxabano ezinjalo, ikakhulukazi emkhayeni, ziba umsuka wokucindezeleka.
Qaphela ukuthi ukululama kuthatha isikhathi. Ngisho nemizamo kaElkana yothando ayizange ikususe ngokushesha ukucindezeleka kukaHana. Imithandazo yakhe siqu kanye nokuqinisekisa kompristi omkhulu ekugcineni kwaholela ekusukeni kwakho. (1 Samuweli 1:12-18) Ngakho, yiba nesineke uma ukululama kungenzeki ngokushesha. Yiqiniso, abadala ababona odokotela futhi ngalesosizathu bangase bathole imizamo yabo ilinganiselwe kwezinye izimo. Bona, kanye namalungu omkhaya walowomuntu ocindezelekile, kungase kudingeke bamkhuthazele ukuba afune usizo lodokotela. Uma kudingekile, abadala noma amalungu omkhaya bangase bamchazele ngokucacile noma yimuphi udokotela ukubaluleka kokuhlonipha izinkolelo ezingokwenkolo zalowomuntu ocindezelekile.
Akekho oyoba nempilo ephelele ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomzwelo, kuze kube sezweni elisha likaNkulunkulu. Okwamanje, noma yimuphi umKristu olahlekelwa injabulo yakhe ngenxa yokucindezeleka angathola amandla hhayi ebandleni lobuKristu kuphela kodwa futhi nakuBaba wethu wasezulwini, “oduduza abacindezelekile.”—2 Korinte 7:6, New American Standard Bible.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Defeating Depression—How Others Can Help” kuyiPhaphama! yesiNgisi kaNovember 8, 1987, amakhasi 12-16.
b Bheka isihloko esithi “Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo’” kuyiNqabayokulinda kaNovember 15, 1982, nesithi “‘Amazwi Angokomoya’ Kwabacindezeleke Ngokwengqodo” kumagazini kaNovember 15, 1988.
[Ibhokisi ekhasini 29]
INDLELA YOKUKHULUMA AMAZWI ADUDUZAYO
□ LALELISISA—Ngemibuzo yokuqonda ‘khipha’ imizwa yenhliziyo yalowomuntu. Shesha ukulalela wephuze ukufinyelela kunoma iziphi iziphetho ungakabi nomqondo ophelele ngendaba.—IzAga 20:5; 18:13.
□ BONISA ISIHAWU—‘Ukuhawukela’ kufanele kuhambisane ‘nobubele’ njengoba uzama ukuzifanisa ngokwemizwelo nocindezelekile. ‘Khala nokhalayo.’—1 Petru 3:8, NW; Roma 12:15.
□ YIBA NGOBEKEZELAYO—Kungase kudinge izingxoxo eziphindaphindiwe, ngakho yiba nesineke. Ungawanaki ‘amazwi angukubhuda’ lowomuntu ocindezelekile angase awakhulume ngenxa yokukhungatheka.—Jobe 6:3.
□ QINISA NGAMAZWI—Siza ocindezelekile ukuba abone izimfanelo zakhe ezinhle. Tusa izici ezithile ezikhethekile. Bonisa ukuthi izinkinga, okuhlangenwe nakho okubi kwesikhathi esidlule, noma amaphutha akunqumi ukubaluleka komuntu. Chaza ukuthi kungani uNkulunkulu emthanda futhi emnakekela.—Jobe 16:5.