ISIFUNDO 1
Ukufunda Ngokunembile
IMIBHALO ithi kuyintando kaNkulunkululu ukuba zonke izinhlobo zabantu “zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Ngokuvumelana nalokho, lapho sifunda iBhayibheli ngokuzwakalayo, isifiso sethu sokudlulisela ulwazi olunembile kumelwe sithonye indlela esifunda ngayo.
Ikhono lokufunda iBhayibheli ngokuzwakalayo kanye nezincwadi ezichaza iBhayibheli libalulekile entsheni nakwabadala. NjengoFakazi BakaJehova, sinomthwalo wokwabela abanye ulwazi lukaJehova nezindlela zakhe. Lokho ngokuvamile kuhilela ukufundela umuntu oyedwa noma iqembu elincane. Safunda kanjalo nasekhaya. ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, kunamathuba afanelekayo okuba abazalwane nodade, abasha nabadala, balulekwe ngenjongo yokuthuthukisa ukufunda kwabo ngokuzwakalayo.
Ukufundela iningi iBhayibheli, kungakhathaliseki ukuthi sifundela abathile noma ibandla, kuyinto okumelwe singayithathi kalula. IBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla . . . liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heb. 4:12) IZwi likaNkulunkulu liqukethe ulwazi olusemqoka kakhulu nolungenakutholakala komunye umthombo. Lingasiza umuntu azi okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, ahlakulele ubuhlobo obuhle naye, futhi aphumelele ekubhekaneni nezinkinga zokuphila. Lichaza indlela eya ekuphileni okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Ngakho-ke, umgomo wethu kumelwe kube ukufunda iBhayibheli ngendlela engcono kakhulu esingenza ngayo.—IHu. 119:140; Jer. 26:2.
Indlela Yokufunda Ngokunembile. Ziningi izinto ezihilelekile ekufundeni ngokuphumelelayo, kodwa ukuthuthukisa ukufunda ngokunembile kuyisinyathelo sokuqala. Lokho kusho ukuzama ukufunda lokho okubhaliwe. Qaphela ukuba ungaweqi amagama, noma ukunqamula amagama emsileni, noma ufunde kabi amagama ngenxa yokufana kwawo namanye.
Ukuze ufunde amagama ngendlela enembile, kungase kudingeke uqonde umongo wendaba. Lokho kuyodinga ukulungiselela kahle. Ngokuhamba kwesikhathi, njengoba uthuthukisa ikhono lokubona amagama alandelayo futhi ucabangele ukulandelana kwamaphuzu, ukufunda kwakho ngokunembile kuyothuthuka.
Izimpawu zenkulumo nezimpawana eziphezu kwezinhlamvu zamagama yizici ezibalulekile zolimi olubhalwayo. Izimpawu zenkulumo zingase zibonise ukuthi kumelwe ulihlabe kuphi ikhefu, ukuthi kumelwe ulihlabe isikhathi esingakanani, zibonise nesidingo sokushintshashintsha izwi. Kwezinye izilimi, ukungalishintshi izwi lapho izimpawu zenkulumo zithi lishintshe kungase kwenze umbuzo ungazwakali ukuthi umbuzo, noma kungase kuwushintshe ngokuphelele umqondo wendaba. Yiqiniso, ngezinye izikhathi, injongo yezimpawu zenkulumo iphathelene nohlelo lolimi. Ezilimini eziningi, awunakufunda ngokunembile uma ungaziqaphelisisi izimpawana eziphezu kwezinhlamvu zamagama, lezo ezibhalwe phansi nalezo eziqondwa emongweni wendaba. Zibonisa indlela ezizophinyiselwa ngayo izinhlamvu eziphezu kwazo. Qiniseka ukuthi uyayazi indlela ezisetshenziswa ngayo olimini lwakho izimpawu zenkulumo nezimpawana eziba phezu kwezinhlamvu zamagama. Lesi yisihluthulelo sokufunda ngendlela ezwakalayo. Khumbula ukuthi umgomo wakho kumelwe kube ukudlulisela imiqondo, hhayi ukusho amagama nje kuphela.
Ukuprakthiza kuyadingeka ukuze uhlakulele ikhono lokufunda ngokunembile. Funda isigaba esisodwa nje, bese usifunda kaningana kuze kube yilapho usukwazi ukusifunda ngaphandle kokwenza amaphutha. Yibe usuya esigabeni esilandelayo. Ekugcineni, zama ukufunda amakhasi amaningana ngaphandle kokweqa amagama, ukuwaphindaphinda noma ukuwafunda kabi amagama. Ngemva kokwenza lokho, cela othile akulalele lapho ufunda abese ekutshela amaphutha ongase uwenze.
Kwezinye izingxenye zomhlaba, ukungaboni kahle emehlweni noma ukungabi nokukhanya okwanele kunesandla ekungafundini kahle. Uma kungenzeka ulungise lezi zici, akungabazeki ukuthi nakanjani uyothuthuka ekufundeni.
Ngesikhathi esifanele, abazalwane abafunda kahle bangase bacelwe ukuba bahlangayele ekufundeleni iningi eSifundweni Sencwadi Sebandla naseSifundweni Se-Nqabayokulinda. Kodwa ukuze ukwenze kahle lokhu, kudingeka okwengeziwe kunokumane ukwazi ukuphimisa amagama ngendlela eqondile. Ukuze uphumelele ekufundeleni iningi ebandleni, kuyomelwe uzijwayeze imikhuba emihle lapho uzifundela wena. Lokhu kuhlanganisa ukuqaphela ukuthi igama ngalinye emushweni linendima eliyifezayo. Akunakwenzeka ukuba weqe amanye amagama kodwa uwuthole ngokucacile umqondo wokubhaliwe. Uma uwafunda kabi amagama, ngisho noma uzifundela wena, umqondo womusho uyosonteka. Ukufunda kabi kungase kubangelwe ukungazinaki izimpawana eziba phezu kwezinhlamvu zamagama noma ukungawunaki umongo asetshenziswe kuwo. Zama ukuqonda ukuthi igama ngalinye lisho ukuthini emushweni elivela kuwo. Cabangela nendlela izimpawu zenkulumo ezithinta ngayo umqondo womusho. Khumbula ukuthi umqondo uwuthola eqoqweni lamagama. Kuphawule lokhu ukuze kuthi lapho ufunda ngokuzwakalayo, ufunde amaqoqo amagama—ibinzana nemishwana—kunokufunda igama ngalinye. Ukukuqonda kahle lokho okufundayo kuyisinyathelo esibalulekile sokukwazi ukudlulisela ulwazi olunembile kwabanye lapho ufundela iningi.
Umphostoli uPawulu wayekhuluma nomdala ongumKristu onokuhlangenwe nakho lapho ebhala: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi.” (1 Thim. 4:13) Lesi isici sonke esingasithuthukisa.