ISIFUNDO 26
Ukuthuthukisa Indaba Ngendlela Enengqondo
NGAPHAMBI kokuba indaba ihlelwe ngendlela enengqondo, kudingeka ube nomgomo. Ingabe umgomo wakho uwukufundisa abanye ngendaba ethile—inkolelo, isimo sengqondo, imfanelo, uhlobo lokuziphatha noma indlela yokuphila? Ingabe ufuna ukufakazela noma ukuphikisa umbono othile? Ingabe inhloso yakho iwukwakha ukwazisa ngento ethile noma ukushukumisela esenzweni? Kungakhathaliseki ukuthi uyobe ukhuluma nomuntu oyedwa noma nabaningi, ukuze ufinyelele umgomo wakho, kudingeka ucabangele lokho asebekwazi kakade ngendaba nokuthi bayibheka kanjani. Ngemva kokwenza lokhu, hlela indaba yakho ngendlela eyokusiza ukuba ufinyelele umgomo wakho.
Ngokuphathelene nenkonzo kaSawulu (uPawulu) eDamaseku, izEnzo 9:22 zibika ukuthi “wayekhungathekisa amaJuda ahlala eDamaseku njengoba ayebonisa ngokunengqondo ukuthi lo nguKristu.” Lobu bufakazi obunengqondo babuhlanganisani? Njengoba kuboniswa ekulandiseni ngenkonzo kaPawulu yakamuva e-Antiyokiya naseThesalonika, waqala ngokwakhela phezu kweqiniso lokuthi amaJuda ayeyamukela imiBhalo yesiHeberu nasekutheni ayethi ayakukholelwa ekushoyo ngoMesiya. Esusela kuleyo miBhalo-ke, uPawulu wakhetha izingxenye ezazikhuluma ngokuphila nenkonzo kaMesiya. Wazicaphuna futhi waziqhathanisa nalokho okwenzeka ngokoqobo kuJesu. Ekugcineni, wafinyelela esiphethweni esisobala, esithi, uJesu unguKristu, noma uMesiya. (IzE. 13:16-41; 17:2, 3) Uma nawe ubeka iqiniso leBhayibheli ngendlela enengqondo, lingabathonya abanye.
Ukuhlela Inkulumo. Indaba ingahlelwa ngezindlela ezihlukahlukene ezinengqondo. Uma ukuthola kusiza, ungasebenzisa izindlela ezingaphezu kweyodwa ngesikhathi. Cabangela ezimbalwa nje.
Ukuhlela ngokwezihloko. Lokhu kusho ukuhlela indaba yakho ibe izingxenye, ngayinye ifeze umgomo wakho. Lezi zingxenye zingaba amaphuzu ayinhloko abalulekile ekuqondakaleni kwesihloko sakho. Angase abe amaphuzu athile afakazela noma aphikisa okuthile. Amanye amaphuzu, nakuba ehlobana nendaba, angase anezelwe noma asuswe, kuye ngezilaleli zakho nangomgomo wakho.
Cabangela isibonelo sokuhlela inkulumo ngokwezihloko. Inkulumo emfushane ephathelene negama likaNkulunkulu ingase ihlanganise ukuthi (1) kungani kubalulekile ukwazi uNkulunkulu ngegama, (2) lingubani igama likaNkulunkulu, nokuthi (3) singalidumisa kanjani lelo gama.
Kuningi esingakufunda mayelana nokuhlela indaba ngezihloko uma sihlola izincwadi ezilungiselelwe ‘yinceku ethembekileyo neqondayo’ ukuba sizisebenzise ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya. (Math. 24:45) Ngokuvamile, lezi zincwadi zinezihloko eziningi ezingabasiza abafundi bathole amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ezincwadini ezinkulu kusetshenziswe izihlokwana ukuze zihlukanise izahluko. Isihlokwana ngasinye senza umfundi alungele ukwaziswa okuzolandela futhi siphelelisa yonke indaba.
Imbangela nomphumela. Ukuchaza indaba usebenzisa imbangela nomphumela kungenye indlela yokubeka indaba ngendlela enengqondo.
Uma ukhuluma neqembu labantu okudingeka bacabangisise ngomphumela wento abayenzayo noma abahlela ukuyenza, le ndlela ingaphumelela. IzAga isahluko 7 zinikeza isibonelo esihle kakhulu salokhu. Zichaza ngokuthe bhá indlela insizwa “engenakuqonda” (imbangela) ezihlanganisa ngayo nesifebe bese ibhekana nezimo ezibuhlungu (umphumela).—IzAga 7:7.
Ukuze ugcizelele ngokwengeziwe, ungase uqhathanise imiphumela emibi etholwa yilabo abahluleka ukuhamba ezindleleni zikaJehova nemiphumela emihle etholwa yilabo abalalela uJehova. Eshukunyiswa umoya kaJehova, uMose wasebenzisa ukuqhathanisa okunjalo lapho ekhuluma nesizwe sakwa-Israyeli ngaphambi kokuba singene eZweni Lesithembiso.—Dut., isahl. 28.
Kwezinye izimo, kungcono ukuqala ingxoxo yakho ngokuveza isimo esithile (umphumela) bese usho ukuthi iziphi izici ezaholela kuleso simo (imbangela). Lokhu ngokuvamile kusho ukubeka inkinga bese ulandelisa ngekhambi.
Inkinga nekhambi. Enkonzweni yasensimini, uma ukhuluma ngenkinga ekhathaza abantu bese ubonisa ukuthi kunesixazululo esanelisayo, umuntu angakhuthazeka ukuba alalele. Inkinga ingase iphakanyiswe nguwe noma kube okuthile okushiwo nguyena.
Inkinga enjalo ingase ibe ukuthi abantu bayaguga futhi bafe, ukudlanga kobugebengu noma ukusabalala kokungabi nabulungisa. Akudingeki ngxoxo ende ukuze ubonise ukuthi izinkinga ezinjalo zikhona, ngoba kusobala. Mane nje uqale ngokuyibalula leyo nkinga bese uveza ikhambi eliseBhayibhelini.
Ngakolunye uhlangothi, kungase kube inkinga yomuntu siqu, ehlanganisa izinselele zomzali ongayedwa, ukudunyazwa ukugula okungathi sína, noma ubunzima umuntu abhekene nabo ngenxa yokuphathwa kabi omunye umuntu. Ukuze uphumelele, kumelwe uqale ngokuba isilaleli esihle. IBhayibheli linikeza ukwaziswa okubalulekile ngazo zonke lezi zinkinga. Kodwa kumelwe lisetshenziswe ngokuqonda. Ukuze ingxoxo yakho imzuzise ngempela umuntu okhuluma naye, kumelwe ubhekane namaqiniso. Kwenze kucace ukuthi uxoxa ngekhambi elihlala njalo, elesikhashana, noma nje ukuthi angabhekana kanjani nesimo esingeke sishintshe kulesi simiso sezinto. Ngamanye amazwi, qiniseka ukuthi incazelo engokomBhalo oyinikezayo iyahambisana nesiphetho osifinyelelayo. Ngaphandle kwalokho, ikhambi olivezayo lingase lingabi nangqondo nakancane komunye umuntu.
Ukuhlela indaba ngokulandelana kwezikhathi. Okunye ukwaziswa kufaneleka kangcono uma kubekwa ngokulandelana kwezikhathi. Ngokwesibonelo, encwadini ka-Eksodusi, iZinhlupho Eziyishumi zabekwa ngokulandelana ezenzeka ngako. KumaHeberu isahluko 11, uhlu lomphostoli uPawulu lwamadoda nabesifazane bokholo oluyisibonelo lubekwe ngokulandelana kwezikhathi.
Uma ulandisa izenzakalo zasendulo ngokulandelana kwezikhathi ezenzeka ngazo, kungasiza izilaleli zakho ukuba ziqonde indlela izimo ezithile ezenzeka ngayo. Lokhu kusebenza emlandweni wosuku lwanamuhla nasezenzakalweni zezikhathi zeBhayibheli. Ngaleyo ndlela uyobe usebenzisa izindlela ezimbili ngesikhathi, eyokuhlela indaba ngokulandelana kwezikhathi nokusebenzisa imbangela nomphumela. Uma uhlela ukulandisa ngezenzakalo iBhayibheli elithi ziyokwenzeka esikhathini esizayo, ukuzibeka ngokulandelana kwazo cishe kuyoba lula ngezilaleli ukuziqonda nokuzikhumbula.
Ukusebenzisa indlela yokuhlela indaba ngokulandelana kwezikhathi akusho ukuthi kumelwe njalo uqale ekuqaleni. Kwezinye izimo, kungaphumelela kangcono ukwethula umvuthwandaba wendaba kuqala. Lapho ulandisa okuhlangenwe nakho, ngokwesibonelo, ungase ukhethe ukukhuluma ngesenzakalo sokuvivinywa kobuqotho bomuntu kuNkulunkulu. Lapho usuvuse isithakazelo ngaleyo ngxenye yendaba, ungase ulandelanise imininingwane eyaholela kulokho.
Ukusebenzisa Indaba Ehlobene Nesihloko Kuphela. Kungakhathaliseki ukuthi uyihlela kanjani indaba yakho, qikelela ukuthi usebenzisa ukwaziswa okuhlobene nesihloko kuphela. Isihloko senkulumo yakho kumelwe sikuqondise ukuthi uyokhethani. Kumelwe ucabangele nezilaleli ukuthi zingobani. Iphuzu elithile lingase libaluleke kwezinye izilaleli, kanti lingase lingadingeki kwezinye. Kumelwe uqiniseke futhi ukuthi konke ukwaziswa onakho kuyosiza ekufinyeleleni umgomo wakho. Ngaphandle kwalokho, inkulumo yakho ingase ingazuzisi, nakuba kungenzeka ukuthi iyathakazelisa.
Lapho ucwaninga, ungase uthole ukwaziswa okuningi okuthakazelisayo okuhlobene nendaba yakho. Kumelwe usebenzise okungakanani kukho? Uma uxaka izilaleli ngendaba eningi, ungase uhluleke ukufeza umgomo wakho. Amaphuzu ambalwa ayinhloko athuthukiswe kahle ayokhumbuleka kalula kunendathane yamaphuzu aqhamuka eqhamukile. Lokhu akusho ukuthi ukwaziswa okuthakazelisayo okuseceleni akumelwe nanini kusetshenziswe. Kodwa ungakuvumeli kugqibe umgomo wakho. Phawula ukuthi imininingwane enjalo yafakwa kanjani ngokuhlakanipha eBhayibhelini kuMarku 7:3, 4 nakuJohane 4:1-3, 7-9.
Njengoba usuka kwelinye iphuzu uya kwelinye, qikelela ukuthi awugijimi kakhulu izilaleli zize zilahlekelwe amaphuzu. Ukuze amaphuzu avumelane kahle, kungase kudingeke ube nebhuloho lokusuka kwelinye iphuzu uya kwelinye. Ibhuloho lingase libe umushwana noma umusho ophelele obonisa ubudlelwano phakathi kwamaphuzu. Ezilimini eziningi, kungase kusetshenziswe izihlanganiso noma imishwana elula ukuze kuvezwe ukuhlobana kwephuzu elisha nalelo elandulelayo.
Ukusebenzisa indaba ehlobene nesihloko kuphela nokuyihlela ngendlela enengqondo kuyokusiza ufinyelele umgomo wakho.