Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 37 k. 212-k. 214 isig. 5
  • Amaphuzu Asemqoka Enziwe Aqhama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaphuzu Asemqoka Enziwe Aqhama
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Ukuqokomisa Isihloko Namaphuzu Amakhulu
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukwenza Uhlaka
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukuhlela Uhlaka Lwenkulumo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 37 k. 212-k. 214 isig. 5

ISIFUNDO 37

Amaphuzu Asemqoka Enziwe Aqhama

Yini okudingeka uyenze?

Hlela indaba yakho futhi uyethule ngendlela eyogxila emaphuzwini asemqoka.

Kungani Kubalulekile?

Kusiza ekukhumbuleni, bese kusiza lapho uzindla nasekuchazeni ukuthi okushiwoyo kusebenza kanjani.

YIMAPHI amaphuzu asemqoka enkulumweni? Akuwona amaphuzu athakazelisayo ashiwo nje kudlulwe. Yimiqondo ebalulekile okukhulunywa kwenatshwe ngayo. Yimiqondo ebaluleke kakhulu ekufinyeleleni umgomo wakho.

Isihluthulelo sokwenza amaphuzu asemqoka aqhame siwukukhetha indaba nokuyihlela ngobunyoninco. Lapho ucwaningela inkulumo ngokuvamile ugcina unendaba eningi ngaphezu kwaleyo oyoyisebenzisa. Unganquma kanjani ukuthi iyiphi okufanele uyisebenzise?

Okokuqala, cabanga ngezilaleli zakho. Ingabe aziyijwayele kangako indaba yakho, noma ziyazi kahle? Ingabe eziningi zazo ziyavumelana nalokho iBhayibheli elikushoyo ngayo, noma ezinye zithanda ukungabaza? Hlobo luni lwezinselele ezibhekana nazo ekuphileni kwansuku zonke lapho zizama ukusebenzisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba? Okwesibili, qiniseka ukuthi uwazi kahle umgomo wakho njengoba ukhuluma nalezo zilaleli ngaleso sihloko ohlele ukusisebenzisa. Usebenzisa lezi ziqondiso ezimbili, hlaziya indaba futhi ushiye kuphela lokho okufaneleka ngempela.

Uma unikezwe uhlaka olunesihloko namaphuzu ayinhloko, kufanele unamathele kulo. Nokho, inzuzo yalokho oyobe ukusho iyoba nkulu nakakhulu uma ukhumbula la maphuzu angenhla lapho ukhanyisa iphuzu elisemqoka ngalinye. Uma ungalunikezwanga uhlaka, kukuwe ukuba ukhethe amaphuzu asemqoka.

Uma usuqiniseka ngamaphuzu akho asemqoka engqondweni futhi usuhlele nemininingwane ngaphansi kwawo, kuyoba lula ukubeka inkulumo. Cishe nezilaleli zakho ziyozuza kakhulu kuyo.

Izindlela Ezihlukahlukene Zokuhlela Indaba. Kungasetshenziswa izindlela ezihlukahlukene ekulungiseleleni umzimba wenkulumo. Njengoba uya uzijwayela, uyothola ukuthi eziningana ziyaphumelela kuye ngomgomo wakho.

Indlela elula eyokuhlela indaba ngezihlokwana. (Iphuzu ngalinye elisemqoka liyadingeka ngoba lisiza izilaleli zakho ziqonde indaba noma lisize wena ukwazi ukufinyelela umgomo wakho.) Enye indlela iwukuhlela indaba ngokulandelana kwezikhathi. (Ngokwesibonelo, izenzakalo zangaphambi kukaZamcolo zingase zilandelwe izenzakalo zangaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., nazo ezingase zilandelwe izenzakalo zosuku lwethu.) Indlela yesithathu iwukubeka indaba ngokwembangela nomphumela. (Lokhu ungakuqhamukela kunoma yiluphi uhlangothi. Ngokwesibonelo, ungase uqale ngesimo esikhona manje, okungumphumela, bese ubonisa imbangela.) Indlela yesine ihilela izinto ezingafani. (Ungase uhlukanise phakathi kokuhle nokubi noma okulungile nokungalungile.) Ngezinye izikhathi, inkulumo iyohlanganisa izindlela ezingaphezu kweyodwa.

Lapho uStefanu ebekwa icala lamanga phambi kweSanhedrini yamaJuda, wanikeza inkulumo enohlonze ayihlela ngokulandelana kwezikhathi. Njengoba uyifunda kuzEnzo 7:2-53, phawula ukuthi wakhetha amaphuzu ngenjongo ethile. UStefanu waqala ngokukhanyisa ukuthi wayexoxa umlando izilaleli zakhe ezazingenakuwuphika. Wabe esephawula ukuthi nakuba uJosefa alahlwa ngabafowabo, uNkulunkulu wamsebenzisa ukuba abasindise. Wabe esebonisa ukuthi amaJuda awamlalelanga uMose owayesetshenziswa uNkulunkulu. Waphetha ngokugcizelela ukuthi umoya ofana nalowo owaboniswa ngamaJuda ezizukulwane zangaphambili waboniswa yilabo ababangela ukufa kukaJesu Kristu.

Amaphuzu Asemqoka Angabi Maningi Kakhulu. Zimbalwa izinto ezidingekayo lapho ukhanyisa isihloko. Ezimweni eziningi, azidluli ngisho kwezinhlanu. Lokhu kuyiqiniso, kungakhathaliseki ukuthi uzokhuluma imizuzu eyisihlanu, eyishumi, engamashumi amathathu noma engaphezu kwaleyo. Ungazami ukugqamisa amaphuzu amaningi kakhulu. Izilaleli zakho zingakwazi ukubamba amaphuzu nje ambalwa enkulumo yakho. Lapho inkulumo iyinde, yilapho amaphuzu ayisihluthulelo kumelwe agcizelelwe ngokwengeziwe nangokucacile khona.

Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa amaphuzu asemqoka amangaki, qiniseka ukuthi ulikhanyisa ngokwanele iphuzu ngalinye. Nikeza izilaleli isikhathi esanele sokuhlola iphuzu ngalinye ukuze lingene ligxile ezingqondweni zazo.

Inkulumo yakho kumelwe izwakale ilula. Lokhu akuxhomekile ekutheni ingakanani indaba yakho. Uma amaphuzu akho ebekwe ngokucacile ngaphansi kwezihlokwana ezimbalwa eziyinhloko, futhi ukhanyisa ngalinye ngesikhathi, kuyoba lula ukuyilandela inkulumo, kube lula nokuyikhumbula.

Yenza Amaphuzu Ayinhloko Aqhame. Uma indaba yakho ihlelwe kahle, ngeke kube nzima ukugcizelela ukubaluleka kwamaphuzu asemqoka lapho wethula inkulumo yakho.

Indlela eyinhloko yokwenza iphuzu elisemqoka liqhame ukuveza ubufakazi, imibhalo, nokunye ukwaziswa ngendlela eyogxila ephuzwini elisemqoka futhi ilikhanyise. Wonke amaphuzu asekelayo kumelwe acacise, afakazele, futhi akhanyise iphuzu elisemqoka. Ungafaki amaphuzu angafaneleki ngoba nje ethakazelisa. Njengoba ukhanyisa amaphuzu aseceleni, bonisa ngokucacile ukuhlobana kwawo namaphuzu asemqoka awasekelayo. Ungashiyeli ezilalelini ukuba zizibonele. Ukuhlobana ungakuveza ngokuphindaphinda amagama ayisihluthulelo aveza amaphuzu asemqoka noma ngokuphindaphinda umqondo wephuzu elisemqoka.

Ezinye izikhulumi ziqokomisa amaphuzu asemqoka ngokuwalandelanisa ngezinombolo. Nakuba leyo kungenye yezindlela zokuqokomisa amaphuzu asemqoka, akufanele kuthathe indawo yokukhetha ngokucophelela indaba ngokwayo nokuyikhanyisa kahle.

Ungase ukhethe ukumane usho iphuzu elisemqoka zisuka nje, ngaphambi kokuveza amaphuzu asekelayo. Lokhu kuyosiza izilaleli ukuba zibone ukubaluleka kwalokho okuzolandela, futhi kuyogcizelela lelo phuzu elisemqoka. Ungase uligcizelele lelo phuzu ngokulibukeza ngemva kokuba usulikhanyise ngokugcwele.

Enkonzweni Yasensimini. Izimiso okuxoxwe ngazo ngenhla azisebenzi nje kuphela ezinkulumweni ezinikezwa endaweni yesikhulumi kodwa nasezingxoxweni enkonzweni yasensimini. Lapho ulungiselela, cabanga nganoma isiphi isimo esingundab’ uzekwayo esisezingqondweni zabantu bendawo. Khetha isihloko esivula ithuba lokubonisa indlela ithemba elinikezwa yiBhayibheli eliyoxazulula ngayo leso simo. Khetha mhlawumbe amaphuzu amabili asemqoka ongathuthukisa ngawo leso sihloko. Nquma ukuthi lawo maphuzu uzowasekela ngamiphi imibhalo. Yibe usuhlela ukuthi uzoyiqala kanjani ingxoxo yakho. Ukulungiselela okunjalo kwenza ingxoxo ikwazi ukuvumelana nezimo. Kubuye kukusize ukuba usho into abaninikhaya abayoyikhumbula.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Ngaphambi kokukhetha amaphuzu asemqoka, cabanga ngalokho izilaleli zakho ezikwaziyo ngendaba futhi unqume ukuthi umgomo wakho uyoba yini. Hlela indaba yakho unalawo maphuzu engqondweni.

  • Bonisa ngokucacile ukuthi amaphuzu asekelayo, imibhalo, nokunye ukwaziswa, kuhlobana kanjani nephuzu elisemqoka elisekelwa yilokhu.

  • Donsela ukunakekela ephuzwini elisemqoka ngalinye. Lokhu ungakwenza ngokuwabala ngokulandelana, ngokusho iphuzu elisemqoka ngalinye ngaphambi kokuveza indaba esekelayo, noma ngokuphinde usho iphuzu ngemva kokulikhanyisa.

ISIVIVINYO: Bukeza isihloko seSifundo Se-Nqabayokulinda saleli sonto. Usebenzisa izihlokwana ezibhalwe ngokugqamile nemibuzo esebhokisini lokubukeza, zama ukukhetha amaphuzu asemqoka. Kungakusiza ukukwenza lokhu masonto onke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela