ISIFUNDO 51
Iphele Ngesikhathi, Ihlukaniswe Ngokufanele
NAKUBA kufanele kugcizelelwe kakhulu ukuthi indlela yakho yokufundisa kumelwe ibe seqophelweni eliphezulu, kufanele usinake nesikhathi sezinkulumo zakho. Kuhlelwe ukuba imihlangano yethu iqale futhi iphele ngesikhathi esithile. Ukuze kube njalo kudingeka bonke abanezinkulumo esimisweni babambisane.
Ngezikhathi zeBhayibheli, umbono wabantu ngokuphila wawungafani nowabantu ezindaweni eziningi namuhla. Isikhathi sasibizwa ngamagama anjengokuthi “cishe ngehora lesithathu” noma “cishe ngehora leshumi.” (Math. 20:3-6; Joh. 1:39) Kwakuqabukela kunesizathu sokukhathazeka ngokuthi imisebenzi yansuku zonke yenziwa ngesikhathi esithile esiqondile. Kwezinye izindawo namuhla isikhathi sisabhekwa ngendlela efanayo.
Ngisho noma isiko lendawo lingenza abantu bangasinaki kangako isikhathi, kungasisiza ukufunda ukusinaka. Uma kunabantu abaningana abanezinkulumo esimisweni, kudingeka kucatshangelwe isikhathi esabelwe inkulumo ngayinye. Isimiso esithi “zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo” singasebenza nasekugcineni isikhathi sezabelo zomhlangano.—1 Kor. 14:40.
Ukugcina Isikhathi. Ukulungiselela kubalulekile. Ngokuvamile, izikhulumi ezihlulekayo ukugcina isikhathi zisuke zingalungiselelanga kahle. Kungenzeka ukuthi zizethemba ngokweqile. Noma kungenzeka ukuthi ziyakuhlehlisa ukulungiselela kuze kube umzuzu wokugcina. Ukugcina isikhathi kahle kuqala ngokwazisa isabelo sakho nokuzimisela ukusilungiselela kahle.
Ingabe wabelwe ukuba ufunde? Okokuqala, bukeza iZifundo 4 kuya ku-7, eziphathelene nokukhuluma ngokuqephuza, ukuhlaba ikhefu, ukugcizelela, nokugcizelela imiqondo eyinhloko. Yibe ususisebenzisa leso seluleko lapho ufunda ngokuzwakalayo indaba oyabelwe. Kala isikhathi osithathayo. Ingabe kudingeka ufunde usheshe ukuze uqede ngesikhathi osabelwe? Shesha ezindaweni ezingabalulekile kakhulu, kodwa uqhubeke uhlaba ikhefu, wehlisa nejubane ukuze ugcizelele amaphuzu abalulekile. Prakthiza kaningi. Njengoba uthuthuka ekufundeni ngokuqephuza, kuyoba lula ukugcina isikhathi.
Ingabe uzobe usebenzisa uhlaka? Akudingeki ubhale amaphuzu anemidanti eminingi—kuze kube inkulumo efundwayo—ukuze uqiniseke ukuthi uyasigcina isikhathi. Ngesikhathi usebenzela eSifundweni 25, wafunda indlela engcono. Khumbula la maphuzu amahlanu: (1) Lungiselela indaba ekahle nje, hhayi eningi kakhulu. (2) Mayicace kahle engqondweni imiqondo eyinhloko, kodwa ungayibambi ngekhanda yonke imisho. (3) Ohlakeni lwakho bhala ukuthi singakanani isikhathi ohlela ukusisebenzisa engxenyeni ngayinye yenkulumo yakho noma ukuthi singakanani isikhathi okufanele ngabe ususisebenzisile uma usufika emaphuzwini athile. (4) Lapho ulungiselela, cabangela ukuthi yiziphi izinto ongaziyeka uma uzithola ushiywa isikhathi. (5) Prakthiza inkulumo yakho.
Ukuprakthiza kubalulekile. Njengoba uprakthiza, bheka ukuthi ingxenye ngayinye yenkulumo yakho ithatha isikhathi esingakanani. Yiprakthize kaningi inkulumo yakho kuze kube yilapho ingena khaxa esikhathini esabiwe. Ungazami ukufaka ukwaziswa okuningi kakhulu. Zishiyele isikhathi esithile ngoba ukunikeza inkulumo phambi kwezilaleli kungase kuthathe isikhathi esithé xaxa kunalapho uziprakthizela wedwa.
Ukuhlukanisa Izingxenye. Ukugcina isikhathi kahle kuhlobene nokuhlukanisa izingxenye zenkulumo yakho ngendlela efanele. Isikhathi esiningi kufanele sisetshenziswe emzimbeni wenkulumo. Alapho amaphuzu asemqoka enkulumo. Isethulo kufanele sibe side ngokwanele ukuba sifeze imigomo emithathu eyashiwo eSifundweni 38. Umzimba wenkulumo akufanele ube mude kuze kudleke isikhathi sesiphetho esihle, ngokuvumelana neSifundo 39.
Umphumela wokuzama kwakho ukugcina isikhathi uyoba inkulumo engcono futhi kuyobonisa ukuthi uyabahlonipha abanye abanezinkulumo esimisweni kanye nalo lonke ibandla.