Isifundo 9
Ukuhlela Uhlaka Lwenkulumo
1-4. Singanqunywa kanjani isihloko namaphuzu amakhulu enkulumo na?
1 Kumhlobo wakhe uTheyofilu umlobi weVangeli uLuka wathi: “Kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana.” (Luka 1:3) Njalo, esecwaningile, eseluqoqile uhlelo lwamaqiniso amaqondana nendaba yakhe, waqala ukuwahlanganisa ngesu ngokulandelana okuzwakalayo. Kusizakala thina ekulandeleni yona lenjwayelo efanayo ekulungiseleleni izinkulumo zethu. Lokhu kusho ukuhlela uhlaka lwenkulumo.
2 Ukukhetha imicabango emikhulu. Njengoba ukukhuluma, ikakhulu ukuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu, kungenjongo yokuyinikeza imiqondo engqondweni yomunye, imicabango esilindele ukuyinikeza enkulumweni ifanele iqondakale ngokukhanya kakhulu ezingqondweni zethu kuqala. Ngemuva kokuhlanganisa indaba yakho usuyakwazi ukunquma ngokuyikho du lokho ofuna izilaleli zakho zihambe nakho lapho usuqedile. Zama ukukufaka lokhu emshweni owodwa. Uma lokhu kuqukethe indikimba yenkulumo yakho, uma kuhlanganisa owodwa umqondo omkhulu ofuna izilaleli zakho ziwukhumbule, lokhu kufanele kusebenze njengesihloko senkulumo yakho. Uyokufumana kunosizo ukukuloba ukuze ukwazi ukubhekisela kukho phakathi nokulungiselela kwakho.
3 Manje endabeni osuyihlanganisile khetha imiqondo eyinhloko edingekile ukwedlulisela lesisihloko esisodwa esikhulu. Lena ifanele isebenze njengamaphuzu amakhulu enkulumo. Uma indaba yakho uyilungiselele emakhadini, ungawabeka lawa ngokulandelana phezu kwetafula phambi kwakho. Manje khetha eminye imiqondo edingekayo ukusekela lamaphuzu amakhulu, ufake omunye nomunye endaweni yawo efanele ulandela iphuzu elikhulu olisekelayo. Ekukhetheni nasekufakeni endaweni yawo amaphuzu amakhulu ahlukahlukene namaphuzwana ahlanganisiwe ohlakeni lwenkulumo, kungahle kubonwe ukuthi amanye alawa awengezi ngempela ekuchazeni kwesihloko sakho. Uma lokho kunjalo, ungangabazi ukuwashiya. Kungcono ukwenza lokhu kunokufuhluza inkulumo ngendaba engalandelani noma engavumelani. Qiniseka nangokuthi imicabango ilungiselelwe ngokulandelana okuhleleke kakhulu noma okwenzekayo. Ekulandeleni indlela esikiselwe lapha, izici zokuhlangana ngokulandelana zibonakala kalula ohlakeni lwenkulumo futhi zingalungiswa. Kanjalo ungenza ukuthi esinye nesinye isihloko esikhulu sohlaka lwenkulumo silandele ngokuhlelekile esingaphambi kwaso futhi sinikele ekuthuthukisweni kwesihloko. Nawo onke amaphuzu angaphansi kwalezozihloko ezinkulu enikeza ukusekela okufanele, inkulumo ayikwazi ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi inikeze ukugeleza okuhlelekile komcabango.
4 Amaphuzu omyalo osand’ukuwahlanganisa ngesu afanele ahlanganise indikimba yenkulumo yakho. Manje uyodinga isingeniso nesiphetho. Nquma indlela ofuna ukuqalisa ngayo ingxoxo yakho futhi, ngesisekelo sokunikela okulungiselele, khetha isiphetho esiyoshukumisa izilaleli zakho ngokuvumelana nenjongo yenkulumo yakho. Manje usulungele ukufaka lendaba esimweni sokugcina esinengqondo ephepheni. Lokhu kungenziwa ngezindlela ezahlukahlukene.
5, 6. Kushiwoni ngohlaka lwenkulumo lwezihloko na? nohlaka lwenkulumo lwemisho na?
5 Izinhlobo zezinhlaka zezinkulumo. Izinhlobo ezimbili ezivamile zezinhlaka zezinkulumo ngolwesihloko nolwemisho. Kaningi kusetshenziswa ukuhlanganiswa kwazo zombili. Ukulungiselela uhlaka lwenkulumo lwezihloko, loba nje isihloko phezulu ekhasini. Bese uloba amaphuzu amakhulu kafushane ngaphansi kwesihloko, elinye nelinye iphuzu elikhulu liqalise osebeni lwephepha lwesokhohlo. Amaphuzwana elinye nelinye iphuzu elikhulu angahlehliselwa phakathi, okungukuthi, alotshelwe kancane ukuyela ngakwesokudla sosebe lwephepha, ngaphansi kwephuzu alisekelayo. Uma noma yiliphi lalamaphuzwana linamaphuzu angeziwe okulisekela, lingahlehliselwa phakathi futhi. Ungabona manje ngokuthi shazi ephepheni lakho ukuthi yimaphi amaphuzu aqhamile aqukethe imiqondo emikhulu ofuna ukuthi izilaleli zakho ziwaqonde. Lokhu kuyasiza ekunikezeni inkulumo ngokuba ungawagcizelela lawa, uphinda amazwi ayisihluthulelo komunye nomunye umcabango omkhulu njengoba ukhuluma ukuze agcizelelwe futhi angene ngokuhlala njalo ngaphezulu. Yenza njalo ngelinye nelinye iphuzu elikhulu njengoba uxoxa ngalo. Ukugcizelela kuloluhlobo lohlaka lwenkulumo kusebufushaneni benkulumo yanoma yiliphi iphuzu elishiwo.
6 Esinye isimo esivamile luhlaka lwenkulumo lwemisho. Kuloluhlobo lohlaka lwenkulumo, yonke imicabango yakho eyahlukile ngokuvamile ishiwo njengemisho epheleleyo kepha ethothanisiwe ukuze omunye nomunye umusho wenze umqondo omkhulu wesigaba senkulumo. Eminye yalemisho, phela, ingahle ihlehliselwe phakathi ngaphansi kweminye ukwenza amaphuzu amakhulu enkulumo aqhame. Ekunikezeni ngezinye izikhathi umusho ufundwa yisikhulumi bese uchazwa ngokungahloswanga. Zozimbili izinhlobo zezinhlaka zenkulumo zinosizo lwazo. Uhlaka lwenkulumo lwemisho, ngokuveza kwayo imiqondo ephelele, ngokuvamile inhle kakhulu ezinkulumweni ezihlelwe amaviki ngaphambili noma ezinikezwa kaningi, kepha ngezikhawu zezinyanga eziningana, njengasezinkulumweni zasobala.
7, 8. Ngokunikela kwempela kwenkulumo yakho, yini obungahle uyenze ngohlaka lwakho lwenkulumo na?
7 Ungahle usebenzise olunye lwalezizinhlobo ezimbili zezinhlaka zezinkulumo, olwemisho noma lwezihloko, ngohlaka lwakho lwenkulumo lokwandulelisa, futhi lungaba-ngoluphelele njengoba ufisa. Ngalendlela uyoqiniseka ukuhlanganisa onke amaphuzwana amancane obungathanda ukuthi izilaleli zakho ziwamukele. Nokho, ngokunikela inkulumo abanye bakhetha uhlaka lwenkulumo olufushane kakhulu. Njengoba ulungiselela inkulumo yakho ukuba inikelwe ubungahle ubeke zozimbili izinhlaka zezinkulumo phambi kwakho. Zijwayeze ngohlobo lohlaka oluthothanisiwe kuze kuthi onke amaphuzu owahlanganisile kulo akukhumbuze onke amaphuzu aningilizwe kakhulu onawo ohlakeni lwakho lwenkulumo yokwandulelisa. Lapho usukwazi ukukhumbula lamaphuzu ohlaka lwenkulumo ethothanisiwe, usulungele ukunikeza inkulumo.
8 Lezi, ngokufushane, yizinto ezisemqoka zokuhlela uhlaka lwenkulumo. Manje bekuyosisiza ukucabangela ngokuningilizwe ngaphezulu izigaba ezintathu ezinkulu zenkulumo.
9-12. (a) Iyini injongo yesethulo senkulumo na? (b) Nikela isibonelo solulodwa uhlobo lwesethulo.
9 Isethulo. Injongo yamazwana esethulo ifanele kube-wukuvusa isithakazelo sezilaleli zakho. Leyomisho yokuqala ifanele ivuse isithakazelo sazo endabeni yakho futhi izisize ukubona ukuthi kungani ibalulekile kuzo. Umusho wokuqala ikakhulu ufanele ukucabangisisa. Kubalulekile ukuthi wenze ukuhlangana okujabulisayo nezilaleli futhi ungabi-ngowemfundiso engaphikiswayo noma ophambene.
10 Kukhona izinhlobo eziningi zezingeniso. Umfanekiso ubungahle usetshenziswe, noma ukubhekisela bekungahle kwenziwe kokuthile okucashuniwe okujwayelekile kulabo abalalele. Ubungahle wethule inkinga edinga ukuxazululwa. Isizinda somlando sendaba besingahle senze isethulo sona luqobo. Imibuzo elandelanayo ibingahle iphakanyiswe. Ubungahle usho ngisho kafushane amaphuzu amakhulu oyowahlanganisa.
11 Kubalulekile ukuthi isethulo siyifanele kahle inkulumo. Kanjalo umfanekiso okhangayo ungaphumelela kakhulu, ikakhulu uma isikhulumi sidonselana kuwo kuyo yonke inkulumo yaso. Lokhu akunakusiza kuphela ekwenzeni inkulumo ithakazelise ngaphezulu futhi ibelula kakhulu ukuzwisiswa nokukhunjulwa, kepha kuyosiza nasekuhlanganeni, uma umfanekiso ukhethwe kahle.
12 Ukunikelwa kwesethulo kuyohlangana kakhulu nezinga lesithakazelo izilaleli eziyolibonisa. Isikhulumi simelwe siqalise inkulumo yaso ngezwi eliqinile, lesibindi, futhi kungabi-bikho kungingiza noma amanqikinqiki enkulumo. Ngalesisizathu ezinye izikhulumi zikufumana kunosizo ngempela ukuloba umusho wokuqala noma emibili wenkulumo yazo, ukuqinisekisa isiqalo esibushelezi.
13-16. (a) Chaza indlela indikimba yenkulumo ebingahle ithuthukiswe ngayo. (b) Ukubalelwa kwenkulumo isikhathi kufanele kukuthonye kanjani ukulungiselelwa kwendikimba na?
13 Indikimba yenkulumo. Kukhona izindlela eziningi indikimba yenkulumo yakho engathuthukiswa ngazo. Ungahle uthande ukunikela amaphuzu abaluleke kancane kuqala bese uthuthukela kumvuthondaba kancane kancane, namaphuzu anamandla kakhulu ashiwo ekugcineni. Indaba ingahle futhi inikelwe ngokulandelana ngokwelamana, njengasenkulumweni elotshwe kuzEnzo 7:2-53. Ukwahlukanisa inkulumo yakho ibeyizingxenye ezinkulu ngesisekelo sezindlela ezinkulu zokuthuthuka kwesihloko esihlanganisa konke ngenye indlela enhle. Ngokwesibonelo, uma isihloko besithi “Ukuhlengwa Ekufeni,” ubungahle usithuthukise ngaphansi kwamaphuzu amakhulu anjengalawa, “Indlela Ukufa Okwavela Ngayo,” “Isintu Asikwazi Ukuveza Isihlengo,” “Ngubani Kuphela Owayengasiveza, futhi Kungani Na,” naleli “Izibusiso Ezivela Esihlengweni Zilungiselelwe.”
14 Ngezinye izikhathi ungahle ufumane ukuthi inkulumo yakho ingahlukaniselwa ezinhlelweni zemvelo, njengalapho uPawulu enikela imiyalo kulo lonke ibandla kuqala, bese kuba-kubafazi, ngemuva kwalokho emadodeni bese kuba-sebantwaneni. (Bona Kwabase-Efesu, izahluko 5 nese-6.) Noma ungahle ufumane ukuthi indaba yakho ifanelene nokuthuthukiswa ngokwesisusa nempumelelo, noma kulokho okusho inkinga bese kuphakamisa ukuxazulula. Ngezikhathi, ezimbili noma ngaphezulu zalezizindlela zingahlanganiswa ngokuphumelelayo.
15 Ukulandisa okuqondile kwezenzakalo, ngaphandle kokwethula ngokudingekile ukulandelana ngokwelamana, yindlela evame kakhulu yokuthuthukiswa kwenkulumo. Indaba echazayo yengeza kaningi okuningi enkulumweni. Futhi ezinye izinkulumo zingenzelwa izinhlaka zezinkulumo ngokuthakazelisayo ngesisekelo sempikiswano izizathu eziyisekelayo neziyiphikisayo maqondana nethile impikiswano engathulile yangalesosikhathi.
16 Ngokucabangela ingxenye ebalulekile yesikhathi, musa ukugcwalisa uhlaka lwakho lwenkulumo ngokweqile ngendaba. Indaba enhle ilahlekelwa wusizo uma kuvunyelwe isikhathi esinganele sokuyithuthukisa. Ngaphandle kwalokho, umuntu akadingi ukukhuluma konke akwaziyo ngendaba ngesikhathi esisodwa. Mhlawumbe eminye imibono yayo yona lendaba ingathuthukiswa ngesinye isikhathi. Yabela isikhathi esifanele kwelinye nelinye iphuzu elikhulu enkulumweni yakho bese uhlela ngokoqobo indaba elingana lesosikhathi. Lokho okubalulekile akubona ubuningi bendaba kepha imfanelo yayo.
17-20. Kungani iziphetho zibalulekile, futhi zingathuthukiswa ngaziphi izindlela na?
17 Isiphetho. Ingxenye ephethayo yanoma iyiphi inkulumo ifanele ukunakekelwa okukhudlwana ngendlela yokulungiselela. Ihloselwe ukuhlanganisa onke amaphuzu endaba endikimbeni yenkulumo nokuwaqondisa ngendlela yokukholisa izilaleli nokuzishukumisela esenzweni ngokuvumelana nokunjalo ukukholiseka. Ngaso lesosikhathi ifanele ibe-mfushane futhi ishaye kakhulu emhloleni.
18 Kukhona izimo eziningana ongakhetha kuzo ngokwesihloko osithuthukisile. Ungahle ubuyekeze amaphuzu amakhulu enkulumo ngokulandelana okuqondile, okuholela ngokusobala esiphethweni esimelwe silandele. Noma ungahle usebenzise isiphetho sokuqondana, ubonisa isilaleli indlela indaba esebenza ngayo kuso, nalokho esingakwenza ngenxa yendaba enikelwe. Ngezinye izinkulumo, nakakhulu ngezintshumayelo ezinikelwe enkonzweni yendlu ngendlu, kuhle ukuba-nesiphetho esishukumisayo. Singakhuthaza umninindlu, ngokwesibonelo, ukwamukela izincwadi noma ukuvumela amalungiselelo esifundo seBhayibheli ekhaya lakhe.
19 Isiphetho naso singahle sibe-yileso somvuthondaba, esithuthukela ephuzwini eliyisihluthulelo elimelwe lishiywe engqondweni yesilaleli. Ukuze kuphethwe inkulumo ngokuphumelelayo, kufanele nokuhlanganisa esiphethweni okuthile okushiwo esethulweni. Umuntu abengahle abhekisele emuva emfanekisweni othile wokuqalisa noma okucashuniwe. Ukuphuthuma kokufinyelela nokulandela isinqumo esithile kaningi kuqhanyiswa esiphethweni. Isibonelo esikhulu ngamazwi kaJoshuwa aphetha inkulumo yakhe yokuvalelisa masinyane ngaphambi kokufa kwakhe.—Josh. 24:14, 15.
20 Kungahle kubonwe-ke, ukuthi inkulumo eyenzelwe uhlaka oluhle lwenkulumo imelwe ilungiselele isethulo esivusa ukunakekela. Ifanele ihlanganise nokuthuthuka okuhlelekile kwamaphuzu ayisihluthulelo akhethwe kahle asekela isihloko. Futhi ifanele ibe-nesiphetho esishukumisa izilaleli ukwenza okuvumelana neseluleko soMbhalo esinikelwe. Zonke lezizingxenye ezibalulekile zimelwe zilungiselelwe lapho kuhlelwa uhlaka lwenkulumo. Okunekhono ukuhlelwa kohlaka lwakho lwenkulumo kungakongela isikhathi, futhi kunikela kakhulu ngasenkulumweni ezwakalayo naleyo engenisa ngokuhlala njalo umyalo onosizo ezingqondweni zalabo abayizwayo.