Amazwe AseBhayibhelini
LAPHO u-Israyeli elungela ukungena eZweni Lesithembiso, uMose watshela uNkulunkulu isifiso sakhe esijulile: “Ngicela ungivumele ngiwele ngibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, lesi sifunda esihle sezintaba.”—Dut 3:25.
Asamukelwanga isicelo sikaMose, kodwa wayikhuphuka intaba eqondene neJeriko futhi walibona izwe elihle—‘lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani nalo lonke izwe likaJuda kuze kufike olwandle olusentshonalanga, neNegebhi nesigodi saseJordani.’ (Dut 3:27; 34:1-4) Wake wawezwa lawo magama? Uyazazi ukuthi zikuphi lezo zindawo?
Bambalwa abantu bakaJehova namuhla abangavakashela izindawo eziningi abafunda ngazo eBhayibhelini. Abakwazi ukwenza into uNkulunkulu ayethé u-Abrahama ayenze, ukulihamba lonke iZwe Lesithembiso. (Gen 13:14-17) Noma kunjalo, amaKristu eqiniso ayafisa impela ukwazi ngezindawo eziseBhayibhelini nokubona ukuthi zihlobana kanjani.
Le ncwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle’ iyithuluzi ongalisebenzisela ukuyiqonda nakangcono imiBhalo. Inezithombe zezindawo ezikhona ngempela, njengeGileyadi eboniswe esembozweni. Amabalazwe wona awusizo nakakhulu ngoba angalujulisa ulwazi lwakho lwezindawo eziseBhayibhelini.
Ibalazwe elisekhasini 2 no-3 ligxile ikakhulu emazweni noma ezifundeni eziyinhloko. Ngokwesibonelo, uma wazi ukuthi i-Asiriya neGibhithe lalikuphi neZwe Lesithembiso, uyoziqonda kangcono iziprofetho ezikhuluma ngalezo zindawo. (Isaya 7:18; 27:13; Hos 11:11; Mika 7:12) Esiqeshaneni somhlaba esibizwa ngokuthi iZwe Lesithembiso yilapho kwakuphambana khona izindlela, futhi ezinye izizwe zazifuna ukuthatha amasimu akhona okusanhlamvu, izivini nezixhobo zeminqumo.—Dut 8:8; AbA 15:5.
Kungenzeka uthande nokuqhathanisa amabalazwe. Ngokwesibonelo, uJona wathunywa enhloko-dolobha yase-Asiriya, kodwa yena walibangisa eTharishishi ngomkhumbi. (Jona 1:1-3) Uyazibona lezi zindawo ebalazweni lokuqala? Kodwa iTharishishi akufanele ididaniswe neTarsu, indawo okwazalelwa kuyo uPawulu. ITarsu neminye imizi emikhulu uzoyithola kuleli balazwe elilapha.
Cabanga ngobude bohambo luka-Abrahama nendlela ahamba ngayo lapho ucinga i-Uri, iHarana neJerusalema. Ngemva kokuba uJehova emkhiphile e-Uri, wahlala eHarana wabe esedlulela eZweni Lesithembiso. (Gen 11:28–12:1; IzE 7:2-5) Ulubona kahle uhambo luka-Abrahama lapho ufunda isihloko esithi “Izwe Lezinzalamizi,” emakhasini 6-7.
Ibalazwe lokuqala naleli elilapha awaphathelene nezenzakalo zesikhathi esithile. Ngemva kwalawo mabalazwe amabili, amanye abe esebekwa ngokulandelana kwezenzakalo. Imizi ethile noma imininingwane esebalazweni ihlobene nezenzakalo zenkathi ethile. Yize iZikhombo (emakhasini 34-5) zingenazo zonke izindawo ezisemabalazweni, zingakusiza ubone ukuthi yimaphi amabalazwe ahlobene nephuzu ocwaninga ngalo.
Ibalazwe eliphakathi nendawo kule ncwajana (emakhasini 18-19) linemizi nemizana eminingi eseZweni Lesithembiso. LineZimpawu Zamabalazwe ezizokusiza ubone imizi yamaLevi nemizi eyisithupha yesiphephelo, zikusize futhi wazi ukuthi indawo ethile kukhulunywa ngayo emiBhalweni yesiHebheru, yesiGreki, noma kuyo yomibili.
Ezinye izindawo eziseBhayibhelini, okwamanje akwaziwa ukuthi zikuphi, ngakho eziningi zazo azikho kuleli balazwe eliphakathi nendawo. Kanti-ke yayingenakufakwa yonke imizi nemizana, njengayo yonke imizana esohlwini lwemingcele yezizwe. (Josh, izahl. 15-19) Noma kunjalo, ikhona imizi eyayiseduze kwaleyo, ngaleyo ndlela ungase ukwazi ukuhlawumbisela ukuthi izindawo ezithile zazikuphi. Kuphawulwe nezinye izinto zemvelo (izintaba, imifula, nezigodi zezifufula), kanti ukuphakama nokwewuka kwendawo kuphawulwe ngemibala egqamile. Imininingwane enjalo ingakusiza ube nombono wezici ezithile ezilandiswe eBhayibhelini.
I-encyclopedia ethi Insight on the Scriptures, etholakala ngezilimi eziningi inokwaziswa okwengeziwe ngezindawo eziseBhayibhelini.a Lapho uyisebenzisa, kanye nezinye izincwadi zokutadisha iBhayibheli, thatha nale ncwajana ethi ‘Bona Izwe Elihle.’ Yisebenzise lapho utadisha imiBhalo, leyo enenzuzo enkulu kangaka ekuphileni kwakho.—2Thim 3:16, 17.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Ibhokisi ekhasini 5]
IZINCWADI ZEBHAYIBHELI ZALOTSHELWA
EBhabhiloni
EKhesariya
EKorinte
EGibhithe
E-Efesu
EJerusalema
EMakedoniya
KwaMowabi
EPhatmose
EZweni Lesithembiso
ERoma
EShushani
[Ibalazwe elisekhasini 4, 5]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amazwe AseBhayibhelini Nemizi Eyinhloko
A1 I-ITALIYA
A2 IROMA
A3 ISISILI
A3 IMELITHA
C2 IMAKEDONIYA
C2 IFilipi
C2 IGRISI
C3 I-ATHENE
C3 IKorinte
C3 IKRETHE
C4 ILIBHIYA
D3 I-Antiyokiya (yasePhisidiya)
D3 I-Efesu
D3 IPHATMOSE
D3 IRODU
D4 IMEMFISI
D5 IGIBHITHE
E2 I-ASIA MINOR
E3 ITarsu
E3 I-Antiyokiya (yaseSiriya)
E3 IKHUPRO
E4 ISidoni
E4 IDamaseku
E4 IThire
E4 IKhesariya
E4 IZWE LESITHEMBISO
E4 IJERUSALEMA
E4 KWAMOWABI
E4 IKadeshi
E4 KWA-EDOMI
F3 INsimu Yase-Edene?
F3 I-ASIRIYA
F3 IHarana
F3 ISIRIYA
F5 I-ARABHIYA
G3 ININEVE
G4 IBHABHILONI
G4 IKHALIDEYA
G4 IShushani
G4 I-Uri
H3 IMEDIYA
[Izintaba]
E5 INt. ISinayi
G2 IZINT. ZASE-ARARATI
[Amachibi amanzi]
C3 ULwandle LwaseMedithera (ULwandle Olukhulu)
E1 ULwandle Olumnyama
E5 ULwandle Olubomvu
H2 ICaspian Sea
H5 IPersian Gulf
[Imifula]
D5 UMfula INayile
F3 UMfula I-Ewufrathe
G3 UMfula ITigrisi