Ingxenye 6
Abazali Bakho
Abazali banokuhlangenwe nakho. Kakade sebedlulile ezinguqukweni ezingokomzimba nezingokomzwelo eziyingxenye yokukhula. Kulindeleke ukuba kube yibona abasesimweni esikahle kakhulu sokukuqondisa kule nkathi yokukhula. Nokho, ngezinye izikhathi abazali bangase babonakale beyingxenye yenkinga—kunokuba isixazululo. Ngokwesibonelo, ungase ubhekane nenye yalezi zinselele ezilandelayo:
□ Abazali bami bahlale bengigxeka.
□ Ubaba noma umama ungumlutha wezidakamizwa noma wotshwala.
□ Abazali bami bahlale bexabana njalo.
□ Abazali bami bahlala ngokwehlukana.
Izahluko 21-25 zizokusiza ukuba ukwazi ukubhekana nalezi zinkinga kanye nezinye.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 172, 173]