Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 4 k. 28-k. 33 isig. 2
  • Kungani Ubaba Nomama Behlukene?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ubaba Nomama Behlukene?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Abazali Bahlukane
  • Ongakwenza
  • Okungamelwe Ukwenze
  • Ongakulindela Esikhathini Esizayo
  • Kungani Umama Nobaba Bahlukana
    I-Phaphama!—1988
  • Ngingalulama Kanjani Osizini Lokuhlukana Kwabazali Bami?
    I-Phaphama!—1988
  • Kuthiwani Uma Abazali Bami Bedivosa?
    Intsha Iyabuza
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 4 k. 28-k. 33 isig. 2

Isahluko 4

Kungani Ubaba Nomama Behlukene?

“Nganginomama ekhaya mhla ubaba esishiya. Ngangineminyaka eyisithupha, ngakho ngangingazi ukuthi kwenzekani. Ngangihlezi phansi ngibukele i-TV, ngezwa umama ekhala encenga ubaba ukuba angahambi. Waphuma ekamelweni ephethe ipotimende, waguqa, wangiqabula, wayesethi, ‘Ubaba uyohlale ekuthanda.’ Wayesehamba. Kwaphela isikhathi ngingamboni ubaba ngemva kwalokho. Kusukela ngaleso sikhathi bengilokhu ngesaba ukuthi nomama uzongishiya.”—U-Elaine oneminyaka engu-19.

UMA abazali bakho behlukana, kungaba sengathi ufelwe yizwe, kube sengathi ngeke kuphinde kukulungele. Ngokuvamile kukwenza uzizwe unamahloni, uthukuthele, ukhathazekile, wesaba ukuthi uzoshiywa, unecala, ucindezelekile futhi ulahlekelwe kakhulu—uzizwe ufisa nokuphindisela imbala.

Uma abazali bakho besanda kuhlukana, kungenzeka ukuthi uzizwa ngendlela efanayo, futhi kube kufanele ngoba uMdali wayehlose ukuba izingane zikhuliswe ubaba nomama. (Efesu 6:1-3) Manje awusamboni njalo umzali wakho okungenzeka ubumthanda kakhulu. “Ngangimhlonipha ngempela ubaba futhi ngifuna ukuhlala naye,” kusho uDaniel obazali bakhe bahlukana eneminyaka engu-7. “Kodwa sakhuliswa umama.”

Okwenza Abazali Bahlukane

Ngokuvamile, ukuhlukana kwabazali kuyazimangaza izingane ngoba basuke bezifihlile izinkinga zabo. URachel owayeneminyaka engu-15 lapho abazali bakhe behlukana uthi: “Ngashaqeka. Ngangicabanga ukuthi bayathandana.” Ngisho noma abazali bexabana, kungaba buhlungu uma sebehlukana!

Ezimweni eziningi bahlukana ngoba omunye wabo eziphathe kabi ngokobulili. Ngaphansi kwalezo zimo, uNkulunkulu uyamvumela umzali ongenacala ukuba athole isehlukaniso futhi akhululeke ukuba aphinde ashade. (Mathewu 19:9) Kwezinye izimo, ‘ulaka nokuklabalasa nokuhlambalaza’ kusuke sekuholele ebudloveni, kwenza omunye umzali wesabela ukulondeka kwakhe nezingane.—Efesu 4:31.

Kuyavunywa, abanye abantu abashadile bahlukana ngezizathu ezingathí shu. Kunokuba baxazulule izinkinga zabo, abanye bazicabangela bona bodwa, bathi “abajabulile” noma “abasathandani.” Akumthokozisi uNkulunkulu lokhu ngoba “uyakuzonda ukuhlukanisa umshado” ngalezo zizathu. (Malaki 2:16) UJesu wasikisela ukuthi eminye imikhaya ingase iphazamiseke lapho indoda noma umkayo eba umKristu.—Mathewu 10:34-36.

Kungakhathaliseki ukuthi bahlukene ngasizathu sini, ukuthi abazali bakho bakhethe ukungakutsheli lutho noma ukukunikeza izimpendulo ezingacacile zemibuzo yakho mayelana nokwahlukana kwabo akusho ukuthi abakuthandi. Njengoba kwabona bezwa ubuhlungu, kungenzeka ukuthi bakuthola kunzima ukuxoxa ngokwahlukana kwabo. (IzAga 24:10) Bangase babe namahloni okuvuma kuwe ukuthi benze amaphutha.

Ongakwenza

Thola ukuthi yini ekukhathazayo. Ngenxa yokuthi isehlukaniso singakushintsha ngokuphelele ukuphila kwakho, ungase uzithole usukhathazeka ngezinto ebezingakukhathazi. Noma kunjalo, ungakwazi ukuzilawula lezo zinto ngokuqale uthole ukuthi ziyini. Ngezansi, faka u-✔ kulokho okukukhathaza kakhulu, noma ukubhale phansi eduze kwegama elithi “Okunye.”

□ Omunye umzali wami uzongishiya naye.

□ Umkhaya wakithi uzoswela imali yokuziphilisa.

□ Isehlukaniso siyiphutha lami.

□ Uma ngishada, nowami umshado ngeke uphumelele.

□ Okunye ․․․․․

Khuluma ngezinto ezikukhathazayo. INkosi uSolomoni yathi ‘kunesikhathi sokukhuluma.’ (UmShumayeli 3:7) Ngakho zama ukuthola ukuthi yisiphi isikhathi esikahle sokuxoxa nabazali bakho ngezinto ozisho ngenhla. Batshele indlela odabuke ngayo noma odideke ngayo. Mhlawumbe bazokwazi ukukuchazela ukuthi kwenzekani, ngaleyo ndlela kunciphe ukukhathazeka. Uma abazali bakho bengazimisele noma bengakwazi ukukunikeza usizo oludingayo ngaleso sikhathi, ungakhuluma nomngane wakho ovuthiwe. Makube uwena oya kulowo mngane. Ukuba nomuntu ozokulalela kungakwethula omkhulu umthwalo.—IzAga 17:17.

Ngaphezu kwakho konke, uBaba wakho wasezulwini, ‘uMuzwi womthandazo,’ uzimisele ukukulalela. (IHubo 65:2) Mthululele isifuba sakho ‘ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.

Okungamelwe Ukwenze

Ungabambi igqubu. UDaniel, ocashunwe ngaphambili uthi, “Abazali bami babezicabangela bona bodwa. Abazange ngempela basicabangele thina nokuthi isehlukaniso sizosithinta kanjani.” Iyaqondakala indlela azizwa ngayo uDaniel futhi kungenzeka ukuthi uqinisile. Kodwa ubungayiphendula kanjani le mibuzo elandelayo? Bhala izimpendulo emgqeni ongezansi.

Iyiphi ingozi angaba kuyo uDaniel uma engafuni ukudlulisa intukuthelo nenzondo? (Funda izAga 29:22.) ․․․․․

Nakuba kungaba nzima, kungani kungaba kuhle ukuba uDaniel azame ukuthethelela abazali bakhe ngobuhlungu abamzwise bona? (Funda eyabase-Efesu 4:31, 32.) ․․․․․

Iqiniso eliyisisekelo elikweyabaseRoma 3:23 lingamsiza kanjani uDaniel ukuba abheke abazali bakhe ngendlela efanele? ․․․․․

Gwema ukwenza izinto ezizokulimaza. UDenny uyakhumbula, “Ngangidabukile futhi ngicindezelekile ngemva kokwehlukana kwabazali bami. Ngaqala ukuba nezinkinga esikoleni futhi ngomunye unyaka ngafeyila. Ngemva kwalokho . . . ngenza izinto ezingasile ekilasini futhi ngalwa nezingane eziningi.”

Ucabanga ukuthi uDenny wayezama ukufezani ngokwenza izinto ezingasile ekilasini? ․․․․․

Kungenzeka ukuthi kungani aqala ukulwa nezinye izingane? ․․․․․

Uma uke wafisa ukujezisa abazali bakho ngokuba wenze izinto ezimbi, isimiso esikweyabaseGalathiya 6:7 singakusiza kanjani ukuba uhlale ubheka izinto ngombono ofanele? ․․․․․

Ongakulindela Esikhathini Esizayo

Uma ulimele, mhlawumbe uphuke ithambo, kungathatha amasonto noma izinyanga ukuba ululame. Ngokufanayo, uma ulimele imizwelo kuthatha isikhathi ukuba ululame. Abanye ochwepheshe bathi ubuhlungu obukhulu obubangelwa isehlukaniso bungaphela phakathi neminyaka emithathu. Kungase kuzwakale kuyisikhathi eside leso, kodwa khumbula, kuningi okumelwe kwenzeke ngaphambi kokuba ukuphila kwakho kubuyele esimweni esivamile.

Okokuqala, imisebenzi evamile yasekhaya—ephazanyiswe isehlukaniso—kumelwe ihlelwe kabusha. Kuzodlula isikhathi eside futhi ngaphambi kokuba abazali bakho balulame ngokomzwelo. Kuyoze kube ngaleso sikhathi lapho beyokwazi khona ukukusekela. Nokho, njengoba ukuphila kwakho kuqala ukubuyela esimweni esivamile, uyoqala ukuzizwa usungcono.

FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 2, ISAHLUKO 25

ESAHLUKWENI ESILANDELAYO

Ingabe ukhathazekile ngoba umzali wakho uphinde washada? Ungabhekana kanjani nakho?

UMBHALO OYINHLOKO

‘Kunesikhathi sokuphulukisa.’—UmShumayeli 3:1, 3.

ICEBISO

Uma abazali bakho behlukene, oyedwa noma cishe bobabili baye benza amaphutha. Zama ukuthola ukuthi ayini lawo maphutha ukuze ungawaphindi uma ukhetha ukushada esikhathini esizayo.—IzAga 27:12.

UBUWAZI . . . ?

Uma umshado wabazali bakho ungaphumelelanga, akusho ukuthi nowakho ngeke uphumelele.

ENGIZOKWENZA!

Izinto ezingikhathazayo ngingazikhuluma no- (bhala igama lomuntu ovuthiwe ongathanda ukukhuluma naye) ․․․․․

Uma ngifisa ukuziphindiselela kubazali bami ngokuba ngenze izinto ezimbi, ngingakugwema ngokwenza lezi zinto: ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Kungani kungase kungabi lula ngabazali bakho ukuba baxoxe nawe ngokuhlukana kwabo?

● Kungani kubalulekile ukukhumbula ukuthi isehlukaniso sidalwa ukuxabana kwabazali bakho—basuke bengaxabene nawe?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 32]

“Ngemva kokuba umama esishiyile, ngangicindeze-lekile futhi ngikhala zonke izinsuku. Ngangitha-ndaza njalo, ngihlale ngimatasa ngisiza abanye futhi ngisondelene nabangane abavuthiwe. Ngica-banga ukuthi yileyo ndlela uJehova uNkulunkulu angisiza ngayo ukuba ngibe ngcono.’’—UNatalie

[Isithombe ekhasini 33]

Ukululama ngemva kokuhlukana kwabazali bakho kufana nokuphola kwengalo ephukile—kubuhlungu, kodwa uyogcina ululeme

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela