Imihlangano Yesigodi Ye“Qiniso LoMbuso”
UJEHOVA ‘uwuNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5) INdodana yakhe, uJesu Kristu yathi ngayo: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila.” (Johane 14:6) NgeZwi likaYise, yathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) Futhi ibandla lobuKristu ‘liyinsika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15)
Kodwa liyini iqiniso loMbuso? Liyisihloko okuxoxwa ngaso kulo lonke iBhayibheli kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo. UJehova uNkulunkulu wakhipha elokuqala iqiniso lombuso lapho etshela inyoka ensimini yase-Edeni: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Phakathi kwamaqiniso okugcina ombuso alotshwe eZwini likaNkulunkulu yilawo atholakala kusAmbulo 21:4: “[UNkulunkulu] azesule izinyembezi zonke emehlweni abo: ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
Yeka ilungelo okungelethu njengoFakazi BakaJehova abangamaKristu ukwazisa iqiniso lombuso kwabanye! Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba senze kanjalo! Abantu abomele iqiniso bayakhala bebubula ngenxa yamanyala abawabona enzeka. (Hezekeli 9:4) Abaningi bathi abanathemba. Ngokuhlanganyela ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu kuMathewu 24:14 singaletha induduzo nethemba kubo bonke abalangazelela ngempela iqiniso.
Ukuze singaliqonda kangcono ukuthi liyini iqiniso lombuso nokuthi iziphi izibopho ezihlobene nalo, nokuba singakwazi ukushukunyiselwa ekwenzeni konke esingakwenza ekushumayeleni iqiniso lombuso, “IQiniso LoMbuso” liye lenziwa isihloko seka-1982 imihlangano yesigodi yoFakazi BakaJehova okumelwe iqhutshwe ezweni lonke. Isimiso siyoqala ngoLwesine ntambama futhi size siphele ngeSonto ntambama. Yenza amalungiselelo okuba khona okungenani komunye wemihlangano yesigodi ye“Qiniso LoMbuso” kusukela ekuqaleni kuze kube sekuphetheni kwawo.
Izindawo Zomhlangano
Dec. 16-19: BLOEMFONTEIN; GUGULETU; RUSTENBURG; WATTVILLE.
Dec. 30-Jan. 2: MAMELODI; MDANTSANE; UMLAZI; NEWCASTLE; SESHEGO.
Dec. 30-Jan. 2: MAMELODI; MDANTSANE; UMLAZI; UMTATA.