Umhlangano Wesigodi “Wokuthula Kwaphezulu” Ka-1986
YEKA ukuthi kungokufaneleke kanjani ngesihloko somhlangano wethu wesigodi ka-1986 ukuba sibe “Ukuthula Kwaphezulu”! Yebo, uJehova uNkulunkulu wethu ungophambene kakhulu ‘nonkulunkulu walelizwe,’ “kasiye owesiyaluyalu kepha ngowokuthula.” USathane uDeveli, ongunkulunkulu wesiyaluyalu, wokulwa, nesiphithiphithi.—1 Korinte 14:33; 2 Korinte 4:4.
Ngokufaneleke ngokwengeziwe, uJehova eZwini lakhe kubhekiselwa kuye ngokuphindaphindiwe ‘njengoNkulunkulu wokuthula.’ (Filipi 4:9; 1 Thesalonika 5:23; Heberu 13:20) EZwini lakhe, kuthenjiswe ukuthula, kuyalwa ngakho, futhi kugcizelelwa kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, kuthintwe izikhathi ezingaba ngama-250. Ngempela, uJehova “unguNkulunkulu onikeza ukuthula” kubantu bakhe.—Roma 15:33, NW; 16:20.
Ngakho-ke, yeka ukuthi kungokubaluleke kangakanani ukuthi zonke izinceku zakhe, yebo, ngamunye woFakazi BakaJehova, abe ngumuntu wokuthula! Lokhu akusho nje ukuba nokuthula, kodwa ‘ukufuna ukuthula, futhi sikujonge,’ njengoba umphostoli uPetru esiyala ukuba sikwenze. (1 Petru 3:10, 11) Lokhu kusho ukuthi kumelwe sibe “abenzi bokuthula,” njengoba iKingdom Interlinear yethu ihumusha kanjalo uMathewu 5:9.
Akulula ukuba ngumenzi wokuthula, ukusebenzela ukuthula, ukuzama ukulondoloza ukuthula. Kukhona ubuthakathaka besimo somuntu sokungapheleli obuzama ukubangela ukungezwani kobuntu. Njengoba ingoma yethu yoMbuso yeculo elisha lesiNgisi (No. 213) ikubeka: “Ukungezwani ngezinye izikhathi kuyaphakama; siyazi, asiphelele.” Lengoma iyaqhubeka inikeza iseluleko: “Ukuzixazulula ngokushesha kuyinzuzo enkulu. Ubunye siyobugcina.” Kunokucindezela futhi kwezwe likaSathane, kuhlanganise nazo zonke izilingo zalo, okuphikisana nokuthola kwethu “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.” (Filipi 4:7) Futhi, yebo, kunoSathane namademoni akhe, abenza konke okusemandleni abo ukuze baphazamise ukuthula kwethu; kumelwe silwe nabo.—Efesu 6:12.
Ezikhathini zasendulo, uNkulunkulu walungiselela ukuba abantu bahlangane ndawonye ngezikhathi ezikhethekile ukuze bakhiwe ngokomoya futhi baqiniswe ekuzimiseleni kwabo ukulalela imiyalo kaJehova. Ngokufanayo namuhla, phakathi kosizo oluningi aye walulungiselela ukuba asisize sibe ngabenzi bokuthula imihlangano yethu yesigodi yaminyaka yonke. Sizwa iZwi likaNkulunkulu lichazwa kulemihlangano. Ezinsukwini ezine sifundiswa uBaba wethu wasezulwini ngezinkulumo, izingxoxo, imiboniso, namadrama. Yebo, ngisho nezingoma zethu zisikhuthaza ngokuqondile noma ngenye indlela ukuba sibe nokuthula.
Kulonyaka eMhlanganweni wethu Wesigodi “Wokuthula Kwaphezulu” siyozwa umoya wobuzalwane njengoba siyobe sibingelelana. Ngokubona indlela iminyango ehlukahlukene yomhlangano esebenza ngokubambisana ngayo, siyowuthola ngempela umoya womhlangano.
Ngakho-ke masize sisikhathalela ngobuqotho isidingo sethu esingokomoya futhi sikulungele ukuthola ngokugcwele sonke isimiso, sifike ngesikhathi ukuze sithole isimiso sokuqala ngqa ngoLwesine ntambama futhi sihlale kuze kube ingoma nomthandazo wokugcina ngci ngeSonto ntambama.
Ngaphezu kwalokho, ingabe akumelwe futhi sikulwele ukuba ngabafaneleyo? Ngaziphi izindlela? Ngokuba ngabakwazisa ngempela ukudla okungokomoya okulungiselelwe. Iningi lethu liyobe lize ngokusebenzisa isikhathi nemali eningi. Khona-ke masiqikelele ukuthi sifika ngesikhathi futhi sisesimweni esihle ngokomzimba. Lokho kusho ukuthi akumelwe seqise ekudleni nasophuzweni futhi asihlali kuze kube sebusuku kakhulu. Kunalokho, masiqiniseke ngokuthi sisebenzisa ukulinganisela futhi silala ngesikhathi ukuze sibe ngabaqabulekile futhi sibe ngabakulungele ukuthola konke ukudla okungokomoya okulungiselelwe. Lapho isimiso siqhubeka, masibe sezindaweni zethu zokuhlala silalele, singazuli, noma sihileleke engxoxweni nomngane othile othandekayo okungenzeka sekukudala samgcina. Isikhathi sokuxoxa nabangane bethu singaphambi nangemva kwesimiso. Yebo, masize sizimisele ngokugcwele ukuzokwakhiwa ngempela ngokomoya.
Ezikhathini zasendulo uNkulunkulu walungiselela ukuba abantu bakhe bahlangane ndawonye njalo ngezikhathi ezikhethekile ukuze bakhiwe ngokomoya. Futhi, ngokuqinisekile, imihlangano yethu yesigodi yaminyaka yonke iphakathi kosizo oluningi uJehova asilungiselele lona namuhla ukuba asisize sibe ngabenzi bokuthula.