Umzwilili Nemfundiso Yesihogo Somlilo
Umbhalo kaMathewu 10:29-31 kwaxoxwa ngawo ngolunye usuku ekuseni emhlanganweni wabakhonza endlunkulu yeWatchtower Society. Kulombhalo uJesu ucashunwa ethi: “Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle [kokwazi, “NW”] kukaYihlo.”
Owayengamele leyongxoxo wabuza umfundi owayefunda esikoleni sezithunywa zevangeli seWatchtower: “Umuntu angawusebenzisa kanjani lombhalo ukuze azindle nomuntu ngemfundiso yesihogo somlilo?” Wawungaphendula kanjani wena?
Ngaphandle kokunqikaza lomfundi wachaza. Lombhalo ubonisa ukukhathalela okujulile kukaBaba wasezulwini ngezidalwa zakhe, ngisho nangomzwilili omncinyane. Njengoba enguNkulunkulu wobubele obunjalo, ngokuqinisekile ubengeke avumele ukuhlushwa kwabantu kulokhu kuphila noma ekuphileni okuzayo. Ukuze asekele iphuzu lakhe, wacaphuna uHezekeli 18:23: “Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?” “Sikhulekela uNkulunkulu wothando nobubele,” enezela. “Kwangathi singenza konke esingakwenza ukuze silingise izimfanelo zakhe.”
Owayengamele wenanela ngokuthi: “Lokhu ngempela kubonisa ukuthi abafundela ukuba izithunywa zevangeli bafundiswa kahle!” Futhi bonke ababekhona bavuma ngokusuka enhliziyweni.