Isithelo Esihle Sokwethembeka
◻ ULouis wayefuna ukuthola umshuwalense wokuphila nomshuwalense wokugogeka. Kodwa wayenenkinga. Wayenesifo sikashukela. Lapho enza isicelo salomshuwalense, omunye wemibuzo okwakumelwe ayiphendule kwakuyilona: Ingabe unesifo sikashukela noma umlando wokufanayo? ULouis waphendula ngokuthi cha. Inkampane yomshuwalense yafuna ukuba enze ukuhlolwa komzimba, kodwa ngosuku lokuhlolwa komzimba, uLouis akazange adle. Ngakho-ke, lapho ehlolwa, akukho shukela omningi owatholakala egazini lakhe. Ngakho uLouis wayithola imishuwalense yakhe.
Nokho, watadisha iBhayibheli, futhi masinyane unembeza wakhe wamhlupha. Ngakho watshela ummeleli womshuwalense wakhe lokho ayekwenzile. Ummeleli wazama ukumvimba ekutsheleni inkampane, kodwa uLouis waphikelela futhi wayibhalela incwadi. Ngokujabulisayo, inkampane yenza umusa kuye. Yaqhuba umshuwalense wempilo. Nokho, yanqamula umshuwalense wokugogeka, nokho yabuyisa yonke imali ayeseyikhokhile kuwo, kuhlanganise nenzalo. Manje uLouis ukhonza uNkulunkulu ngonembeza omsulwa.
◻ Abantwana nabo bangathembeka. UEugene oneminyaka eyisikhombisa ubudala weza eMnyango Wezinto Ezilahleke Zatholakala emhlanganweni woFakazi BakaJehova futhi waletha indibilishi ayeyitholile. Isikhonzi esasiphethe kulomnyango sambuza ukuthi kungani ayeletha indibilishi. Yini umuntu angayenza ngendibilishi? “Bangathenga ushingamu noma uswidi,” kwasho uEugene. Nokho, waphikelela ngokuthi indibilishi kwakungeyona eyakhe, futhi wayengathandi ukudumaza uJehova ngokuyigcina. Lona ophethe wathi: “Lokho kube into enhle yokwenziwa. Ngibonga kakhulu, futhi ngethemba ukuthi olahlekelwe indibilishi uyobuya futhi ayithathe.”
◻ Komunye umhlangano omkhulu woFakazi BakaJehova, kwabikwa ukuthi izimali ezingamaphepha ezinkulu ngangama-R20 ezazilahleke enkundleni zalethwa eMnyango Wezinto Ezilahlekile Zatholakala abantwana abancane, ngaphandle kwanoma ikuphi ukushukunyiswa okuvela kubazali babo. Lokhu akukhona okungavamile emibuthanweni enjalo.
Ukwethembeka kuyafuneka kulabo abafisela ukuvunyelwa uNkulunkulu. Futhi “unembeza omuhle” ubangela injabulo. (Heberu 13:18) Ngempela, ukwethembeka kuthela izithelo ezinhle ngezindlela eziningi.