Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ngenxa yemibiko yokuthi odokotela bangamvula futhi umuntu owavala inzalo ngokuhlinzwa kokuzithandela, akunakufaneleka yini ngamanye amaKristu ukuba akukhethe njengendlela yokuvimbela inzalo?
IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uwazisa kakhulu amandla okuzala. Wayehlose ukuba abantu bagcwalise umhlaba ngokuzala uhlobo lwabo. (Genesise 1:28; 9:6, 7) Kamuva, amaIsrayeli abheka imikhaya emikhulu njengesibusiso esivela kuJehova, futhi ukuphazamisa amandla okuzala kwakuletha isijeziso saphezulu. (IHubo 127:3-5; Duteronomi 1:11; 23:1; 25:11, 12) Amaphuzu anjalo emiBhalweni yesiHeberu aye athonya ukucabanga kwezinceku zikaNkulunkulu eziningi ngokuphathelene nomkhuba wokuvala inzalo ngokuhlinzwa kokuzithandela.a
Nokho, yini esiyithola emiBhalweni YamaKristu YesiGreki mayelana nalendaba? Okokuqala, sifunda ukuthi amaKristu awekho ngaphansi komthetho kaMose. (Galathiya 3:24, 25) Ngaphezu kwalokho, uJesu wakhuthaza ukwanda kobuKristu ngokushumayela izindaba ezinhle, hhayi ngokuzala. Ngenxa yokuthi kwakuyoba khona ukuvunwa okukhulu kwabafundi, uJesu weluleka abafundi ababengakwazi ukukwenza ukuba babe ngabathenwa ngokomoya, babonise ukuzithiba njengabantu abangashadile. Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba angashadi kanjalo abe nenkululeko enkulu yokushumayela nokufundisa. Ngaleyondlela ayezothola abantwana abangomomoya. Ngisho nemibhangqwana eshadile kwakumelwe ikhumbule ukuthi “isikhathi sesinciphile”; umgomo wayo kwakumelwe ube ‘ukungakhathazeki’ ngokuphila komkhaya.—1 Korinte 7:29-32, 35; Mathewu 9:37, 38; 19:12.
Ngesikhathi esagcina ngaso ukuxoxa, ngokuvala inzalo ngokuhlinzwa kulengosi* odokotela abaningi babecabangela lenqubo njengengenakushintsha kanjalo ingeyesikhathi sonke. Nokho, intuthuko yezokwelapha eshumini leminyaka elidlule iye yashintsha isimo ngandlela-thile. Ngokwesibonelo, iPopulation Reports (November-December 1983, Johns Hopkins University) ithi ngokuthenwa kwabesilisa: “Emibikweni yamuva ukuphendukezela lenqubo kuye kwabuyisela amandla—okusho ukuthi, isidoda siye satholakala emalotheni—kumaphesethi angama-67 kuya kwayi-100 amadoda. Impumelelo engokoqobo—okusho ukuthi, ukukhulelwa phakathi kwabafazi bamadoda aye aphendukezelwa inqubo yokuthenwa—iye yasukela kumaphesenti ayi-16 kuya kwangama-85.” Izinqubo ezintsha zokuhlinza nezindlela zokufaka izivimbo zesikhashana nazo zikhonjwa njengezibonisa ukuthi impumelelo yokuphendukezela lenqubo isazokwanda.
Njengoba imiBhalo YamaKristu YesiGreki inganikezi siqondiso esiqondile ngezindaba ezinjalo, amaKristu kumelwe enze izinqumo zomuntu siqu ngokulinganisela ubungako bemikhaya yawo nangokuvimbela inzalo. Mayelana nokuvala inzalo ngokuhlinzwa, kumelwe akhumbule ukuthi ngisho nakuba ukuphendukezelwa kwalenqubo kubonakala kungenzeka kakhulu manje kunaseminyakeni eyishumi edlule, odokotela abanakuqinisekisa ukuthi amandla okuzala angabuyiselwa.
Ngaphezu kwakho konke, umbhangqwana kumelwe ube nonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova nakumaKristu okanye nawo. Uma umbhangqwana ucabanga ngokuvala inzalo ngokuhlinzwa njengendlela yokuvimbela inzalo, kusamelwe ucabangele noma imuphi umphumela izenzo zawo ezingase zibe nawo kwabanye. Nakuba imibhangqwana eshadile ngokuvamile ingazimemezeli izinqumo zawo ngokuvimbela inzalo, uma kwaziwa ngabaningi ukuthi umbhangqwana uye waphendukela ekuvaleni inzalo ngokuhlinzwa, ingabe ibandla liyophatheka kabi kakhulu futhi lilahlekelwe inhlonipho ngawo? (1 Thimothewu 3:2, 12, 13) Lezi izici zokucatshangelwa ngokungathi sína impela, ngisho nakulendaba yangasese nengeyomuntu siqu. Ekuhlaziyeni kokugcina, inkulumo kaPawulu iyafaneleka: “KuseNkosini yayo [uJehova] ukuma noma ukuwa kwayo.”—Roma 14:4, 10-12.
[Imibhalo yaphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka “Imibuzo Evela Kubafundi,” kuNqabayokulinda kaMarch 15, 1976.