Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 6/15 kk. 27-28
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ubani Okufanele Anqume Ubukhulu Bomkhaya?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuhlelwa Komndeni—Umbono WamaKristu
    I-Phaphama!—1993
  • Ukuqhibuka Kwabantwana Abatholakala Ngosizo Lokuzaliswa
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 6/15 kk. 27-28

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba sekuthiwa inzalo ebivaliwe (“sterilization”) isingaphinde ivulwe lapho umuntu ecela, ingabe umKristu angase abheke ukuvala inzalo njengenye yezindlela zokuvimbela inzalo (“birth-control”)?

Ukuvala inzalo kuye kwaba indlela eyande kakhulu yokuhlela umndeni. Kubantu abaningi, ukwamukeleka kwako kubonakala kunqunywa isizinda senhlalo nesemfundo, kanye nemibono engokwenkolo. Isici sezinkolelo ezingokwenkolo yiso esihilelekayo koFakazi BakaJehova, abanesifiso esinjengesomhubi: “Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo.” (IHubo 27:11) Yini ehilelekile ezinqubweni zokuvala inzalo?

Inqubo yokuvala inzalo esetshenziswa kwabesilisa lapho bevimbela inzalo ibizwa ngokuthi i-vasectomy. Imigudu noma imithambo emibili emincane ethwala isidoda, esesikhwameni samasende iyasikwa bese ivalwa. Lokhu kungenziwa ngezindlela ezihlukahlukene, kodwa injongo iwukwenza isidoda singakwazi ukudlula sisuka emasendeni. Inqubo yokuvala inzalo kwabesifazane ibizwa ngokuthi i-tubal ligation. Ngokuvamile yenziwa ngokusika nokubopha (noma ukushisa) kuvalwe ama-Fallopian tube, athwala amaqanda asuka ezindlaleni zawo aya esibelethweni.

Sekunesikhathi eside lezi zinyathelo zibhekwa njengezihlala njalo—ukuthi zivala inzalo unomphela. Kodwa abanye abantu, ngenxa yokuzisola esinyathelweni abasithathile noma ngenxa yezimo ezintsha, baye bafuna usizo lwezokwelapha ukuze bavule inzalo ngemva kokwenza i-vasectomy noma i-tubal ligation. Ngokusungulwa kwamathuluzi amasha akhethekile nokuhlinzwa kwezinto ezincane kakhulu, iye yaphumelela ngokwengeziwe imizamo yokuvula inzalo ngemva kwalezi zinqubo. Akukhona okungavamile ukufunda ukuthi kubantu abathile kungaba nempumelelo engamaphesenti angu-50 kuya kwangu-70 ukuvula inzalo ngemva kokwenziwa kwe-vasectomy ngokuxhuma kabusha izingxenye ezisikiwe zemithambo emincane. Kuthiwa impumelelo ekuvuleni inzalo ngemva kokwenziwa kwe-tubal ligation kwabesifazane ilinganiselwa emaphesentini angu-60 kuya kwangu-80. Abanye abaye bezwa ngalokhu baye baba nomuzwa wokuthi ukuvala inzalo akusafanele kubhekwe njengokuhlala njalo. Bangase bakholelwe ukuthi i-vasectomy ne-tubal ligation kungabhekwa njengokusesigabeni esifanayo nezinto zokuvimbela inzalo eziphuzwayo, ama-condom nama-diaphragm—izindlela ezingayekwa lapho umuntu esefuna ukukhulelwa. Nokho, kunezici ezisangulukisayo okungafanele zishaywe indiva.

Esinye siwukuthi amathuba okuvula inzalo ngemva kwalezi zinqubo angaphazanyiswa kakhulu izici ezinjengobungako bomonakalo owenzeka emithanjeni phakathi nenqubo yokuvala inzalo, ubude bomthambo owasuswa noma walimala, iminyaka eye yadlula kusukela le nqubo yenziwe, futhi ngokuphathelene ne-vasectomy, kungaba ukuthi amasosha omzimba amelene nesidoda aye akheka yini. Futhi okungafanele kushaywe indiva iqiniso lokuthi izindawo ezihlinza izinto ezincane kakhulu zingase zingabi bikho ezindaweni eziningi, noma izindleko zingase zikuvimbele. Ngakho, abaningi abangase bafise kakhulu ukuvula inzalo ngemva kwenqubo yokuyivala bangase bangakwazi ukwenza kanjalo. Kubo ingehlala njalo.a Ngakho, amazinga aphawulwe ngenhla okuvulwa kwenzalo ngemva kwalezi zinqubo amane nje ayacatshangelwa, akuzona izilinganiso okungathenjelwa kuzo.

Kunamanye amaqiniso ahilelekile ekubhekaneni namaqiniso. Isihloko esanyatheliswa e-United States ngokuphathelene nokuvulwa kwenzalo ngemva kwe-vasectomy saphawula ukuthi ngemva kokuhlinzwa okubiza ama-dollar angu-12 000 (R74 300), “bangamaphesenti angu-63 kuphela abangakwazi ukukhulelisa abangane babo.” Ngaphezu kwalokho, “ngamaphesenti ayisithupha [kuphela] amadoda enza i-vasectomy ekugcineni afuna ukubuye avulwe inzalo.” Ekuhloleni kwaseJalimane ngokuphathelene neYurophu ephakathi, ngamaphesenti angaba mathathu amadoda akhetha ukuvala inzalo kamuva afuna ukuba kuhlehliswe. Ngisho noma kungaphumelela ingxenye yaleyo mizamo yokuvula inzalo, kuyosho ukuthi emaphesentini angu-98,5, ukwenza i-vasectomy kube inqubo yokuvala inzalo ehlala njalo. Futhi leli nani lingaba eliphakeme emazweni lapho kunodokotela abambalwa noma bengekho nhlobo abahlinza izinto ezincane kakhulu.

Ngenxa yalokho, akukhona ukubhekana namaqiniso ukuyithatha kalula inqubo yokuvala inzalo yabesilisa noma yabesifazane, uyithathe njengokungathi iyindlela yokuvimbela inzalo yesikhashana. Futhi kumKristu oqotho, kunezinye izici zokucatshangelwa.

Iphuzu elisemqoka ukuthi amandla okuzala ayisipho esivela kuMdali wethu. Injongo yakhe yasekuqaleni yayihlanganisa ukuba abantu abaphelele bazale abantu ‘ababeyogcwalisa umhlaba, bawunqobe.’ (Genesise 1:28) Ngemva kokuba iSikhukhula sinciphise abantu bomhlaba baba ngu-8, uNkulunkulu waphinde washo lo myalo oyisisekelo. (Genesise 9:1) UNkulunkulu akazange awuphinde lo myalo esizweni sakwa-Israyeli, kodwa ama-Israyeli ayebheka ukuba nabantwana njengokuthile okufiseleka kakhulu.—1 Samuweli 1:1-11; IHubo 128:3.

UMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wawunezimpawu ezibonisa ukuthi wayekwazisa ukuba abantu bazale. Ngokwesibonelo, uma indoda eshadile ishona ngaphambi kokuzala indodana ezoqhubekisela phambili uhlu lwayo lozalo, umfowabo waleyo ndoda kwakufanele ayizale lendodana ngokushada nenkosikazi yayo. (Duteronomi 25:5) Okuhambisana kakhulu nale ndaba kwakuwumthetho ophathelene nowesifazane owayezama ukusiza umyeni wakhe empini. Uma ayebambe izitho zangasese zalowo olwa nomyeni wakhe, isandla sakhe kwakufanele sinqunywe; ngokuphawulekayo, uNkulunkulu akazange afune ukuba kukhokhwe ngezitho zakhe zenzalo noma zomyeni wakhe ngokwesimiso seso ngeso. (Duteronomi 25:11, 12) Ngokusobala lo mthetho wawuyobangela ukuba zihlonishwe izitho zenzalo; kwakungafanele zonakaliswe ngokungadingekile.b

Siyazi ukuthi amaKristu awekho ngaphansi koMthetho wama-Israyeli, ngakho umthetho okuDuteronomi 25:11, 12 awuwabophi. Futhi uJesu akazange ayale noma asikisele ukuthi abalandeli bakhe kumelwe bashade futhi babe nezingane eziningi ngangokunokwenzeka, okuyilokho imibhangqwana eminingi eye yakucabangela lapho inquma ukuthi ingayisebenzisa yini indlela ethile yokuvimbela inzalo. (Mathewu 19:10-12) Umphostoli uPawulu wabakhuthaza ‘abafelokazi abasebasha [abanesifiso sobulili] ukuba bashade, bazale abantwana.’ (1 Thimothewu 5:11-14) Akazange akhulume ngokuvala kwamaKristu inzalo okuhlala njalo—ukudela ngokuzithandela amandla awo okuzala izingane.

AmaKristu enza kahle ukuzicabangela lezi zimpawu ezibonisa ukuthi uNkulunkulu uyawazisa amandla awo okuzala. Umbhangqwana ngamunye kumelwe unqume ukuthi uyozisebenzisa yini nokuthi uyozisebenzisa nini izindlela ezifanele zokuhlela umndeni. Kuyavunywa, isinqumo sawo siyoba nzima ngokukhethekile uma kuneziqinisekiso zezokwelapha zokuthi umama noma umntwana uyobhekana nengozi enkulu yezokwelapha, futhi kungenzeka afe nokufa, ekukhulelweni kwangesikhathi esizayo. Abanye abasesimweni esinjalo baye bayamukela bemadolo-nzima inqubo yokuvala inzalo njengoba ichazwe ngaphambili ukuze baqiniseke ukuthi ababhekani nokukhulelwa okungasongela ukuphila kukamama (okungenzeka usenezinye izingane) noma kwengane engase izalwe kamuva inenkinga yempilo esongela ukuphila.

Kodwa amaKristu angabhekene nengozi enjalo engavamile nesobala ngokuqinisekile ayofuna ukusebenzisa ‘ukuhluzeka kwengqondo’ futhi alolonge ukucabanga nezenzo zawo kuvumelane nombono kaNkulunkulu ngokuphathelene namandla enzalo. (1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:8; 2:2, 5-8) Lokhu kuyobonisa ukukucabangela ngendlela ebonisa ukuvuthwa lokho okuboniswa imiBhalo. Nokho, kuthiwani uma kuye kwaziwa kabanzi ukuthi umKristu uye wangayinaka ngokungacabangi imibono kaNkulunkulu? Ingabe abanye ngeke yini basingabaze isibonelo sakhe esihle nedumela lakhe lokwenza izinqumo ezivumelana neBhayibheli? Ngempela, isici esinjalo esiphazamisayo edumeleni lesikhonzi singakuthinta ukufanelekela kwaso amalungelo akhethekile enkonzo, nakuba lokhu kungenakuba njalo uma umuntu enze le nqubo engenalwazi.—1 Thimothewu 3:7.

a “Imizamo yokuhlinza ukuze kuxhunywe [i-vas deferens] inezinga lokuphumelela elingamaphesenti okungenani angu-40, futhi kunobunye ubufakazi bokuthi kungase kube nempumelelo eyengeziwe ngenxa yezindlela ezithuthukisiwe zokuhlinza izinto ezincane kakhulu. Noma kunjalo, ukuvala inzalo nge-vasectomy kufanele kubhekwe njengokuhlala njalo.” (Encyclopædia Britannica) “Ukuvala inzalo kufanele kubhekwe njengenqubo ehlala njalo. Naphezu kwalokho isiguli okungenzeka siye sakuzwa ngokuphathelene nokuvulwa kwenzalo ngemva kwale nqubo, ukuhlinza kokuxhumanisa imithambo kuyabiza, futhi ngeke kuqinisekiswe ukuthi kuzophumelela. Kwabesifazane abavulwa inzalo ngemva kokuvalwa kwayo okuhilela imithambo, inkulu ingozi yokuba nombungu okhulela endaweni engafanele.”—Contemporary OB/GYN, June 1998.

b Omunye umthetho ongase ubonakale uhambisana nalokhu wawuthi akukho ndoda elimele kakhulu ezithweni zangasese eyayingangena ebandleni likaNkulunkulu. (Duteronomi 23:1) Nokho, i-Insight on the Scriptures iphawula ukuthi kusobala ukuthi lokhu “kwakuphathelene nokuthena okwenziwe ngenhloso kwenzelwa izinjongo zokuziphatha okubi, njengobungqingili.” Ngakho, lowo mthetho awuzange uhlanganise nokuthena noma okunye ukuvimbela inzalo okufana nakho. I-Insight ithi futhi: “Ngokududuzayo uJehova wabikezela isikhathi lapho abathenwa babeyokwamukeleka kuye njengezinceku zakhe, futhi uma belalela, amagama abo ayeyoba ngcono kunawamadodana namadodakazi. Ngokuqeda kukaJesu Kristu uMthetho, bonke abantu ababonisa ukholo, babengaba amadodana kaNkulunkulu angokomoya kungakhathaliseki ukuthi kwakunjani ukuma kwabo noma isimo sabo sangaphambili. Ukuhlukaniswa kwabantu ngokwenyama kwasuswa.—Isa 56:4, 5; Joh 1:12.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela