Ukuqondisisa Izindaba
ISouthern Baptist “Ixazulula Inkinga”
Kwakunenjabulo enkulu emhlanganweni ongokwenkolo Emagcekeni Omhlangano eDallas ngoJune. Amanxusa eBaptist angaphezu kwezi-45 000 ahlanganela lokho iThe New York Times Magazine ekubiza ngokuthi “ukuxazululwa kwenkinga yokwengamela uMhlangano weSouthern Baptist phakathi kwamaqembu agxile kakhulu ezimfundisweni nalawo angagxilile kangako,” okuyihlelo elikhulu kakhulu lamaProthestani eUnited States. Ekugcineni, umphathi weqembu labagxile kakhulu ezimfundisweni, uCharles Stanley, wakhethwa waba phezu komphikisi wakhe weqembu labangagxilile kakhulu, uWinfred Moore. Kodwa umhlangano wafeza okuncane kakhulu ekuqedeni ukungezwani phakathi kwamalungu esonto.
Lapho iSouthern Baptist ikholelwa ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe, labo abangagxilile ezimfundisweni phakathi kwabo, labo abagxile kakhulu ezimfundisweni abababiza ngokuthi bangabavumelana neningi, abakholelwa ukuthi imiBhalo ngempela ayinaphutha. Abagxile kakhulu ezimfundisweni besaba ukuthi labo abangagxilile kakhulu balahla amasiko enkolo yaseBaptist. Ngakolunye uhlangothi, abangagxilile kakhulu ezimfundisweni bacasulwa iqiniso lokuthi abazalwane babo abagxile kakhulu ezimfundisweni abawunaki umehluko omkhulu okhona phakathi kweSonto noMbuso kodwa bazihilela kwezombangazwe, njengokuthonyela izikhulu zomphakathi emithandazweni yesikole futhi lenqabele ukukhishwa kwezisu. Ukungezwani phakathi kwalamaqembu kusekude nokuba kuxazululwe. Khona-ke isimo asivumelani nomyalo kamphostoli uPawulu wokuba amaKristu ‘akhulume-zwilinye’ futhi ‘apheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.”—1 Korinte 1:10.
Ubudlova Emidlalweni
“Izinkundla zebhola eYurophu ziqhubekela phambili zifana nezinkundla zokulwela.” Waphawula kanjalo umagazini iTime embikweni okhuluma ngobudlova obesabekayo obuhilela izibukeli zebhola zaseBrithani nezaseltaly obaphumela ekufeni kwabantu abangama-38 emdlalweni wamanqamu weNdebe yaseYurophu eBrussels ngoMay. Ubudlova bezibukeli buyinkinga ekhulayo nakwezinye izingxenye zomhlaba. Phakathi noMay, izibukeli zaseChina ePeking zabhikisha—zashaya amabhasi, zagumbuqela izimoto, futhi zasongela kabi izihambi zakwamanye amazwe—lapho iqembu labo lebhola likhishwa yiHong Kong emncintiswaneni wokuhlungela iNdebe Yomhlaba.
Kungani izibukeli zemidlalo zihluleka ukuzibamba? Izikhulu zithi kungenxa yokuthi izibukeli eziningi zemidlalo ezishisekayo zimpofu, zinesithukuthezi, futhi azikwazi ukubhekana nokwehlulwa nokuthotshiswa. UDr, Jeffrey H. Goldstein, ongumpetha kwezobudlova obuhambisana nemidlalo uthi, “kodwa izimo zabantu emphakathini noma izimo ezingokomnotho aziwona umsuka oyinhloko. Ubuzwe nje kwaphela. Ngesikhathi esincane nje behlangene, abantu bayaqhubeka bedala izimpikiswano zobuzwe emidlalweni yezizwe ngezizwe, futhi abantu bashoshozelwa izenzo zabanyathelisi bamaphephandaba, izikhulu zemidlalo, abezombangazwe nabadlali ngokwabo.” UGoldstein wenezela ngokuthi ezibukelini “imidlalo yezizwe ngezizwe iye yaba ngevivinya ukulunga nokungalungi kwesayensi yokuhlalisana kwabantu.”
Nakuba ubuzwe bungashukumisela izibukeli eziningi zemidlalo ebudloveni, amaKristu eqiniso awathathi-hlangothi, angamanxusa oMbuso kaNkulunkulu athanda ukuthula. Ngaphezu kwalokho ayakugwema ukubanjwa umoya wezwe wokuncintisana.—Johane 17:16; Roma 12:18; Galathiya 5:26.
‘Abanamatheli Emsebenzini Wabo’
Umlobi wephephandaba uPaul Johnson kuThe Daily Telegraph yaseLondon uthi, “enye yezinto emangalisa kakhulu ngababhishobhi bethu abahileleke kakhulu kwezombangazwe iwukuthi babonakala bengenawo neze umuzwa wokubeka phambili ubuKristu.” Uthi, ababhishobhi besonto bachitha isikhathi esiningi ezindabeni zombangazwe, futhi abayinaki inkinga enkulu kakhulu. UJohnson uthi: “EUnited States naseBrithani, imbangela enkulu yobumpofu iwumkhaya onomzali oyedwa,” ngokuvamile okuwumphumela wokuziphatha okubi kwentsha. “Nokho ngokumangalisayo sekuyisikhathi eside ngagcina ukuzwa noma imuphi umfundisi, kungasaphathwa umbhishobhi, enikeza intshumayelo ngobubi bobufebe.” Uma ababhishobhi “bengase banamathele kuphela emsebenzini wabo oyinhloko noyisiko labo njengabagcina ukuziphatha okuhle,” uphetha ngokuthi, bangase “babe nengxenye ebalulekile abangayifeza ekunciphiseni izinkinga ezingokomnotho.”
Amazwi kaJohnson asikhumbuza isimo kuIsrayeli wasendulo. Abaholi benkolo ngalesosikhathi nabo behluleka ukufundisa iZwi likaNkulunkulu ukuze abantu ‘babuye endleleni yabo embi.’ Ngabantu abanjalo, uNkulunkulu wathi: “Ngimelene nabaprofethi. . . . abeba amazwi ami, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe.” (Jeremiya 23:22, 30) Ngokufanayo, abefundisi bosuku lwanamuhla abehluleka ukufundisa ukuziphatha okuhle kobuKristu, mhlawumbe baze ngisho basebenzise kabi imiBhalo yeBhayibheli kwezombangazwe noma kwezinye izizathu, bangase balindele ukuzuza ukungavunyelwa uNkulunkulu.—Qhathanisa noLuka 11:52.