Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 12/15 kk. 15-20
  • Ukudumisa UNkulunkulu Wethemba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukudumisa UNkulunkulu Wethemba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Badumisa UNkulunkulu
  • Ingabe Uyomdumisa “UNkulunkulu Wethemba”?
  • Ngezinto Zethu Eziyigugu
  • Dumisa UJehova—Ngani Futhi Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Bonisa Abanye Udumo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Nikeza Udumo Kulowo Olumfanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 12/15 kk. 15-20

Ukudumisa UNkulunkulu Wethemba

“UJehova uthi: . . . Abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.”—1 SAMUWELI 2:30.

1. Sinasiphi isizathu sokufuna ukudumisa uJehova? (1 Thimothewu 1:17; IsAmbulo 4:11)

NGOKUBHEKA amathemba esingaba nawo, asekelwe eBhayibhelini, kungokufaneleke ngokuphelele nokunengqondo ngathi ukuba sidumise “uNkulunkulu wethemba,” “uNkulunkulu onikeza ithemba.” (Roma 15:13, King James Version; New World Translation) Kungani kunjalo? Thina, esingabantu abancane, abangaphelele, singamdumisa kanjani uMdali oMkhulu wendalo yonke? Futhi ingabe uyosidumisa nathi?

2. UJesu wazizwa kanjani ngodumo oluyiswa kuNkulunkulu?

2 Singafunda kulokho okwenzeka kuJesu. Akekho phakathi kwethu ongaphika ukuthi ngaso sonke isikhathi uJesu wayefuna ukuba uYise adunyiswe, akhazinyuliswe. (Johane 5:23; 12:28; 15:8) Eqinisweni, uJesu wagxeka abaFarisi nababhali ‘ababedumisa uNkulunkulu ngezindebe zomlomo kodwa inhliziyo yabo ikude naye.’ Siza uphawule, ukungamdumisi kwabo uNkulunkulu kwakuhilela izisusa nezenzo ezingafanele. (Mathewu 15:7-9) Nokho, singasho yini ukuthi ekudumiseni kukaKristu uNkulunkulu, ithemba lakhe lalihilelekile? Futhi uJehova wasabela kanjani ekudunyisweni kanjalo?

3. Sazi kanjani ukuthi uJesu wayethembele kuJehova?

3 UJesu wafaka enhliziyweni amazwi kaDavide akuyiHubo 16:10: “Awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.” Ngenxa yokuthi wayenalelithemba lokuvuswa, uJesu Kristu wayengase asho amazwi ajabulisayo kumenzi wobubi owayebethelwe eceleni kwakhe: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba-nami eParadisi.” (Luka 23:39-43) Lowomenzi wobubi wafa ngokushesha, ngakho akakwazanga ukubona ukuqinisekiswa kwethemba likaJesu lokuvuswa ezinsukwini ezintathu kamuva. Kodwa ufakazi wokuzibonela wabika: “UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke.” (IzEnzo 2:31, 32) Kwakuyiqiniso.

4. Yiluphi udumo uJesu olwalumfanele futhi waluthola? (IsAmbulo 5:12)

4 Abaningi babantu abavamile uJesu ayebakhonzile babazi ukuthi ufanelwe ukwaziswa, noma udumo. (Luka 4:15; 19:36-38; 2 Petru 1:17, 18) Kodwa wafa njengeselelesi. Ingabe lokho kwaziguqula izinto? Cha, ngoba uJesu wayevunyelwa uNkulunkulu ayemethemba. Kanjalo, uJehova wambuyisela ekuphileni. Iqiniso lokuthi “uNkulunkulu wethemba” wavusela iNdodana yakhe ekuphileni futhi wayembathisa ukungafi endaweni yomoya libonisa ukuthi uYise wayeqhubeka edumisa iNdodana yakhe. UPawulu uthi: “Siyambona . . . uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.”—Heberu 2:7, 9; Filipi 2:9-11.

5. Iyiphi indlela ekhethekile uJesu adunyiswa ngayo, kwaphumela kuluphi udumo olwengeziwe kuNkulunkulu?

5 UJesu, owayedumise uJehova, waphawula indlela eyodwa ekhethekile uYise amdumisa ngayo. Ekubonakaleni kwakhe kubaphostoli bakhe abathembekile, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibapabhathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele . . . bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.” (Mathewu 28:18-20) Ngakho uYise wayidumisa ngokwengeziwe iNdodana ngokuyinikeza igunya eliyingqayizivele. Kwakumelwe lisetshenziswe ngenxa yabantu ababeyokwenza umsebenzi oletha udumo kuLowo uJesu alwela ukumdumisa. Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi thina bantu abangaphelele singamdumisa uYise futhi naye asidumise?

Abantu Badumisa UNkulunkulu

6. Ingabe kufanelekile ukufisa ukudunyiswa, kodwa iyiphi ingozi ekhona kulokhu? (Luka 14:10)

6 Abantu abaningi abacabangi ngokudumisa uNkulunkulu kuqala, ngoba bathakazelela ikakhulukazi ukuzitholela udumo lwabo siqu. Abanye bangase ngisho bathi kungokufanele ngathi ukufuna ukudunyiswa. Kukhona isilinganiso esithile seqiniso kulokhu, njengoba kungokufanele ukufisa igama elihle, nesilinganiso esithile sodumo ngenxa yalo. (1 Thimothewu 3:2, 13; 5:17; IzEnzo 28:10) Kodwa, isifiso sokudunyiswa abantu singeqiswa kalula. Lokhu kuboniswa abaningi abafuna idumela kungakhathaliseki ukuthi izimo zinjani noma abenza noma yini ukuze bafihle ihlazo.

7. Kungani ukudunyiswa abantu kunokubaluleka okuncane kangaka?

7 Uma ucabanga ngakho, ngisho nodumo olukhulu oluvela kubantu luyadlula, ngoba bonke bayafa ngokushesha. Oh, amaqhawe ambalwa angase adunyiswe isikhashana, kodwa abaningi babantu abafile bakhohlakele. Bangaki abantu abazi amagama okhokho babo noma abaziyo ukuthi kwakungobani abaholi besizwe sakubo eminyakeni eyikhulu edlule? Eqinisweni, ukuthi othile wayephila noma cha akuziguquli izinto. Uyinkeshezana nje yothuli esilinganisweni sesikhathi, iconsi elincane emfuleni wokuphila. Futhi ngisho noma edunyiswa isikhashana ngemva kokufa, akaboni. (Jobe 14:21; 2 IziKronike 32:33; UmShumayeli 9:5; IHubo 49:12, 20) Ukuphela kwento engenza umehluko ukuba nethemba uNkulunkulu alinekezayo, ukumdumisa, nokudunyiswa nguye. Lokhu singakubona ekuphileni kwabantu ababili abaphila ngesikhathi esifanayo kwaIsrayeli wasendulo.

8. UEli wawela kuluphi ugibe oluhilela ukunikeza udumo?

8 Owokuqala kwakunguEli. Wakhonza uNkulunkulu esikhundleni esiyingqayizivele sokuba umpristi iminyaka engama-40 futhi waba nelungelo lokwahlulela uIsrayeli. (1 Samuweli 1:3, 9; 4:18) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi wabonisa ubuthaka ngokuqondene namadodana akhe oHofini noFinehasi. Nakuba ayengabapristi, asebenzisa kabi izikhundla zawo ngokweba izingxenye zeminikelo nangokuhileleka ekuziphatheni okubi kobulili. Lapho uyise engenzi lutho olwedlula ukuwagxeka ngendlela elula, uNkulunkulu wathi uEli ‘udumisa amadodana akhe ngaphezu kwami.’ UJehova wayethembise ukuqhuba ubupristi bobuAroni, kodwa wayezosusa indlu kaEli esikhundleni sobupristi obuphakeme. Ngani? UNkulunkulu wachaza: “Abangidumisayo ngiyakubadumisa; abangidelelayo bayakweyiswa.”—1 Samuweli 2:12-17, 29-36; 3:12-14.

9. USamuweli walinikezwa kanjani ithuba lokudumisa uJehova?

9 Ngokuphambene kwakukhona uSamuweli. Cishe uyazi ukuthi abazali bakhe bamyisa ukuba ayokhonza etabernakele eShilo esemncane. Ngobunye ubusuku uJehova wakhuluma nalomfana. Ungase ukujabulele ukufunda lendaba kweyoku-1 Samuweli 3:1-14, ubona ngamehlo engqondo ukuvuswa kwalomfana, hhayi umsindo wokuduma, kodwa yizwi eliphansi aliphambanisa nelikaEli osegugile. Khona-ke cabanga ukuthi kufanele ukuba kwakusabisa kanjani ngoSamuweli osemncane ukutshela umpristi omkhulu osegugile ngokuzimisela kukaNkulunkulu ukujezisa indlu kaEli. Kodwa uSamuweli wakwenza; wadumisa uNkulunkulu ngokulalela.—1 Samuweli 3:18, 19.

10. Ekusabeleni ekudunyisweni, uNkulunkulu wamdumisa kanjani uSamuweli?

10 USamuweli wadumisa uJehova iminyaka eminingi njengomprofethi, futhi uNkulunkulu wamdumisa. Phawula lokhu kweyoku-1 Samuweli 7:7-13. UJehova wasabela ngokushesha emthandazweni kaSamuweli wokucela usizo lokuba ahlule amaFilisti. Ubungeke yini wazizwa uphakanyisiwe ngokuba nokuqashelwa kwaphezulu okunjalo? Lapho amadodana kaSamuweli engakulandeli ukuhola kwakhe, uNkulunkulu akazange amlahle njengoba ayelahle uEli. Ngokusobala lokhu kwakungenxa yokuthi uSamuweli wenza konke okusemandleni akhe ukuba adumise uNkulunkulu. Okubonisa lokhu ngokuqhubekayo, uSamuweli akavumelananga nesicelo sabantu senkosi engumuntu. (1 Samuweli 8:6, 7) UNkulunkulu wasebenzisa uSamuweli ukugcoba bobabili oSawule noDavide. Ekufeni kukaSamuweli, amaIsrayeli amdumisa ngokukhala. Nokho, okubaluleke ngaphezulu, uNkulunkulu wamdumisa ngokumphawula eBhayibhelini phakathi kwamadoda okholo ayobusiswa ngovuko nangezinto ezinhle uNkulunkulu awabekele zona. (IHubo 99:6; Jeremiya 15:1; Heberu 11:6, 16, 32, 39, 40) Lokhu akubonisi yini ukuthi ukudumisa “uNkulunkulu wethemba” kungokubaluleke kakhulu?

Ingabe Uyomdumisa “UNkulunkulu Wethemba”?

11, 12. Yini esidinga ukuyicabangela ngokudumisa uJehova, futhi iyiphi enye indlela yokwenza lokho?

11 Indaba kaJesu nekaSamuweli, ukunikeza izibonelo zeBhayibheli ezimbili nje kuphela, zibonisa ukuthi abantu bangabeka ukudumisa ‘uNkulunkulu wabo wethemba’ endaweni yokuqala ekuphileni. Futhi lezozindaba ezimbili zibonisa ukuthi ngokwenza kwethu kanjalo singafuna futhi sithole ngokufanelekile udumo kuNkulunkulu. Kodwa ungakwenza kanjani lokhu ngokuqiniseka okunengqondo kokuthi uyomthokozisa uNkulunkulu, uyodunyiswa nguye, futhi uyozuza ithemba lakho elisekelwe eBhayibhelini?

12 Ukuba nokwesaba okuqotho, ngenhlonipho ukucasula uNkulunkulu kungenye indlela. (Malaki 1:6) Cishe sivumelana ngokushesha nalawomazwi. Nokho, khumbula amadodana kaEli. Uma wawungawabuza ukuthi ayefuna yini ukudumisa uNkulunkulu ngokumesaba kwenhlonipho, cishe ayeyothi yebo. Inkinga iba sekubonakaliseni ngokoqobo ngezenzo ekuphileni kwansuku zonke isifiso sethu sokudumisa uNkulunkulu ngokumesaba.

13. Bonisa indlela isifiso sokudumisa uNkulunkulu ngokumesaba esingasisiza ngayo.

13 Uma sibhekene nesimo esilingayo lapho singase sebe noma sihileleke ekuziphatheni okuthile okubi kobulili kodwa kungaziwa, ingabe isifiso sethu sokudumisa uNkulunkulu siyothonya izenzo zethu? Kumelwe sihlakulele umuzwa wokuthi, ‘Ngisho noma ububi bungahlala bufihlakele, khona kanye ukuvumela isono esinjalo kuwukungamdumisi “uNkulunkulu wethemba” engibizwa ngegama lakhe.’ Futhi iqiniso liwukuthi ububi ngeke bufihlakale phakade, njengoba kwenzeka ngezinto ezenziwa amadodana kaEli. Lokhu kuvezwa amazwi kaPawulu ngokuphathelene ‘nokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu’: “Oyakuvuza yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe: labo abafuna ngokukhuthazela ekwenzeni okuhle inkazimulo nodumo nokungabhubhi bothola ukuphila okuphakade; kepha labo abanombango bengalaleli iqiniso, belalela ukungalungi, bothola ulaka nentukuthelo.”—Roma 2:5-8.

14. Iyiphi enye indlela esingadumisa ngayo uNkulunkulu, futhi yini esingazibuza yona?

14 Ngakolunye uhlangothi, uPawulu uphawula ukuhlanganyela “ekwenzeni okuhle,” okudumisa uNkulunkulu nokuphumela ‘enkazimulweni nasodumweni’ oluvela kuye. Umsebenzi oyinhloko waloluhlobo namuhla yilowo uJesu awuphawula kuMathewu 28:19, 20: “Nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” Emhlabeni kabanzi, izigidi zoFakazi BakaJehova zikhuthele kulomsebenzi wokushumayela nokufundisa odumisa uNkulunkulu. Abanye baze ngisho bazikhandla ukuba babe yizikhonzi zesikhathi esigcwele njengamaphayona, ngaso sonke isikhathi noma ngezikhathi zokuphumula emsebenzini wokuziphilisa noma esikoleni. Sinalokhu engqondweni, ngamunye wethu angacabangela ngokunenzuzo isimo sakhe ngokuqondene nalomsebenzi. Ngokwesibonelo, ungase uzibuze, ‘Ingabe ngiyamdumisa “uNkulunkulu wethemba” ngokuba nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela?’

15. Yini eye yenzeka kwamanye amaKristu ngokuqondene nokudumisa uJehova ngenkonzo yasobala?

15 Amanye amaKristu ayengabashumayeli abakhuthele iminyaka eminingi kancane kancane aseye anciphisa inkuthalo. Aseye awela emkhubeni wokuba nengxenye encane noma yokuqabukela emsebenzini obalulekile wokwenza abafundi. Asisho abantu abanokulinganiselwa ngokomzimba futhi abanciphisa inkuthalo ngenxa yokuguga. Ngaphandle kwalabo, ukunciphisa inkuthalo kuyabonakala phakathi koFakazi abathile bobudala obuhlukahlukene. Ngokuthakazelisayo, uPawulu wayengabhekisele eqenjini lobudala obuthile lapho exwayisa amaKristu ‘ngokukhathala.’ Kunalokho, kungakhathaliseki ukuthi mingaki iminyaka yomuntu yobudala, umongo wendaba uwukuthi ukuhlanganyela njalo enkonzweni kudinga umzamo. Njengoba ngokusobala kwenzeka osukwini lukaPawulu, abanye namuhla bacabanga bathi, ‘Ngiyenzile ingxenye yami eminyakeni edlule, ngakho manje amaKristu asanda kuhlanganyela angazikhandla.’—Galathiya 6:9; Heberu 12:3.

16. Kungani singazuza ekuzihloleni ngokuqondene nalokhu?

16 Ngokuqinisekile labo abaye bathinteka ngalendlela bambalwa, kodwa ungase ubuze, ‘Ingabe ngendlela eqotho ngibona noma yikuphi ukuthambekela okunjalo kimi? Injani ingxenye yami enkonzweni uma iqhathaniswa neyesikhathi esidlule?’ Kungakhathaliseki ukuthi kuye kwaba khona ukwehla noma cha, sonke kufanele sikhumbule ukuthi ‘uNkulunkulu wethu wethemba’ uthembisa ukunikeza “inkazimulo nodumo kubo bonke abenza okuhle.” (Roma 2:10) UPawulu wasebenzisa igama lesiGreki elisho “ukusebenza into ethile, ukukhiqiza, ukwenza.” Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sigweme lokho okwehlela abaFarisi nababhali, abamane badumisa uNkulunkulu ngomlomo! (Marku 7:6; IsAmbulo 2:10) Ngokuphambene, uma sihlanganyela enkonzweni yasobala ngokusuka enhlziyweni, sigcizelela kithi ngokwethu nakwabanye ukuthi sinethemba langempela. Sidumisa uMdali wethu noMniki-kuphila. Futhi sibasohlwini lokudunyiswa nguye, manje naphakade.—Luka 10:1, 2, 17-20.

Ngezinto Zethu Eziyigugu

17, 18. Iyiphi enye indlela esingadumisa ngayo uNkulunkulu, futhi kungani ukuba manqikanqika ukwenza kanjalo kungokungafanele?

17 Ngokuqondene nenye indlela esingadumisa ngayo ‘uNkulunkulu wethu wethemba,’ izAga 3:9 zithi: “Dumisa uNkulunkulu ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho.” USpurrell ulibeka kanje lelivesi: “Khazimulisa uJehova ngengcebo yakho, nangokungcono kakhulu kwenzuzo yakho.”—A Translation of the Old Testament Scriptures from the Original Hebrew.

18 Njengoba abefundisi abahlukahlukene beye baba nedumela elibi ngenxa yokuhaha kwabo okungenamingcele nendlela yabo yokuphila kokuceba, abantu abaningi bayangabaza ukunikela emasontweni nasezinhlanganweni zenkolo ezinjongo yazo ngokusobala ibonakala iwukuzuza umcebo kuphela. (IsAmbulo 18:4-8) Nokho, leyomikhuba eyonakele ayibuguquli ubuqiniso bezAga 3:9. Ngokuvumelana nalesoseluleko esiphefumlelwe, singayisebenzisa kanjani ‘impahla yethu’ ukuze ‘sidumise uJehova,’ ‘uNkulunkulu wethu wethemba’?

19. Bonisa indlela abanye abaye basebenzisa ngayo izAga 3:9.

19 OFakazi BakaJehova bathola ukuthi inani elikhulayo labantu abasabela esigijimini soMbuso lidinga ukwandiswa kwamaHholo oMbuso noma ukwakhiwa kwamasha. Ngakho, nansi enye indlela ‘yokukhazimulisa uJehova ngengcebo yakho.’ Abasha nabadala baye bahlanganyela ekwenzeni lokhu, njengokunquma ngokomuntu siqu ukunikela ezimalini zokwakha. Ukubambelela ezinqumweni zangasese ezinjalo kungadinga ukuziqeqesha noma ngisho nokuzidela, ikakhulukazi uma ukuhlela nokuqedwa komsebenzi wokwakha kuthatha isikhathi eside. (2 Korinte 9:6, 7) Futhi, ukusebenzisa izimali ngalendlela kumdumisa ngempela uJehova, ngoba amaHholo oMbuso ayizindawo lapho amaKristu emkhulekela khona nalapho wona nakanye nabo ezuza khona ulwazi ngoNkulunkulu. Amazwi kaJesu akuMathewu 6:3, 4 asinikeza isizathu esihle sokwethemba ukuthi uNkulunkulu uyodumisa labo abaye bamdumisa kanjalo.

20. (a) Kungani ukuzihlola kungokufanele ekusebenziseni izAga 3:9? (b) Yimiphi imibuzo esingazibuza yona?

20 Nokho, nanti izwi lesixwayiso: AbaFarisi nababhali, uJesu athi babengabeki phambili ukudumisa uNkulunkulu babeqiniseka ukuthi bangabokuqala ukuzuza engcebweni yabo. Ngakho iseluleko esikuMathewu 15:4-8 situsa ukuba sizihlole ngokuqondene ‘nokudumisa uJehova ngempahla yethu.’ (Jeremiya 17:9, 10) Ngokwesibonelo, umKristu oye waceba ngenxa yebhizinisi lakhe angase abeke izaba zokuqhubeka esebenza isikhathi esigcwele ukuze athole inzuzo eyengeziwe. Angase athi, ‘Abanye bangenela inkonzo yobuphayona abanye bayathutha ukuze bakhonze lapho abashumayeli bedingeka khona ngokukhethekile, kodwa eyami indlela ekhethekile yokukhonza uNkulunkulu iwukuthola inzuzo eyengeziwe bese ngiba nokuningi kokunikela.’ Iminikelo yakhe ingase yenze okuningi okuhle. Kodwa angase azibuze, ‘Ingabe indlela yami siqu yokuphila ibonisa ukuthi ukusebenzisa imali ekudumiseni uNkulunkulu kuyisisusa sami esiyinhloko sokuthola inzuzo eyengeziwe?’ (Luka 12:16-19; qhathanisa noMarku 12:41-44.) Nokuthi, ‘Ingabe ngingahlela izindaba zami ukuze ngibe nengxenye yomuntu siqu enkudlwana emsebenzini obaluleke kakhulu wosuku lwethu—ukumemezela izindaba ezinhle?’ Eqinisweni, kungakhathaliseki ukuthi zinjani izimo zethu ekuphileni, singahlola izisusa nezenzo zethu futhi sizibuze, ‘Ngingamdumisa kanjani ngokugcwele uMniki-kuphila kwami ‘noNkulunkulu wethemba’?’

21. Yimaphi amathemba esinawo uma sidumisa uJehova manje?

21 UJehova ngeke asidumaze. Yeka ithemba elijabulisayo okuyilo ukuthi angase asho ngathi, manje nasesikhathini esizayo, lokho akusho ngoIsrayeli othembekile: “Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi”! (Isaya 43:4) Yena Lowo uthembisa ‘ukuphila okuphakade kwabafuna inkazimulo nodumo.’ Lesithembiso usibhekisa kulabo abakhuthazela “ekwenzeni okuhle.” Yeka “uNkulunkulu wethemba”!

Ubungaphendula Kanjani?

◻ Ngokuqondene nabantu abadumisa uJehova, yini esingayifunda esibonelweni sikaJesu?

◻ Babehlukene kanjani oEli noSamuweli ngokuqondene nokudumisa uNkulunkulu?

◻ Yiziphi ezinye izindlela ongandisa ngazo udumo oluyisa kuNkulunkulu, futhi yikuphi ukusabela ongase ukuthole?

◻ Yiliphi ikusasa elilindele labo ababeka phambili ukudumisa ‘uNkulunkulu wethu wethemba’?

[Ibhokisi ekhasini 20]

IZINCWADI ZEMINIKELO

Nazi ezinye izingcaphuno zezincwadi ezamukelwa yihhovisi leWatch Tower Society laseBrooklyn, eNew York:

“Igama lami nginguAbijah. Ngineminyaka eyisishiyagalolunye ubudala. Ngifuna ukuninika u-$4 [R8] wabazalwane abakha amaHholo oMbuso. Bangayisebenzisela ukuthenga izingodo zokwakha noma uswidi, kulungile.”—Oregon.

‘Kulemvilophu nizothola isheke lami siqu. Sengidlulile eminyakeni engama-96 yobudala futhi angisezwa kahle, kodwa ngikujabulela ngempela ukonga imali yami ngaleyonjongo. Yebo, ngiyazi ukuthi nginemoto endala, futhi angichithi amaholide ami asebusika eFlorida noma eCalifornia. Ngenza okuncane kakhulu ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ngokungqongqoza eminyango. Kodwa ngokonga imali yami nangokunithumelela enye, nginomuzwa wokuthi ngisenengxenye kuwo.’—Ohio.

‘Ngiyanibonga ngakho konke enikwenzele iHholo LoMbuso. Lemali [R10] eyokunisiza ngezincwadi INqabayokulinda yokuba sifunde. Lemali iphuma esikoqokoqweni sami. Ngiyanibonga ngencwajana ethi Isikole ukuze nisitshele ngemilaliso.’

“Sizani namukele isheke elikulemvilophu. Amadollar angamakhulu amabili [R400] angaweMali Yokwakha AmaHholo OMbuso. Esele eyokusetshenziswa nganoma iyiphi indlela eniyibona ifanelekile ukuze kuthuthukiswe umsebenzi wokushumayela.”—Missouri.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela