Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 6/15 k. 3
  • IBhayibheli—Incwadi Eyingqayizivele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli—Incwadi Eyingqayizivele
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli—Ingabe Livela kuNkulunkulu Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ubani Owaloba IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • UNkulunkulu Usazisa Ngezinjongo Zakhe
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Ubani Ongumthombo WeBhayibheli?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 6/15 k. 3

IBhayibheli—Incwadi Eyingqayizivele

Liye labizwa ngokuthi incwadi edayiswa kakhulu kunazo zonke emhlabeni, futhi kufanele. IBhayibheli lifundwa futhi laziswa ngaphezu kwanoma iyiphi enye incwadi. Kuze kube manje, amakhophi alo aye asakazwa (liphelele noma liyizingxenye) alinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezine ngezilimi ezingaphezu kuka-2 000.

Nokho, okuhlaba umxhwele ngaphezu kokusakazwa kweBhayibheli ukusho kwalo ukuthi lilotshwe ngokwaphezulu. “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” kubhala umphostoli uPawulu ongumKristu. (2 Thimothewu 3:16) Lapha kuthiwa umoya ongcwele kaNkulunkulu washukumisa abalobi abangabantu, njengokungathi uphefumulela kubo, ukuze kwakheke into engase ibizwe ngokuyiqiniso ngokuthi yiZwi likaNkulunkulu, hhayi elomuntu. Empeleni abaningi abaye balitadisha iBhayibheli bamangazwa ukuvumelana kwalo lilonke, ukunemba kwalo ngokwesayensi, ukwethembeka nobuqotho babalobi balo, futhi okubaluleke kakhulu, iziprofetho zalo ezigcwalisekile—konke okuye kwagculisa izigidi zabafundi balo abacabangayo ukuthi lencwadi ivela emthonjeni ophakeme kunomuntu.a

Kodwa uNkulunkulu wakuqondisa ngokuseduze kangakanani ukulotshwa kweBhayibheli? Abanye bathi wabiza izwi nezwi leBhayibheli. Abanye bathi waphefumulela imiqondo kuphela etholakala eBhayibhelini, hhayi amazwi. Nokho, empeleni akunakuthiwa ukuphefumulela kwenziwa ngenqubo ethile eyodwa, ngoba uNkulunkulu wakhuluma “ngezindlela eziningi . . . nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi.” (Heberu 1:1; qhathanisa neyoku-1 Korinte 12:6.) Esihlokweni esilandelayo, sizohlola izindlela uNkulunkulu akhuluma ngazo nabalobi abangabantu abangaba ngu-40 abaloba iBhayibheli.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 53-4 no-98-161 encwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela