Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 4/15 k. 31
  • Xwaya Izihlubuki!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Xwaya Izihlubuki!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Yilwani Kanzima’
  • Izixwayiso Ezibekwe Phambi Kwethu
  • Qhubeka Umelana Nawo
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-65—UJuda
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • “Bheka, INkosi Iyakufika Nabangcwele Bayo Abayizigidigidi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • “Bathandekayo, . . . Nizigcine Othandweni LukaNkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • ‘Yilwa Kanzima Ngenxa Yokholo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 4/15 k. 31

Xwaya Izihlubuki!

Amaphuzu Avelele Avela Encwadini KaJuda

IZINCEKU zikaJehova kumelwe ‘zenyanye okubi’ futhi ‘zibambelele kokuhle.’ (Roma 12:9) Umlobi weBhayibheli uJuda wasiza abanye ukuba benze lokhu encwadini yakhe ayithumela esePalestine ngokunokwenzeka cishe ngo-65 C.E.

UJuda uzibiza ngokuthi “inceku kaJesu Kristu, umfowabo kaJakobe.” Ngokusobala loJakobe wayengumfowabo owaziwayo kaJesu Kristu ngomzali oyedwa. (Marku 6:3; IzEnzo 15:13-21; Galathiya 1:19) Kanjalo noJuda ngokwakhe wayengumfowabo kaJesu ngomzali oyedwa. Nokho, kungenzeka wacabanga ukuthi kwakungafaneleki ukuba akusho lokhu kuhlobana okungokwenyama, njengoba uKristu ngalesosikhathi ayesengumuntu womoya okhazinyulisiwe ezulwini. Incwadi kaJuda yayingagwegwesi ekunikezeni iseluleko esingasisiza ukuba ‘sibambelele kokuhle’ futhi sixwaye izihlubuki.

‘Yilwani Kanzima’

Nakuba uJuda ayehlose ukubhala ngensindiso amaKristu ayeyihlanganyela, wakuthola kudingekile ukuba anxuse ababezofunda incwadi yakhe ukuba ‘balwe kanzima ngenxa yokholo.’ (NW) (Amavesi 1-4) Ngani? Ngoba abantu abangamesabi uNkulunkulu base bengenile ngokunyenya ebandleni futhi ‘babephendukezela umusa kaNkulunkulu ube ngamanyala.’ Babecabanga ngokungafanele ukuthi bangaphula imithetho kaNkulunkulu kodwa bahlale phakathi kwabantu bakhe. Kwangathi singelokothe sithonywe ukucabanga okubi kanjalo kodwa siphishekele ukulunga njalo, sibonga ngokuthi ngegazi likaJesu ngomusa uNkulunkulu wasihlanza ezonweni zethu.—1 Korinte 6:9-11; 1 Johane 1:7.

Izixwayiso Ezibekwe Phambi Kwethu

Kubalulekile ukuba siqaphele izimo ezithile zengqondo, ukuziphatha, kanye nabantu. (Amavesi 5-16) Ngenxa yokuthi amanye amaIsrayeli ayesindiswe eGibithe antula ukholo, abhujiswa. Izingelosi ezashiya isikhundla sazo esifanele ziye ‘zagcinelwa ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama [obungokomoya.]’ Ukuziphatha okubi okungathi sína kwaletha “isijeziso somlilo omiyo njalo” phezu kweSodoma neGomora. Ngakho-ke, njalo masijabulise uNkulunkulu futhi singalokothi siyishiye “indlela yokuphila.”—IHubo 16:11.

Ngokungafani nengelosi enkulu uMikayeli, ongazange alethe ngisho nesijeziso kuDeveli ngamazwi okuhlambalaza, abantu abangamesabi uNkulunkulu babehlambalaza “abakhazinyulisiwe,” (NW) ngokusobala labo uNkulunkulu noKristu ayebanikeze inkazimulo ethile njengabadala abagcotshiwe. Masingabonisi indelelo ngegunya elivela kuNkulunkulu!

Izibonelo ezimbi zikaKayini, uBalami, noKora zalandelwa abantu abangamesabi uNkulunkulu. Babangela usongo olungokomoya olufana namadwala acashe ngaphansi kwamanzi futhi babenjengamafu angenamanzi nemithi esishuliwe, efile engatheli lutho olunenzuzo. Lezozihlubuki futhi zazikhononda, zisola, futhi ‘zitusa ubuso ngenxa yenzuzo [yazo siqu].’

Qhubeka Umelana Nawo

Ngokulandelayo uJuda wanikeza iseluleko ngokumelana namathonya amabi. (Amavesi 17-25) Kwakuyoba nabahleki bosulu “ngesikhathi sokugcina,” futhi amaKristu eqiniso namuhla kumelwe abakhuthazelele kanye namazwi abo okubhuqa. Ukuze simelane namathonya amabi anjalo, kufanele sizakhele “ekukholweni” kwethu “okungcwele kakhulu,” sithandaze ngomoya ongcwele, futhi sizigcine sisothandweni lukaNkulunkulu, kuyilapho silindele ukuba kubonakaliswe umusa kaJesu.

Ngokusobala njengoba befeza indima yabafundisi bamanga, abantu abangamesabi uNkulunkulu babebangela abanye ukuba babe nokungabaza. (Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:1-3.) Futhi yini abangabazayo ababeyidinga? Phela, usizo olungokomoya lokuba bahlwithwe “emlilweni,” ukubhujiswa kwaphakade! (Mathewu 18:8, 9) Kodwa abesaba uNkulunkulu akudingeki besabe lesosiphetho, ngoba uJehova uyobavikela ‘ekukhubekeleni’ esonweni nasembubhisweni elindele izihlubuki.

[Ibhokisi ekhasini 31]

Amadwala Acashile: UJuda waxwayisa amaKristu ayekanye nawo ‘ngamadwala acashe ngaphansi kwamanzi emadilini awo othando.’ (Juda 12, NW) Zinothando lokuzenzisa ngabakholwayo, izihlubuki ezinjalo zazinjengamadwala acijile angaphansi kwamanzi ayengaphula imikhumbi noma asike futhi abulale ababhukudi. Amadili othando kungenzeka ayengamadili amaKristu achumile ngokwezinto ezibonakalayo ayememela kuwo amakholwa akanye nawo ampofu. UBaba Wesonto uChrysostom (347?–407 C.E.) wathi: “Bonke babehlangana edilini likawonk’ uwonke: abacebile beza nokudla, futhi kumenywe abampofu kanye nalabo abaswele, bonke babehlanganyela edilini ndawonye.” Kungakhathaliseki ukuthi ayenjani amadili othando akuqala, isixwayiso sikaJuda sasiza abathembekile ukuba baxwaye ‘amadwala acashile’ ezihlubuki ayengaletha ukufa okungokomoya. Nakuba amaKristu ayengayaliwe ukuba abe namadili othando, futhi nanamuhla awenziwa, abantu bakaJehova bayasizana ngezinto ezibonakalayo ngezikhathi zokuswela futhi baba nobungane obujabulisayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela