Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 10/15 kk. 3-4
  • Izingozi—Zingenxa Yokudalelwa Noma Izimo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingozi—Zingenxa Yokudalelwa Noma Izimo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe IBhayibheli Liyayifundisa Inkolelo Yokudalelwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Ukudalelwa Noma Yingozi Nje?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Ukukholelwa Ekudalelweni Kubusa Ukuphila Kwakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukufuna Isiphetho Somuntu
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 10/15 kk. 3-4

Izingozi—Zingenxa Yokudalelwa Noma Izimo?

NJENGOBA uCristina, umkhangisi obukekayo osemusha, ayewela uMgwaqo uNove de Julho omatasa eSão Paulo, eBrazil, akazange alibone ibhasi elaliza. Umshayeli wazama ngokusemandleni ukumisa lesithuthi sakhe, kodwa kwase kwephuze kakhulu. UCristina washayiswa yilelibhasi futhi wafa.

Lengozi edabukisayo yaba umbiko osekhasini lokuqala ephephandabeni laseBrazil iEstado de S. Paulo. (July 29, 1990) Kodwa kwakumane kungokunye ukufa kwabantu abangu-50 000 okwenzeka emgwaqweni unyaka ngamunye eBrazil. Futhi nakuba izinkulungwane eziningi ngokwengeziwe zikhubazeka ngenxa yezingozi ezinjalo, abanye baphuma bengenamyocu. Pho-ke, kungani lentombazanyana ingasindanga? Ingabe yayinqunyelwe kusengaphambili ukuba ife ngalolosuku?

Abantu abangenakubalwa bangagomela ngokuthi lokhu kunjalo. Bakholelwa ekudalelweni, ekutheni izenzakalo eziyinhloko, njengesikhathi sokuba umuntu afe, zinqunywa kusengaphambili. Lenkolelo iye yazala izinkulumo ezinjengokuthi “Akekho ongalwisana nokunqunyelwa kusengaphambili,” “Isikhathi sakhe sesifikile,” noma “Okwenzekile kufana nokudaliweyo.” Ingabe likhona iqiniso ezinkulumweni ezithandwayo ezinjengalezi? Ingabe simane nje siyizisulu zokudalelwa?

Inkolelo yokudalelwa, noma umbono wokuthi zonke izinto zinqunywa kusengaphambili, yayandile phakathi kwamaGreki namaRoma asendulo. Ngisho nanamuhla lomqondo usenamandla ezinkolweni eziningi. Ngokwesibonelo, ubuIslam bubambelele emazwini eKoran: “Awukho umphefumulo ongafa ngaphandle kwemvume ka-Allah nangesikhathi esimisiwe.” Ukukholelwa ekudalelweni kuvamile futhi kweLobukholwa futhi kuye kwakhuliswa imfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili, eyafundiswa uJohn Calvin. Ngakho-ke, kuvamile ukuba abefundisi batshele izihlobo ezisosizini ukuthi ingozi ethile “ibiyintando kaNkulunkulu.”

Nokho, umbono wokuthi izingozi ziwumphumela wokudalelwa uphambene nokucabanga okuvamile, okuhlangenwe nakho, nokuba nengqondo kokucabanga kanjalo. Ngokwesibonelo, izingozi zezimoto azinakuba umphumela wokungenela kwaphezulu, ngoba ukuhlola kokucophelela ngokuvamile kuyokwembula imbangela enengqondo ngokuphelele. Ngaphezu kwalokho, imininingwane ibonisa ukuthi ukuthatha izixwayiso ezinengqondo—njengokuzibopha ngebhande lokuphepha—kulinciphisa kakhulu ithuba lokuba kwenzeke ingozi ebulalayo. Ingabe izixwayiso zokuphepha zingayibhuntshisa ngempela intando kaNkulunkulu enqunywe kusengaphambili?

Nokho, ukukholelwa ekudalelweni kumthonya kabi lowo okukholelwayo. Ingabe akukhuthazi izenzo zobuwula, njengokungalinaki ijubane elinqunyiwe nezimpawu zomgwaqo noma ukushayela uphuze uphuzo oludakayo noma edle izidakamizwa? Okungathi sína ngokwengeziwe, ukukholelwa ukuthi zonke izinto zinqunywa kusengaphambili kubangela abanye abantu ukuba basole uNkulunkulu lapho behlelwa ingozi. Bezizwa bethukuthele futhi bengenakuzisiza, futhi beqiniseka ukuthi uNkulunkulu akanandaba, bangase balahlekelwe ngisho nawukholo. Imbongi uEmerson ngokufaneleke kakhulu yathi: “Isici esidabukisayo nesibuhlungu kakhulu ekuphileni siwukukholelwa ekuDalelweni noma ekuNqunyelweni kusengaphambili okunonya.”

Kodwa ingabe iBhayibheli lithini ngokuhlupheka nezingozi? Ingabe liyakufundisa ngempela ukuthi lokhu kuwumsebenzi wokudalelwa? Ngaphezu kwalokho, lithini ngamathemba ensindiso? Ingabe kukhona ukuzikhethela esinakho kulendaba?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

“Isici esidabukisayo nesibuhlungu kakhulu ekuphileni siwuku-kholelwa ekuDalelweni noma ekuNqunyelweni kusengaphambili okunonya.”—Ralph Waldo Emerson

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela